Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 2/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Ukugula Okungalapheki—Indaba Yomkhaya
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Imikhaya Ebhekana Ngayo Nokugula Okungalapheki
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 2/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukugula Okungalapheki Sinezingane ezintathu—eyodwa ine-Down’s syndrome kanti enye ine-sickle-cell anemia. Muva nje, ingane ene-sickle-cell anemia iye yagula kakhulu futhi kwadingeka ukuba ilaliswe esibhedlela, okuye kwaba nzima kakhulu kithi sonke. Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova uphendula imithandazo yami lapho ngithola ikhophi ye-Phaphama! ka-May 22, 2000 enochungechunge oluthi “Ukubhekana Nokugula Okungalapheki Njengomkhaya.” Lezi zihloko zasinika isibindi sokukhuthazela mina nomkami. Zaqinisa nethemba lethu lokuthi maduzane akekho oyothi: “Ngiyagula.”—Isaya 33:24.

E.J.M., Brazil

Sinendodana eneminyaka engu-19 ubudala enesifo sokuphazamiseka kwengqondo. Siye safunda izincwadi eziningi ezikhuluma ngokugula kodwa asikaze siyifunde incwadi esingatha indaba yokugula ngokombono womkhaya, njengoba kwenza lezi zihloko. Zayichaza kahle indlela engikhandleka nengihlupheka ngayo ngokomzwelo, njengokungathi usizi lwami lubhalwe phansi.

H. T., Japan

Sekuyiminyaka eyishumi nginesifo esingalapheki esiya siba sibi, futhi yangithinta inhliziyo ngempela indlela enachaza ngayo ukuthi umuntu uzizwa kanjani. Ngezinye izikhathi kulula kakhulu ukuntengantenga ngokwengqondo nangokomoya, kodwa abazalwane bebandla lakithi baye babonisa ukuthi bafuna ukuluqonda usizi lwami. Ngamazwi anokuqonda, bangipha amandla okuba ngiqhubeke ngiphila.

M. M., Italy

Safunda lezi zihloko njengomkhaya. Indodakazi yami yaphathwa yisifo sezinso futhi sekuyiminyaka emihlanu isebenzisa umshini wezinso. Kuye kwaba nzima kakhulu kithi ukubhekana nalokhu. Iye yasinda ethunzini lokufa kaningi kangangokuthi sihlale sibambé amazinyo, sizibuza ukuthi inkinga elandelayo izohlasela nini. Kodwa iseluleko senu sasisihle kakhulu. Umuntu kufanele abonge ngosuku ngalunye. Nomthandazo ubalulekile. Kuyangisiza ukwazi ukuthi uJehova uyayiqonda imizwa yami.

S. J., United States

Inhliziyo yami yachichima ukwazisa lapho ngiqaphela ukuthi ukhona oqonda ubuhlungu bokugula okungalapheki! Ngiye ngabona womathathu amadodakazi ami ephathwa yisithuthwane ngokulandelana kwawo, njengami. Izihloko ezinjengalezi zisisiza ukuba sizuze ukuqonda futhi sibonise umqondo kaKristu.

G. L., United States

Izinhlwathi Ngihlala endaweni enezinhlwathi. Abantu bavame ukulandisa izindaba eziningi ngalezi zinyoka, kodwa kunzima ukwazi ukuthi kufanele ubakholelwe yini noma cha. Isihloko senu esithi “Izinhlwathi—Ingabe Zisambulela Izimfihlo Ezithile?” (May 22, 2000) sangisiza ukuba ngikhanyelwe yiqiniso, futhi saphendula yonke imibuzo yami ngalezi zimangaliso zendalo.

J.S.P., Brazil

Obaba Ababalekayo Sekuyiminyaka engu-25 ngifunda i-Phaphama!, futhi ngicabanga ukuthi le ndaba ayikaze isingathwe ngaphambili. (“Intsha Iyabuza . . . Obaba Ababalekayo—Bangabaleka Ngempela?” May 22, 2000) Kwake kwaxoxwa ngomama abangashadile, kodwa hhayi ngomthwalo wemfanelo wezinsizwa ezingobaba. Ngangingaqondi ukuthi kungani uma abantu ababili befebile, kuba umama nomntwana kuphela abahluphekayo. Ngakhulelwa ngineminyaka engu-19 ubudala. Isoka lami langilahla. Sizani niqhubeke nitshela intsha ukuba ‘ibalekele ubufebe.’—1 Korinte 6:18.

C. C., Spain

Inkundla Yeshashalazi YaseGreece Ngiswele amazwi okunitshela indlela engasijabulela ngayo isihloko esithi “Inkundla Yemidlalo Yeshashalazi Yase-Epidaurus—Isenjengoba Yayinjalo Emakhulwini Eminyaka.” (June 8, 2000) Ngangilindele ukuba lesi sihloko sishukumise ingqondo, futhi nangempela sasinjalo. Kodwa ngangingalindele ukuthi siqukethe ukwaziswa okuningi kangaka okungokomoya!

K. S., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela