Vikela Ingane Yakho Ezingozini
Ngumlobeli we-Phaphama! eSweden
UHANNA, oneminyaka engaba mithathu ubudala, wayekanye nabazali bakhe, uKarl-Erik noBirgitta, lapho behlanza indlu kamakhelwane owayeshonile. Ngemva kwesikhathi esithile, uHanna waphuma ephethe ibhodlela lamaphilisi. Wayesewadlile amanye. Kwaphela nasozwaneni kuBirgitta lapho ebheka ibhodlela. Kwakuyibhodlela lamaphilisi enhliziyo alo makhelwane.
UHanna waphuthunyiswa esibhedlela, lapho alaliswa khona egumbini lababangwa nezibi. Nakuba ayephuze isilinganiso samaphilisi esasingaba yingozi, wasinda. Ngani? Ngoba wayesanda kudla iphalishi lapho egwinya la maphilisi. Obunye ubuthi bala maphilisi bamuncwa yiphalishi, elaphuma lapho ebuyisa.
Lokhu okwehlela uHanna kuyinto ejwayelekile. Nsuku zonke, izinkulungwane zezingane emhlabeni wonke zehlelwa yizingozi ezidinga ukuba ziyiswe kudokotela noma esibhedlela. Unyaka ngamunye, ingane eyodwa kweziyisishiyagalolunye eSweden iyelashwa ngemva kokwehlelwa yingozi. Ngakho, uma ungumzali, maningi amathuba okuba kwenzeke okufanayo enganeni yakho.
Ngokuvamile izingane zilimala endaweni eziyijwayele, njengasekhaya nasegcekeni. Indlela ezilimala ngayo ishiyana ngokukhula kwazo. Usana lungase luwe kalula etafuleni elishintshelwa kulo inabukeni noma lubindwe ukudla okuthile noma into ethile. Izingane ezincane zivame ukuwa lapho zigibela ezindaweni ezithile noma zishe lapho zithinta okuthile noma zilimale lapho zidla into ethile eziyitholayo. Izingane esezifunda esikoleni zivame ukulimala ezingozini zezimoto noma lapho zidlala ngaphandle.
Eziningi zalezi zingozi zingase zivinjelwe. Ngokukwazi ukubona ingozi kusengaphambili nokwazi izinga lokukhula kwengane yakho, ungavimbela ukulimala noma ngisho nezingozi ezibulalayo. Lokhu kuye kwafakazelwa uhlelo lokuphepha kwezingane oluye lwaqhutshwa eSweden kusukela ngo-1954. Ngaphambi kwaleso sikhathi, kwakufa izingane ezingaphezu kuka-450 minyaka yonke ngenxa yezingozi. Namuhla, lelo nani liye lehla laya cishe kwezingu-70 ngonyaka.
Ngaphakathi Endlini
Isazi sokusebenza kwengqondo yezingane, uKerstin Bäckström, sithi: “Ngeke ufundise izingane ezinonyaka, ezineminyaka emibili noma emithathu ubudala ukuba zigweme izingozi bese ulindela ukuthi zizokhumbula.” Ngakho-ke, umthwalo wokusiza ingane yakho ukuba igweme izingozi usemahlombe akho njengomzali—noma kwabanye abantu abadala ingane evame ukuhlala nabo.
Okokuqala, ake ubheke isimo emzini wakho. Sebenzisa uhlu lokuhlola olusebhokisini elihambisana nalesi sihloko. Mhlawumbe ezinye izinto zokuphepha azitholakali kuwo wonke amazwe noma ziyabiza. Nokho ngokuhlakanipha nangokubonelela, mhlawumbe ungase ucabange okuthile okungasebenza ezimweni zakho.
Ngokwesibonelo, uma amakhabethe akho asekhishini enezibambo ezigobile, ungase uwavale ngokufaka induku ezibambweni. Nesivalo sikahhavini ungase usivale ngendlela efanayo. Izikhwama zepulasitiki ziphephile uma uzibopha lapho uzibeka.
Mhlawumbe ungacabanga ngezinye izindlela ezilula zokuvimbela izingozi emzini wakho futhi ungazihlanganyela nabangane kanye nabanye obajwayele abanezingane ezincane.
Ngaphandle
Bheka izindawo okudlala kuzo ingane yakho. Ngokuvamile izingane ezineminyaka engaphezu kwemine zilimala lapho zidlala ngaphandle. Ziyawa zilimale noma mhlawumbe ziwe lapho zigibele ibhayisikili. Izingozi ezibulalayo ezivame ukwenzeka ngaphandle ezehlela izingane ezineminyaka ephakathi kwemithathu nengu-7 ubudala, ukushayiswa yimoto noma ukugwiliza.
Uma uhlola izindawo zokudlala, bheka ukuthi izinto zokudlala zisesimweni esikahle yini ukuze ingane ingalimali uma idlala ngazo. Ingabe ngaphansi komshwibo, umjikelo nokunye okunjalo kukhona izinto ezithambile, njengesihlabathi, ukuze ingane ingalimali uma iwa?
Ingabe kunamadamu amanzi noma imisele eduze nakwakho? Amanzi nje amancane angayigwilizisa ingane enonyaka owodwa noma emibili ubudala. Isazi sokusebenza kwengqondo yezingane uBäckström, sithi: “Uma ingane encane iwela emanzini ngobuso, iyadideka ingazi ukuthi kukuphi phansi noma phezulu. Ingane ayibe isakwazi ukuvuka.”
Ngakho-ke, umthetho obaluleké kakhulu yilo: Ungalokothi uvumele ingane enonyaka owodwa kuya kwemithathu ubudala idlale yodwa ngaphandle engekho umuntu omdala oyigadile. Uma kunamanzi amaningi kuleyo ndawo, linda ingane ize ikhule ngokwanele ngaphambi kokuba uyivumele idlale ingagadiwe.
Emgwaqweni
Yindaba efanayo uma nakhe eduze komgwaqo. “Ojahidada baqonda imiyalezo elula kuphela futhi bagxilisa ingqondo entweni eyodwa ngesikhathi,” kuphawula uBäckström. “Kodwa kunzima ukuqonda izinto ezenzeka emgwaqweni ezingacacile.” Ungayivumeli ingane yakho yeqe umgwaqo iyodwa uma ingakafundi esikoleni. Ochwepheshe bathi izingane akufanele zihambe zodwa ngebhayisikili emgwaqweni onezimoto eziningi uma zingakabi neminyaka okungenani engu-12 ubudala.
Fundisa ingane yakho ukuba ifake isigqoko sokuvikela uma igibele ibhayisikili, ihhashi, ifake izicathulo zokushwibeka noma uma idlala nge-toboggan. Kunzima ukwelapha amanxeba asekhanda futhi angayikhubaza ingane—kanti ingafa nokufa! Komunye umthola-mpilo wezingane, izingane ezingamaphesenti angu-60 ezelashelwa izingozi zamabhayisikili zazilimale ekhanda nasebusweni, kodwa ezazifake izigqoko zokuvikela zazingalimalanga kakhulu ekhanda.
Futhi qiniseka ukuthi ingane yakho iphephile uma nihamba ngemoto. Emazweni amaningi kunemithetho ethi izingane ezincane maziboshelwe ezihlalweni zesivikelo ezisemotweni ezenzelwe izingane ngokukhethekile. Lokhu kuye kwalinciphisa kakhulu izinga lezingozi nokufa kwezingane ezihileleka ezingozini zezimoto. Uma zitholakala izihlalo zesivikelo lapho uhlala khona, ukuzisebenzisa kungaqinisekisa ukuphepha. Kodwa-ke qiniseka ukuthi zigunyazwe ngokomthetho. Phawula ukuthi izihlalo zezinsana zihlukile kwezezingane ezisukela eminyakeni engaba mithathu ubudala.
Izingane zethu ziyisipho esiyigugu esivela kuJehova, futhi sifuna ukuzinakekela ngayo yonke indlela. (IHubo 127:3, 4) Njengabazali abakahle, uKarl-Erik noBirgitta bebelokhu bekukhathalela ukuvikela izingane zabo—ngaphambi kwesenzakalo esehlela uHanna nangemva kwaso. UKarl-Erik uyavuma: “Kodwa-ke sase sihlala siqaphe nakakhulu ngemva kwaleso senzakalo.” UBirgitt ephetha, wathi: “Manje sesinabazukulu futhi sihlale siqiniseka ukuthi imithi isendaweni ehlala ikhiyiwe.”
[Ibhokisi ekhasini 22]
Ukuphepha Ekhaya Lakho
• Imithi: Yigcine ekhabetheni elikhiywayo lapho izingane zingenakufinyelela khona. Kungokufanayo nemithi evamile namakhambi. Futhi, cela izivakashi ezizolala kwakho ukuba ziyibeke endaweni ephephile imithi yazo.
• Amakhemikhali asendlini: Wabeke ekhabetheni elikhiywayo lapho izingane zingenakufinyelela khona. Wagcine emabhodleleni awo ukuze abonakale kalula. Qaphelisisa lapho uwasebenzisa, futhi wabeke kude ngaso sonke isikhathi, ngisho noma uphuma isikhashana nje endlini. Ungazishiyi izinsalela zomuthi wokuhlanza emshinini wokugeza izitsha.
