Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/08 k. 3-k. 4 isig. 7
  • Ingabe Kunenkolo Eyodwa Yeqiniso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunenkolo Eyodwa Yeqiniso?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Iqiniso Elingokwenkolo Liyatholakala?
  • Ingabe Likhona Iqiniso Eliphelele?
  • Kungani Kufanele Sifune Iqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukulingisa UNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ungaliyeki Iqiniso Lidlule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 3/08 k. 3-k. 4 isig. 7

Ingabe Kunenkolo Eyodwa Yeqiniso?

Lowo mbuzo uyabacasula abanye abantu. Ngenxa yezinkolelo eziningi ezingokwenkolo emhlabeni wonke, banombono wokuthi umuntu othi nguye yedwa oneqiniso kumelwe ukuba unomqondo ovalekile, futhi uyazidla. Kubonakala sengathi ngokuqinisekile kukhona okuthile okuhle kuzo zonke izinkolo, noma okungenani kweziningi zazo. Ingabe uzizwa ngaleyo ndlela?

KUYIQINISO ukuthi kunezimo okuwukuhlakanipha kuzo ukuvumela imibono ehlukahlukene. Ngokwesibonelo, umuntu angase akholelwe ukuthi ukudla ukudla okuthile kuzomenza abe nempilo. Kodwa ingabe kufanele acindezele abanye ngombono wakhe, njengokungathi uwukuphela kwendlela engenza abantu babe nempilo enhle? Ngokuqinisekile, bekuyoba ukuhlakanipha nokuthobeka uma evuma ukuthi lokho omunye umuntu akhetha ukukudla kunomsoco futhi mhlawumbe kungcono, okungenani kulowo muntu.

Ingabe kuyisimo esifanayo nangenkolo? Ingabe kunezinhlobo ezihlukahlukene ezamukelekayo umuntu angakhetha kuzo, kuye ngendlela akhuliswe ngayo nabheka ngayo izinto? Noma ingabe kunendikimba eyodwa yeqiniso elingokwenkolo elisebenza kubo bonke abantu? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini. Okokuqala, sizocabangela ukuthi ingabe iqiniso lingatholakala yini. Phela, uma kungenjalo, khona-ke akusizi ngalutho ukufuna inkolo eyodwa yeqiniso.

Ingabe Iqiniso Elingokwenkolo Liyatholakala?

Ngaphambi nje kokuba abulawe, uJesu Kristu watshela uMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu, owayemphenya ngemibuzo: “Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” Kungenzeka uPilatu wayembhinqa lapho ethi: “Liyini iqiniso?” (Johane 18:37, 38) Kodwa ngakolunye uhlangothi, uJesu ngesibindi wakhuluma ngeqiniso. Wayengangabazi ukuthi likhona. Ngokwesibonelo, cabangela izinkulumo ezilandelayo ezine ezashiwo uJesu kubantu abahlukahlukene.

“Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.”—Johane 18:37b.

“Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.”—Johane 14:6.

“UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:23, 24.

“Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:31, 32.

Njengoba uJesu akhuluma ngesibindi ngeqiniso nangokulazi, akufanele okungenani sihlole ukuthi iqiniso elingokwenkolo likhona nokuthi lingatholakala yini?

Ingabe Likhona Iqiniso Eliphelele?

Akungabazeki ukuthi uzovuma ukuthi kunezinto ongaqiniseka ngazo ngokuphelele. Uyaqiniseka ukuthi uyaphila nokuthi izinto ezikuzungezile zingokoqobo. Izihlahla, izintaba, amafu, ilanga nenyanga—imvelo—akuzona nje izinto ozicabangela zona. Yiqiniso, kungase kube nabathile abanombono wefilosofi abathi ngisho nazo lezo zinto ziyangabazeka. Kodwa cishe awuvumelani nombono onjalo oweqisayo.

Kukhona-ke nemithetho yemvelo. Ungaqiniseka nangayo. Ngokwesibonelo, uma ungagxuma usuka phezu kwewa, uzokuwa; uma ungafuni ukudla, uzolamba; uma ungahlala isikhathi eside ungadli, uzokufa. Awuzibuzi ukuthi ingabe imithetho enjalo yemvelo iyasebenza kwabanye kodwa ingasebenzi kwabathile. Isebenza kubo bonke abantu ngakho isebenza endaweni yonke.

