“Nibhalé Ngokuphila Kwami!”
Sekuyiminyaka i-Phaphama! inyathelisa izihloko ezimayelana nezifo ezihlukahlukene. Yiqiniso, i-Phaphama! ayiwona umagazini wezempilo, ngakho ayiphakamisi ukwelashwa okuthile ngaphezu kokunye. Noma kunjalo, lapho ukhuluma ngesifo esithile, lo magazini ulwela ukuchaza inkinga, uchaze izimbangela futhi unikeze neseluleko esingokomBhalo nesisebenzisekayo ukuze kuzuze labo abaphethwe yileso sifo nabanakekeli babo.
Ngokwesibonelo, isihloko esithi “Ukuqonda Nokuphila Ne-fibromyalgia,” esanyatheliswa kumagazini ka-June 8, 1998, sashukumisa umhlaba wonke. Empeleni, kwakusafika izincwadi zokubonga ngisho nangemva kwezinyanga eziningi lesi sihloko sanyatheliswa. Omunye wesifazane wabhala: “Ngizwa sengathi kususwe intaba phezu kwami.” Enezela, omunye wabhala: “Kwakusengathi nibhalé ngokuphila kwami! Manje sengiyazi ukuthi ngingabhekana kanjani nalesi sifo.”
Nochwepheshe basazisa lesi sihloko. Oyisekela elikhulu likamongameli wezokwelapha we-Arthritis Foundation e-United States wabhala: “Ngicabanga ukuthi isihloko esikhuluma nge-fibromyalgia siyalinganisela, siphelele futhi siwusizo kakhulu. Ngikushayela ihlombe nokuhlanganiswa kwemibhalo yeBhayibheli nokubaluleka kokholo kulesi simo nakuzo zonke ezinye izimo zezokwelapha.”
Kwafika nezinye izincwadi eziningi. Nakhu okucashunwe kwezinye zazo.
“Udokotela wangikhuthaza ukuba ngifunde yonke into engingayithola mayelana nalesi sifo. Isihloko senu sidl’ ubhedu kwengake ngazifunda.”—L. R.
‘Baningi abantu abaye bangibuza ngesifo sami. Bengivame ukubanika ipheshana elisichazayo. Manje ngingababonisa le Phaphama! Ngempela akukho okududuza njengayo!’—K. K.
‘Lesi sihloko sangiqinisekisa ukuthi angisona isehluleki nokuthi uJehova usangibheka njengobalulekile.’—D. C.
“Ngokokuqala ngqá, ngezwa sengathi kukhona abantu abakuqondayo lokho engibhekene nakho.”—C. H.
‘Kuyaduduza ukwazi ukuthi asihlupheki sodwa.’—C. A.
‘Ngiyakhathazeka kakhulu ngokuthi angisakwazi ukwenza engangivame ukukwenza. Lesi sihloko ngizosigcina eduze nombhede wami ukuze ngilokhu ngisifunda uma ngidinga isikhuthazo.’—K. B.
‘Kuze kube manje, bengilokhu ngiziziba izinhlungu, ngizikhandla kakhulu, kodwa bese ngiyaquleka. Indlela eniyivezile ibonakala izothuthukisa isimo sami.’—M. C.
“Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi kwatholakala ukuthi ngine-fibromyalgia lapho ngineminyaka engu-12 ubudala. Kwangenza ngahlengezela izinyembezi ukwazi ukuthi uJehova uyasikhathalela. Ngicela niqhubeke nokubhala izihloko ezikhuthaza njengalesi!”—K.A.M.