• Isitofu: Ungazibhekisi ngaphandle izibambo zamapani esitofwini. Beka into yokuvikela amabhodwe uma ikhona. Fakela isitofu insimbi evimbela ukuketuka ukuze ingane iphephe uma kungenzeka igibele esivalweni sikahhavini esivuliwe. Isivalo sikahhavini naso kufanele sibe nendlela yokusikhiya. Ingabe ingane ingasha uma ithinta isivalo sikahhavini? Uma kunjalo, faka isivikelo noma isihenqo ukuze ingane ingasithinti isivalo esishisayo.
• Izinto zasendlini eziyingozi: Imimese, izikele nezinto eziyingozi kufanele zigcinwe emakhabetheni noma emashalofwini akhiywayo noma angaphumi noma zibekwe lapho izingane zingafinyeleli khona. Uma usebenzisa izinto ezinjalo bese uzibeka eceleni okwesikhashana, ungazibeki onqenqemeni lwetafula noma lwekhabethe lapho izingane zingafinyelela khona. Umentshisi nezikhwama zepulasitiki nazo ziyingozi ezinganeni ezincane.
• Izitebhisi: Faka imigoqo, okungenani engamasentimitha angu-70 kuya kwangu-75 ukuphakama, nhlangothi zombili zezitebhisi.
• Amafasitela neminyango kavulandi: Faka izinto ezizovimbela izingane ukuba zingaphumi noma amaketanga amade noma yini enye ezovimbela ingane ukuba ingavuli noma ichushe uma kuvulelwe ukuba indlu ishaywe umoya.
• Amashalofu ezincwadi: Uma ingane ithanda ukukhwela ikotele ezintweni, wakhele odongeni amashalofu ezincwadi nenye ifenisha ephakeme ukuze ingawi.
• Izindawo zokuxhuma izinto zikagesi nezintambo zikagesi: Izindawo zokuxhuma izinto zikagesi ezingaxhunywe lutho kufanele zibe nento yokuzivala. Izintambo zezibani zasetafuleni nokunye kufanele kuxhunywe odongeni noma efenisheni ukuze ingane ingasidonsi isibani bese siwela phezu kwayo. Ngalé kwalokho, zisuse izibani ezinjalo. Ungayishiyi insimbi yoku-ayina phezu kwebhodi loku-ayina, futhi ungayiyeki intambo ilengele phansi.
• Amanzi ashisayo: Uma kunendlela yokunciphisa izinga lokushisa lamanzi akwakho, kufanele ulinciphise lifike cishe ku-50o C. ukuze ingane ingayobuki uma ivulela umpompi.
• Amathoyizi: Walahle amathoyizi abukhali noma acijile emakhoneni. Lahla amathoyizi amancane noma amathoyizi angase ahlukaniswe abe yizicucu, ngoba angayibinda ingane uma iwafaka emlonyeni. Amehlo namakhala onodoli bengane kumelwe angaxegi. Fundisa abafowabo nodadewabo abadala ukuba basuse amathoyizi abo amancane uma ingane igaqa phansi.
• Uswidi nokuhlafunwayo: Ungashiyi uswidi nokuhlafunwayo, njengamantongomane noma uswidi oqinile lapho ingane ingafinyelela khona. Kungase kuyibinde ingane.
[Umthombo]
Source: The Office of the Children’s Ombudsman
[Ibhokisi ekhasini 22]
Uma Kwenzeka Ingozi
• Ubuthi: Uma ingane igwinye uketshezi olunobuthi, yixubhise kahle bese uyiphuzisa ingilazi eyodwa noma ezimbili zamanzi noma ubisi. Yibe usuthinta udokotela noma isikhungo sokwaziswa ngobuthi ucele usizo. Uma ingane ingenwe okuthile okulimaza amehlo, wageze ngokushesha ngamanzi amaningi okungenani imizuzu eyishumi.
• Amanxeba okusha: Uma ishe kancane, thela amanzi abandayo (hhayi abanda qá) enxebeni okungenani imizuzu engu-20. Uma inxeba lilikhulu kunentende yesandla sengane noma lisebusweni, elungwini, esiswini noma ezithweni zobulili, kufanele uyiphuthumise esibhedlela. Amanxeba amakhulu esikhunjeni kufanele elashwe udokotela ngaso sonke isikhathi.
• Ukubindwa: Uma ingane ibindiwe, kumelwe ukhiphe into eyibindile ngokushesha. Enye indlela ephumelelayo ongayisebenzisa inqubo kaHeimlich yokusiza umuntu obindiwe. Uma ungayazi, thintana nodokotela wakho ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale nqubo, noma wenze izifundo zezingozi zezingane noma zosizo lokuqala lapho kufundiswa khona ngale nqubo.
[Umthombo]
Source: The Swedish Red Cross
[Isithombe ekhasini 23]
Ukufaka isigqoko sokuvikela lapho ingane igibele ibhayisikili
[Isithombe ekhasini 23]
Ukuphepha esihlalweni semoto