Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izisulu Zokuhlukunyezwa Ngiyabonga kakhulu ngokunyathelisa isihloko esithi “Usizo Ngezisulu Zokuhlukunyezwa.” (January 8, 2000) Ukuqonda okujulile nozwela esaluveza kwangisiza ukuba ngisebenzise lokhu kwaziswa ezinkingeni zami.
B. R., United States
Ngathola umyalezo ovela kumngane wami. Wawuthi: ‘Lesi sihloko sikhuluma ngami. Ngicela usifunde.’ Le ncwadi yangidabukisa, ngoba nguyena owangiqhubela isifundo seBhayibheli emuva ekuqaleni kwawo-1970. Ngangingasazi isimo ayebhekene naso. Kwangiduduza ukuthi ninyathelise indaba engagunci ngosizi olungokomzwelo lwezisulu ezisemhlabeni wonke eziye zahlupheka ngenxa yabanye abantu.
L. W., United States
Iculo Elikhumbulekayo Ngiyabonga ngesihloko esifushane esithi “Iculo Elagxila Kuye.” (December 22, 1999) Ngempela le ngoma enhle iletha udumo kuJehova futhi yenza umuntu ahlengezele izinyembezi. UFranz Schubert wayengesabi ukusebenzisa igama likaJehova eliphakeme.
K. C., United States
Ukuze abafundi balo magazini bazuze, ingoma ethi “Die Allmacht” (Opus 79, No. 2), nakuba ingeyenkolo, yayingabhalelwanga ukusetshenziswa emasontweni. Kubikwa ukuthi uSchubert wayiqamba eshukunyiswa ubuhle bezintaba zase-Austria.—ED.
Ukuklanywa Kwemvelo Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-30 ngifunda i-Phaphama!, kodwa ngizizwa ngishukumiseleka ukuba ngibonge ngochungechunge oluthi “Ukuphila—Kwaba Khona Ngenxa Yokuklanywa.” (January 22, 2000) Angizithandisisi ngempela izihloko zesayensi, kodwa ngazithola ngingakwazi ukuzibeka phansi lezi zihloko okwakulula ukuzifunda.
T. E., United States
Lezi zihloko zakhulisa uthando lwami nokwazisa ngoJehova. Manje sengiyabona ukuthi ukuphila okuphakade ePharadesi akusoze kwaba yisicefe. Kuyohlale kunezinto ezimangalisayo esiyozifunda ngoMdali wethu. Inqubo yokufunda ayisoze yaphela.
J.R.A., Brazil
Kubonakala sengathi kunephutha ekhasini 7, elikhuluma ngo-gearbox wempukane. Ingabe naniqonde ukuthi “uxhumanisa izimpiko”?
P. S., United States
Cha, sasingaqondile ukusho kanjalo. Siyaxolisa ngalelo phutha. Sasiqonde ukuthi uxhumanisa “injini” nezimpiko—ngelithi “injini” siqonde imisipha yesifuba ebambe izimpiko.—ED.
Sekuyiminyaka eminingi ngisebenza emnyango wezocwaningo wenkampani enkulu yama-computer, futhi ngiyakuthakazelela ukusebenzisa imiklamo etholakala emvelweni. Kodwa bengingaqapheli ukuthi manje sekunomkhakha okhethekile wesayensi osebenza ngale nqubo, okuthiwa i-biomimetics. Kuyadabukisa ukuthi abaningi abahileleke ekulingiseni imvelo kangaka mhlawumbe ngeke bamdumise uMklami wokuqala.
P. G., United States
Lesi sihloko sabhalwa ngobuchwepheshe. Abanye abantu engibanike sona baye baveza umbono omuhle ngendlela uNkulunkulu angenza ngayo yonke into iphelele ngaphandle kokubanga ukungcola. Ngomsebenzi wenu, nikwenze kwaba lula ukufunda indaba elukhuni.
R.D.S., Italy
Izingozi Ze-Internet Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingazigwema Kanjani Izingozi Ze-Internet?” (January 22, 2000) saveza umbono omuhle olinganiselayo ngezinzuzo nezingozi ze-Internet. Njengomuntu osebenzisa i-Internet nsuku zonke emsebenzini, ngitholé ukuthi izingozi zihlale zikhona. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukugwema lezo zingozi!
J. L., United States