IBhayibheli libhekisela komunye umthetho onjalo osebenza endaweni yonke lapho libuza: “Umuntu angawabuthela yini amalahle esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi?” Yebo, lapho lowo mthetho ulotshwa, kwakuyiqiniso elaziwa yibo bonke abantu ukuthi izingubo zingasha uma zifakwa emlilweni. Nokho, lapho siveza leli qiniso, isaga seBhayibheli esingenhla empeleni sisuke siveza iqiniso elikhulu kunalelo, lokuthi ‘umuntu olala nomfazi womuntu wakubo’ uyobhekana nemiphumela emibi.—IzAga 6:27, 29.

Ingabe lawo mazwi ayiqiniso eliphelele esingaqiniseka ngalo? Abanye bangase bathi cha. Bathi ukuziphatha kuyindaba yomuntu siqu, ukuthi kuxhomeke endleleni umuntu akhuliswe ngayo, izinkolelo zakhe nezimo akuzo. Kodwa cabangela imithetho embalwa kaNkulunkulu yokuziphatha etholakala eBhayibhelini. Ayiwona yini amaqiniso asebenza endaweni yonke?

IBhayibheli liyakulahla ukuphinga. (1 Korinte 6:9, 10) Abanye abantu abalivumi iqiniso lalesi simiso seBhayibheli, futhi bayaphinga. Noma kunjalo, ngisho nabo bavame ukuvuna imiphumela ebuhlungu, evame ukuhlanganisa ukuhlushwa unembeza, isehlukaniso nezibazi ezijulile ezingokomzwelo kubo bonke abahilelekile.

UNkulunkulu uyakulahla nokudakwa. (IzAga 23:20; Efesu 5:18) Kwenzekani uma abantu bedakwa? Ezimweni eziningi balahlekelwa umsebenzi, impilo ngisho nemikhaya yabo, nayo ehlukumezekayo ngokomzwelo. (IzAga 23:29-35) Imiphumela enjalo yehlela ngisho nalabo abangakukholelwa ukuthi ukudakwa kubi. Ingabe iqiniso lale mithetho yokuziphatha libonakala lixhomeke ezinkolelweni noma emibonweni yomuntu ngamunye?

Kukhona nemiyalo yeBhayibheli yokuziphatha enemiphumela emihle—njengomyalo wokuba umuntu athande umkakhe, umfazi ahloniphe umyeni wakhe, nokwenza okuhle kwabanye. (Mathewu 7:12; Efesu 5:33) Ukugcina le miyalo kuletha imiphumela eyinzuzo. Ubungasho yini ukuthi iseluleko esinjalo sokuziphatha sifanele abathile nje kuphela kodwa asisebenzi kwabanye?

Kungakhathaliseki ukuthi imithetho yokuziphatha yeBhayibheli iyalalelwa noma cha, inemiphumela kubantu. Leli qiniso libonisa ukuthi imithetho enjalo ayikona nje ukubheka izinto ngendlela engefani. Kunalokho, iyiqiniso. Ubufakazi bembula ukuthi kuba nemiphumela emihle lapho imithetho yokuziphatha yeBhayibheli igcinwa, kodwa kube nemiphumela emibi uma ingagcinwa.

Ngakho cabanga: Uma imithetho yokuziphatha yeBhayibheli isebenza kubo bonke abantu, kuthiwani ngezindinganiso eziseZwini likaNkulunkulu eziphathelene nokukhulekela? Kuthiwani ngalokho elikushoyo mayelana nokwenzekayo lapho sifa nethemba esinalo lekusasa eliphakade? Kunengqondo ukuphetha ngokuthi lezi zimfundiso zeBhayibheli nazo zingamaqiniso, zinikezwe sonke isintu. Izinzuzo zazo nemiphumela akugcini kuphela kubantu abazikholelwayo.

Iqiniso lingatholakala. UJesu wathi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyiqiniso. (Johane 17:17) Kodwa, kungase kubonakale sengathi iqiniso alinakutholakala. Ngani? Ngenxa yezinkolo eziningi kangaka ezihlukahlukene ezithi zifundisa lokho okushiwo yiBhayibheli. Iyiphi inkolo efundisa iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu? Ingabe impendulo ithinta inkolo eyodwa vo? Ingabe iqiniso, noma-ke izingxenye zalo, azinakutholakala ezinkolweni ezihlukahlukene?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Umphumela wokubamba umlilo uhlobene kanjani nokungayilaleli imithetho kaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela