Ukuqonda Nokuphila Ne-fibromyalgia
INGABE umzimba wakho wonke uyaqaqamba? Ingabe ukhathala ube yingcuba? Ingabe lapho uvuka ekuseni umzimba usuke uqinile futhi ukhathele? Ingabe inkumbulo yakho iyaphazamiseka ngezinye izikhathi? Lezi kungaba izimpawu ezimbalwa ze-fibromyalgia syndrome (FMS).
UTed uthi: “Ngeke ngilulibale usuku lapho ngavuka ekuseni ngo-1989 ngikhubazekile, ukukhubazeka okwathatha imizuzu engu-45.”a Yaqala kanjalo impi kaTed yokulwa ne-fibromyalgia, ngokuyisisekelo leli gama lisho ukuthi “ukuqaqamba kwemisipha nezicubu.”
Mhlawumbe umngane wakho noma ilungu lomkhaya line-FMS. Ungasiza kanjani? Noma uma unayo, yini engenziwa? Ukuba nolwazi oluphelele ngayo kuyisinyathelo esikhulu sokuyiqonda nokuphila nayo le nkinga. Nokho, akubona bonke abantu abanalezi zimpawu ezingenhla abane-FMS.
Ukuchaza I-fibromyalgia
Ngokwe-American College of Rheumatology, “i-fibromyalgia itholakala kumuntu uma enomlando wokuba nezinhlungu ezingamahlalakhona ezikuyo yonke indawo nangezindawo ezithile ezizwela ukushisa ezitholwa udokotela.” Zikhona nezinye izimpawu, ezinye zazo zifana nezesifo sokukhathala esingamahlalakhona (chronic fatigue syndrome [CFS]).
Empeleni, abantu abaningi abane-FMS banayo ne-CFS kanye nezinye izifo. Ukucindezeleka kanye nokukhathazeka ngokweqile kuvamile kubantu abane-FMS, futhi kubonakala sengathi i-FMS iyimbangela yalezi zinkinga hhayi umphumela wazo. I-FMS ingadlangiswa izimo zangaphandle ezinjengokuvilapha noma ukuwukhandla ngokweqile umzimba, ukufika komsinga obandayo, ukungalali ebusuku noma ukucindezeleka ngokweqile.
I-FMS ngaphambili eyayaziwa ngamagama ahlukahlukene kuhlanganise nelithi fibrositis, ayigogi noma ikwenze ukhubazeke, futhi ayibulali yona ngokwayo. Nakuba kungenakushiwo ngokuqiniseka ukuthi i-FMS itholakala ngofuzo, iye yatholakala emalungwini angaphezu kwelilodwa kweminye imikhaya. Izigidi zabantu zinayo futhi iphatha abantu asebekhulile babo bonke ubudala, kanti ivame kakhulu kwabesifazane kunasemadodeni.
Izimbangela Ze-FMS
Kuye kwashiwo izinto ezihlukahlukene okuthiwa ziyimbangela ye-FMS. Kungenzeka kube igciwane noma ukungabi sesilinganisweni esikahle kwe-serotonin yezinzwa, okuphazamisa ukulala, kanye nokungalingani kwamakhemikhali anjengama-endorphin, ayiziqeda-nhlungu zomzimba ezingokwemvelo. Kusaqhubeka ukucwaninga ngalokhu kanye nezinye izinkolelo-mbono.
Uma kubhekwa izicubu zalabo abane-FMS ngesibonakhulu zibonakala zinempilo, kodwa izingxenye ezakha amandla zamangqamuzana kungenzeka zingasebenzi kahle. Izimbangela zayo kanye nekhambi lalokhu, akwaziwa. Ezimweni eziningi abantu balandisa ngesenzakalo esibuhlungu esingokomzimba noma esingokomzwelo esabangela izimpawu zalesi sifo, kuyilapho kwabanye saqala ngesinyenyela.
Izinkinga Zokuthola I-FMS Ngokuxilonga
Njengoba eziningi zezimpawu zayo zitholakala nakwezinye izifo, uDkt. Carla Ockley, waseCanada, uthi: “Akuvamile ukuba kusolwe i-FMS zisuka nje uma isiguli sifika kudokotela siqaqanjelwa amalunga. Uma inkinga iphikelela ngemva kokuya kaningana kudokotela, sibe-ke sesisihlolisisa. Uma ngithola ukuthi i-FMS, ngokuvamile isiguli ngisithumela kudokotela wamathambo ukuze aqinisekise ukuthi kunjalo ngempela yini.”
Nokho, ibingekho indlela yokuthola i-FMS ngokupopola, ngakho le nkinga ibingabonakali—okusho ukuthi, ibibonwa isiguli kuphela—futhi imiphumela yokuhlola ibingabonisi lutho. Ngakho, odokotela abaningi bebengayazi. Owesifazane okuthiwa uRachel uthi: “Ngaya kodokotela abahlukahlukene iminyaka engu-25 futhi ngachitha izinkulungwane zama-dollar ngaphambi kokuba kutholakale ukuthi ngiphethwe i-FMS.”
Khona-ke, usizo ungalutholaphi uma ucabanga ukuthi une-fibromyalgia? Encwadini yakhe ethi When Muscle Pain Won’t Go Away, uGayle Backstrom usikisela ukuba uthintane negatsha lalapho uhlala khona le-Arthritis Foundation noma udokotela wesifo samathambo.
Indlela Yokuyelapha
Kuze kube manje, ayikho indlela eqinisekile yokwelapha i-FMS esitholakele, ngakho ngokuvamile kumane nje kwelashwe izimpawu zayo. Esinye sezici eziyinhloko siwubuhlungu, obungafani kumuntu ngamunye nobuhlukayo usuku ngalunye ngisho nakumuntu ofanayo, njengoba kunjalo nangezinye izimpawu zezifo.
Okwenezelayo kule nkinga ukuthi iziqeda-nhlungu nezinye izindlela zokwelapha zibonakala zingasebenzi ngokuhamba kwesikhathi. UGayle Backstrom usikisela ukuthi: “Ngokuvamile uma uziyeka ubuye uzizame kamuva, ziphinde zisebenze.” Yiqiniso, kufanele uqale uthintane nodokotela wakho. Kunengozi futhi yokuthi zingaba nemiphumela engemihle noma zikwenze umlutha wazo. Ngakho, “izidambisa-nhlungu ezinamandla kufanele zigwenywe,” kutusa i-American College of Rheumatology.
Isici sesibili esikhulu siwukungalali kahle ngenxa yobuhlungu nokunye ukuphazamiseka. UMelanie usebenzisa umcamelo omkhulu osekela umzimba ukuze adambise izinhlungu kanye nesinciphisa-msindo somshini womswakama ukuze anciphise umsindo ongaphandle. Olunye usizo lungahlanganisa izinto zokuvala izindlebe kanye nento esasiponji noma umatilasi othambile.b UDkt. Dwayne Ayers waseNyakatho Carolina uthi: “Lapho nje sengizisizile iziguli zami ukuba zilale kangcono, umzimba wazo usabela kangcono nakwezinye izindlela zokwelapha.”
Ngokwe-National Institute of Arthritis and Musculoskeletal and Skin Diseases, “iziguli ezine-fibromyalgia zingazuza uma ukwelapha kuhlanganisa ukuvivinya umzimba, imithi, ukubutuzwa kwezicubu zomzimba nokuphumula.” Okunye ukwelapha kungahlanganisa ukubhucunga umzimba, ukulawula ukucindezeleka kanye nokuvivinya umzimba ngokuwelula. Nakuba kunjalo, kubantu abahlala benezinhlungu noma bekhathele, ukuvivinya umzimba kungabonakala kungenakwenzeka. Ngakho abanye batusa ukuba ukuqale kancane kancane. Futhi qikelela ukuba ubonane nodokotela wakho ngaphambi kokuba uqale noma ikuphi ukuvivinya umzimba.
Iphephandaba i-Fibromyalgia Network ka-July 1997, icaphuna uSharon Clark, isazi sezokuvivinywa komzimba nongumcwaningi ePortland, e-Oregon, ethi uma ungenakukwazi ukuvivinya umzimba imizuzu engu-20 noma engu-30, “ungahamba imizuzu emihlanu izikhathi eziyisithupha usuku ngalunye futhi kuyoba nemiphumela ezuzisayo.” Ukuvivinya umzimba ngokugxumagxuma ngokusesilinganisweni kwandisa ukukhiqizwa kwama-endorphin, kuthuthukisa izinga lokulala bese kufaka umoya-mpilo emzimbeni nasezicutshini.
Nokho abantu abefani, futhi kungenzeka i-FMS ibaphethe ngendlela engafani. U-Elaine uyasitshela: “Ngisuke ngenze lukhulu uma ngehle ngenyuka kanye egcekeni, kuyilapho umngane wami esisondelene naye one-FMS ehamba [amakhilomitha angu-1,5].” Lena akuyona indaba yokuthi uma ungazikhandli ngeke uzuze, kodwa ngokusobala isimo “esidinga ukukhuthazela.” UTed, one-CFS ne-FMS, uthi: “Ekuqaleni ngangikwazi ukuzivivinya ngebhayisikili kanye ngesonto imizuzu emibili noma emithathu kuphela. Manje sengizivivinya imizuzu engaphezu kuka-20 kathathu noma kane ngesonto. Kodwa kwangithatha iminyaka emine ukufinyelela lapho.”
Ike yacatshangelwa nendaba yokwelapha ngezinye izindlela, ezinjengokutshopa, ukwelapha ngokulungisa ukuma kwamathambo, kanye nezinye izinhlobo zokwelapha noma ukusebenzisa amakhambi noma ezinye izithasiselo zokudla. Nakuba abanye bevuma ukuthi baye baba ngcono ngokusebenzisa ezinye zalezi zindlela ezingenhla, abanye abazange babe ngcono. Abacwaningi basazihlolisisa ezinye zazo, kodwa imiphumela akukaqinisekwa ngayo.
Ngezinye izikhathi imithi ibangela iphango, noma ukudla kuba indlela yokubhekana nokukhathazeka. Nokho, ukukhuluphala kukhandla izicubu, okubangela izinhlungu ezengeziwe. Ngakho kwezinye izimo, udokotela angase atuse ukuba wehlise amakhilogremu ambalwa.
Umuntu one-FMS angase abe novalo nentukuthelo. Nokho, kunezindlela zokubhekana nemizwa evamile njengalena ukuze kungabi bikho olimalayo. Ukuba lusizi kungenye yezindlela abantu abasabela ngazo ngokuvamile. Kungokwemvelo ukudabuka uma silahlekelwa okuthile okuyigugu kithi njengempilo yethu.
Uma Ithinta Umsebenzi Wakho
Labo abane-FMS kungenzeka babe nezinkinga emsebenzini. ULi wayeseneminyaka esebenza kulo msebenzi, kodwa kwaba nzima ukuqhubeka ngenxa yempilo yakhe. Ngemva kokuxoxa nabaqashi bakhe, wakwazi ukuthola itoho kuyo leyo nkampani, futhi lokhu kwakunciphisa ukucindezeleka kwakhe. Okunye okwammangalisa ukuthi, lakhushulwa iholo ayelithola ihora ngalinye.
Ochwepheshe abelapha umzimba bangakusiza ukuba uthole izindlela zokwenza umsebenzi ngendlela engawukhandli umzimba wakho. ULisa wathola ukuthi ukusebenzisa isihlalo esinendawo yokubeka izingalo kwakusiza. UYvonne kwatuswa ukuba angatholi nje isihlalo esihlukile kuphela kodwa futhi athole nelinye ideski. Kodwa uma kudingeka ushintshe umsebenzi, zikhona izinhlangano ezingakusiza.
Indlela Ongasiza Ngayo
Ilungu ngalinye lomkhaya, ngisho nelincane, lingafunda nge-FMS futhi liqonde ukuthi nakuba umuntu ophethwe i-FMS ebonakala ephilile, unesifo esingamahlalakhona esibuhlungu nesikhathazayo. Kubalulekile nokukhulumisana okuhle. UJennie uthi: “Njalo siba nezingxoxo zomkhaya ukuze sibone ukuthi ngamunye wethu angasiza kanjani.” Isici esibalulekile sokuphila ne-FMS siwukuba lowo emphethe afunde ukonga amandla kuyilapho ekwazi ukufeza izinto ezithile. Lokhu kungadinga ukucabanga okuthile, kanye nokubambisana nabanye. Nalapha futhi, udokotela owelapha izicubu zomzimba angasiza.
Ungamsiza umngane one-FMS “ngokuba nendlebe elalelayo” kodwa engahluleli. Zama ukuxoxa ngezinto ezakhayo, kungaxoxwa njalo nge-fibromyalgia. Yini okufanele ishiwo noma okungafanele ishiwo? Ukuze uthole ukusikisela bheka ibhokisi elisekhasini 23. Uma une-FMS, zama ukuxoxa nabantu abehlukahlukene ‘abanendlebe elalelayo’ ukuze ungaxoxi nomuntu oyedwa aze acikeke. Futhi khumbula, akubona bonke abayothanda njalo ukutshelwa nge-FMS ekuphethe.
Ukuzivumelanisa Nezinguquko
Kwezinye izimo ziyasicasula izinguquko, ikakhulukazi esiphoqelekile ukubhekana nazo. Kodwa udokotela owelapha umzimba osesize iziguli ezine-FMS ezicishe zibe yikhulu uthi: “Ngizama ukubenza baqonde ukuthi kufanele basamukele isimo. Kudingeka futhi benze izinguquko ezithile ekuphileni kwabo futhi bangadunyazwa iziphazamiso zesikhashana noma iziqubu ezinzima zesikhashana. Ngokuzinakekela, ulwazi, ukuqonda nokuvivinya umzimba, bangakwazi ukulawula i-FMS yabo esikhundleni sokuyivumela ukuba ibalawule.”
UDave one-FMS, uthi: “Nakuba ukuthambekela kuwukuba ufeze okuningi ngezinsuku ozizwa ungcono ngazo, kungase kube ukuhlakanipha ukonga amandla akho uwongele usuku olulandelayo ukuze ungagcini usulale phansi isonto lonke.” Nakuba kunjalo, ngezinye izikhathi ungase ube nomuzwa wokuthi kungcono ukuya embuthanweni othile noma esenzakalweni esithile esikhethekile, bese uhlupheka kamuva. Akuhlakaniphile ukuzama njalo ukufihla ukuthi une-FMS, ikakhulukazi kulabo abakhathalelayo ngempela. Futhi zama ukuhleka. U-André uthi: “Ngithola ukuthi ngivame ukulala kangcono uma ngihleke kakhulu noma ngibuke uhlelo oluhlekisayo.”
Khumbula futhi ukuthi uJehova akawuqhathanisi umsebenzi wakho nowabanye kodwa uyalwazisa ukholo nothando olujulile olubonisayo. (Marku 12:41-44) Into ebalulekile iwukufunda ukwenza izinto ngokwamandla akho, ungatetemi noma ube onganaki. Thembela kuJehova uNkulunkulu ukuba akunike ukuhlakanipha namandla okwenza okusemandleni akho. (2 Korinte 4:16) Futhi khumbula isithembiso sesikhathi esiseduze esizofika lapho lo mhlaba uyoba ipharadesi, ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Yebo, ngolunye usuku uyophinda ube umqemane!
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b I-Phaphama! ayitusi noma imuphi umuthi wokulala, futhi ayitusi noma iyiphi indlela yokwelapha i-FMS.
[Ibhokisi ekhasini 22]
Induduzo EseBhayibhelini
• UJehova uyabasindisa abanomoya odabukileyo.—IHubo 34:18.
• UJehova uyakukuphasa.—IHubo 41:3.
• Phonsa yonke imithwalo yakho kuJehova; uyakukhathalela.—IHubo 55:22; 1 Petru 5:7.
• UJehova iyamjabulisa imizamo yakho yomphefumulo wonke yokumkhonza, kungakhathaliseki ukuthi leyo nkonzo incane kangakanani.—Mathewu 13:8; Galathiya 6:4; Kolose 3:23, 24.
• Asiyeki.—2 Korinte 4:16-18.
[Ibhokisi ekhasini 23]
Ongakusho
• Ngiyajabula ukukubona.
• Kumelwe ukuba wenze umzamo omkhulu wokuza lapha.
• Ngizele ukuzosiza. Ngiyakukhathalela.
• Ngiyakwazisa okwazi ukukwenza.
Okungafanele Ukusho
• Ngiyakuqonda obhekene nakho.
• Ubonakala uwumqemane. Uthi uyagula nje?
• Ungithinte uma udinga usizo.
[Umdwebo ekhasini 21]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amabala amnyama angezinye zezindawo ezizwela ubuhlungu ezibhekwayo lapho kupopolwa i-“fibromyalgia”
[Isithombe ekhasini 24]
Ukukhulumisana okuhle nezingxoxo zomkhaya kubalulekile