Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/08 k. 5-k. 6 isig. 9
  • Ubani Okufanele Anqume Ukuthi Iyona Yiphi Inkolo Yeqiniso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Okufanele Anqume Ukuthi Iyona Yiphi Inkolo Yeqiniso?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okuboniswa Umlando WeBhayibheli
  • Ngemva Kokuba UJesu Efike Emhlabeni
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Mayelana Nokukhulekela Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 3/08 k. 5-k. 6 isig. 9

Ubani Okufanele Anqume Ukuthi Iyona Yiphi Inkolo Yeqiniso?

UJESU wacacisa ukuthi ezinye izinhlobo zokukhulekela azamukeleki kuNkulunkulu. Wakhuluma “ngabaprofethi bamanga,” ebafanisa nemithi ethela izithelo ezingenamsebenzi futhi ‘egawulwayo iphonswe emlilweni.’ Wabuye wathi: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu.”—Mathewu 7:15-22.

Empeleni, uJesu washo lokhu ngabathile ababethi bangabalandeli bakhe: “Ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.” (Mathewu 7:23) Ngaphezu kwalokho, lapho ekhuluma nabaholi benkolo osukwini lwakhe, uJesu wasebenzisa kubo amazwi uNkulunkulu awasho kuma-Israyeli ayizihlubuki. Washo lokhu ngabo: ‘Baqhubeka bengikhulekela ngeze, ngoba bafundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’—Marku 7:6, 7.

Ngokusobala, akuzona zonke izinhlobo zokukhulekela ezamukelekayo kuNkulunkulu noma eNdodaneni yakhe. Ngenxa yalokho, akukhona konke ukukhulekela okungokweqiniso. Ingabe lokhu kusho ukuthi yinye kuphela inkolo efundisa iqiniso? Akunakwenzeka yini ukuthi uNkulunkulu usebenzisa izinkolo eziningana, kuyilapho elahla ezinye? Noma-ke, kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu wamukela futhi alahle ukukhulekela kwabantu ngabanye abatholakala ezinkolweni eziningi kungakhathaliseki ukuthi izinhlangano zabo zifundisani?

Umphostoli uPawulu wabhala ngaphansi kokuphefumulelwa kwaphezulu: “Manje ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.” (1 Korinte 1:10) IBhayibheli libuye liyale amaKristu ukuba abe “nomqondo ofanayo nothando olufanayo, njengoba [ehlanganiswé] ndawonye emphefumulweni, [enomcabango] munye engqondweni.”—Filipi 2:2.

Empeleni, lapho kukhona lobo bunye, umphumela uba inkolo eyodwa. Ngenxa yalokho, iBhayibheli lithi ‘kuneNkosi eyodwa, ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa.’—Efesu 4:4, 5.

Lokho Okuboniswa Umlando WeBhayibheli

Umlando weBhayibheli ubonisa ngokucacile ukuthi imiBhalo iyasisekela ngempela isiphetho esingenhla. Ngokuhlola lo mlando, uyothola ukuthi uNkulunkulu wayesebenzelana nabantu bakhe ngendlela eyodwa yokukhulekela. Ekuqaleni komlando wesintu, uNkulunkulu wasebenzisa izinzalamizi, noma izinhloko zemikhaya, njengabameleli bakhe. Ezazivelele kuzo kwakunguNowa, u-Abrama (u-Abrahama), u-Isaka noJakobe.—Genesise 8:18-20; 12:1-3; 26:1-4; 28:10-15.

Abantu ababeyinzalo kaJakobe bagcina beyizigqila eGibhithe. Ngesikhathi belapho, bacindezelwa ngonya kodwa isibalo sabo sanda saba yizigidi. UNkulunkulu wabakhulula ebugqilini, wabawelisa uLwandle Olubomvu ngokuyisimangaliso. Wabe esebamukela njengabantu bakhe, wabanika imithetho ngoMose, owayengumlamuli. Baba yisizwe sasendulo sakwa-Israyeli, isizwe sikaNkulunkulu.—Eksodusi 14:21-28; 19:1-6; 20:1-17.

Kuyaphawuleka ukuthi uNkulunkulu akazange azamukele izinhlobo zokukhulekela zabantu bezizwe ezazizungeze u-Israyeli. Empeleni, wabajezisa abantu bakhe lapho bephambuka emithethweni yakhe futhi bethatha lezo zinhlobo zokukhulekela.—Levitikusi 18:21-30; Duteronomi 18:9-12.

Kuthiwani ngabantu bezinye izizwe ababefuna ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso? Kwakufanele baqale ngokulahla ukukhulekela kwabo kwamanga kwangaphambili bese bezihlanganisa no-Israyeli ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu. Abaningi babo bamukeleka kuNkulunkulu futhi baba yizinceku zakhe eziqotho. Laba bantu babehlanganisa nabesifazane, njengoRahabi umKhanani noRuthe umMowabi; amadoda, anjengo-Uriya umHeti no-Ebhedi-meleki umTopiya; nezizwe ezinjengabaseGibheyoni. Inkosi yakwa-Israyeli uSolomoni yabathandazela bonke abanjengabo, abazihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu ekukhulekeleni kweqiniso.a—2 IziKronike 6:32, 33.

Ngemva Kokuba UJesu Efike Emhlabeni

Kamuva, ngemva kokuba uJesu esethunyelwe emhlabeni, indlela yokukhulekela kweqiniso yahlelwa ngesisekelo sezimfundiso zakhe, futhi izinjongo zikaNkulunkulu zacaciswa ngendlela evelele. Ngokuhamba kwesikhathi, abakhulekeli beqiniso babizwa ngokuthi “amaKristu.” (IzEnzo 11:26) Ngakho, amaJuda ayefuna ukwamukeleka kuNkulunkulu kwakufanele alahle indlela yawo yokukhulekela yangaphambili. Ayengenakukhetha phakathi kwezinhlobo ezimbili zokukhulekela noma ukukhulekela ngasese njengomuntu ngamunye. Njengoba sesibonile eZwini likaNkulunkulu, abakhulekeli beqiniso babehlanganiswe “ukholo olulodwa.”—Efesu 4:4, 5.

Namuhla abanye bangase bangawuthandisisi umbono wokuthi uNkulunkulu usebenzelana nesintu ngenkolo eyodwa kuphela. Kodwa iBhayibheli likhomba kuleso siphetho. Esikhathini esidlule, abantu abaningi ababekhulekela ngendlela yabo baliqonda leli qiniso. Bazihlanganisa nabakhulekeli bakaJehova beqiniso, futhi nakuba ekuqaleni babengabaza, ngokuhamba kwesikhathi bathola izibusiso ezinkulu nenjabulo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi ngemva kokuba indoda ethile yaseTopiya yamukele ubuKristu yabhapathizwa, ‘yaqhubeka nendlela yayo ijabula.’—IzEnzo 8:39.

Noma ubani namuhla owamukela inkolo yeqiniso futhi aphile ngayo uyothola izibusiso ezifanayo. Kodwa njengoba kunezinkolo eziningi kangaka ongakhetha kuzo, ungayibona kanjani eyeqiniso?

[Umbhalo waphansi]

a Ungase ufunde ngalaba bantu ekulandiseni kweBhayibheli okulandelayo: Joshuwa 2:1-7; 6:22-25; Ruthe 1:4, 14-17; 2 Samuweli 11:3-11; Jeremiya 38:7-13; noJoshuwa 9:3-9, 16-21.

[Isithombe ekhasini 5]

Kuyokwenzekani enkolweni ethela izithelo ezingenamsebenzi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela