Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 12/8 k. 31
  • I-carbon Monoxide—Umbulali Onyenyelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-carbon Monoxide—Umbulali Onyenyelayo
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isakhi Esimangalisayo
    I-Phaphama!—2016
  • Ingabe Kufanele Simesabe USathane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Imijikelezo Esekela Ukuphila
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 12/8 k. 31

I-carbon Monoxide—Umbulali Onyenyelayo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI

MINYAKA yonke kufa abantu abangaba ngu-50 eBrithani ngenxa yobuthi be-carbon monoxide ebangelwa yizinto zokubasa ezingalungile endlini. ILondon Hazards Centre Trust iyabika: “I-carbon monoxide ilandela itshe-boya ngokuba yimbangela eyodwa enkulu yobuthi emsebenzini nasekhaya.” Iyini i-carbon monoxide?

I-carbon monoxide yigesi eyakheka lapho into ethile ingashi ngokuphelele, kungaba senjinini yemoto noma ezintweni ezibaswa ngamalahle noma ngezinye izinto, ikakhulukazi igesi. Ayinambala, ayinaphunga futhi ayinakunambitheka. Pho ibulala kanjani?

Amangqamuzana abomvu egazi athwala umoya-mpilo obalulekile oya ezicutshini zomzimba. Okwenza i-carbon monoxide ibe ubuthi ukuthi amangqamuzana abomvu egazi amunca yona kangcono kunomoya-mpilo. Ubuthi be-carbon monoxide buba namandla njengoba umzimba untula umoya-mpilo. Ukuhogela isilinganiso esincane sayo isikhathi eside kungabangela ukufa kobuchopho. Izimpawu zihlanganisa ubuhlungu bekhanda, ukozela, ubuthakathaka bomzimba, isiyezi, isicanucanu nokuquleka—kanti ezimweni ezimbi kakhulu, kungahlanganisa nokushayela phansi kwenhliziyo, isihlwathi nokuvaleka kwemigudu yokuphefumula. Uma umuntu ehogele i-carbon monoxide ngokweqile, kufanele anikezwe umoya-mpilo ngokushesha ukuze asizwe aphefumule ngaphambi kokuba ubuchopho bulimale—okubangela ukufa.

Yini engenziwa ukuze kugwenywe izingozi ze-carbon monoxide? Cela uchwepheshe ukuba afake futhi ahlole yonke imishini oyisebenzisa njalo. Uma ilangabi legesi liphuzi esikhundleni sokuba luhlaza, leso yisixwayiso sokuthi alivuthi ngendlela efanele futhi kungenzeka likhipha i-carbon monoxide. Manje sekunezinhlaba-mkhosi ze-carbon monoxide zasendlini ezinhlobonhlobo. Ungabi umuntu onganaki lapho usebenzisa imishini engase ikhiphe i-carbon monoxide.

[Isithombe ekhasini 31]

Ilangabi eliyingozi

[Isithombe ekhasini 31]

Ilangabi elifanele

[Isithombe ekhasini 31]

Manje sekunezinhlaba-mkhosi ze-“carbon monoxide” zasendlini ezinhlobonhlobo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela