Intsha Iyabuza
Ingabe Simane Singabangane Nje—Noma Kungaphezu Kwalokho?, Ingxenye 1
INGABE UKHONA UMUNTU OCABANGA NGAYE UMA UFUNDA LESI SIHLOKO ESINGENHLA?
YEBO → VELE UFUNDE LESI SIHLOKO. KUNGENZEKA USIDINGA NGAPHEZU KOKUBA UQAPHELA.
CHA → NOMA KUNJALO SIFUNDE LESI SIHLOKO. SIZOKUSIZA UGCINE UBUNGANE NABOBULILI OBUHLUKILE BUSESI-LINGANISWENI ESIFANELE FUTHI BUNGENAZO IZINKINGA.
Phawula la magama alandelayo ngokuthi iqiniso noma amanga:
Akufanele ngibe nabangane bobulili obuhlukile kuze kube yilapho sengikulungele ukuba nobuhlobo obungathi sina obungaholela emshadweni.
․․․․․ IQINISO ․․․․․ AMANGA
Cabanga ngalokhu: Nakuba ayengahleli ukushada, uJesu wayenabo abangane bobulili obuhlukile. (Mathewu 12:46-50; Luka 8:1-3) Akungabazeki ukuthi kwakunjalo nangendoda eyayingashadile uThimothewu, ngoba uPawulu wamtshela ukuba aphathe ‘abesifazane abasebasha njengawodadewabo ngabo bonke ubumsulwa.’—1 Thimothewu 5:1, 2.
Kumelwe ukuba uPawulu waqonda ukuthi njengoba uThimothewu ayekhonza amabandla ahlukahlukene, wayezohlangana nabesifazane abasebasha abaningana. (Marku 10:29, 30) Ingabe kwakuyoba kubi ukuba uThimothewu akhe ubungane nabo? Cha. Kodwa njengoba ayengahlosile ukushada ngaleso sikhathi, kwakuyodingeka abeke imingcele ukuze angazitholi esenesifiso sokuthandana nothile, angadlali neze ngothando noma ngemizwa yalezo zintokazi ezisencane.
Kuthiwani ngawe? Ingabe uwulungele umshado?
Uma impendulo yakho ingu-YEBO ⇨ Ubungane bakho nabobulili obuhlukile bungase buholele ekutholeni umngane wokuphila konke.—IzAga 18:22; 31:10.
Uma kungu-CHA ⇨ Kudingeka ubeke imingcele. (Jeremiya 17:9) Ingabe lokhu kunzima ukukwenza? Yebo kunjalo! “Kunzima ukulondoloza ubuhlobo bobungane nje,” kusho uNia oneminyaka engu-18.a “Akulula ukwazi ukuthi kufanele uwubeke kuphi umngcele.”
Kungani nje nempela kufanele uzibekele umngcele? Kungenxa yokuthi uma ungawubeki, nakanjani uzozilimaza noma ulimaze abanye. Cabangela isizathu.
IQINISO ELINGENAKUPHIKWA: Uma uhileleka nothile ngokomzwelo ube ungakakulungeli ukuba nobuhlobo obungathi sina, omunye wenu uzolimala. “Kwenzeka kabili kimi,” kusho uKelli oneminyaka engu-19. “Kunesikhathi lapho ngazizwa khona ngithanda umfana othile, kanti kwesinye isenzakalo kwaba umfana othanda mina. Kuzo zombili lezi zenzakalo omunye wethu walimala futhi ngisenezibazi kuze kube namuhla.”
Ongacabanga ngakho:
● Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kungafaneleka khona uchitha isikhathi nabobulili obuhlukile? Iziphi izimo oyobe wenza kahle ngokuzigwema?
● Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuchitha isikhathi nomuntu ofanayo ngokuphindaphindiwe? Angase afinyelele siphi isiphetho lowo muntu? Wena ungafinyelela kusiphi isiphetho?
“Ngezinye izikhathi ngangizikhohlisa ngithi, ‘Hhayi, simane singabangane nje. Unjengomfowethu.’ Kodwa lapho enaka omunye umuntu, ngangizwa ubuhlungu—njengokungathi ungikweleta okuthile.”—UDenise.
IBhayibheli lithi: “Abantu abanengqondo bazoyibona iseza inkinga bayigweme, kodwa abantu abangacabangi bazovele baqonde kuyo futhi bazisole kamuva.”—IzAga 22:3, Good News Translation.
IQINISO ELINGENAKUPHIKWA: Uma ufisa ukuthandana nothile ube ungakakulungeli ukuba nobuhlobo obungathi sina, ungalahlekelwa umngane omuhle. UKati oneminyaka engu-16 uyakhumbula, “Sasivame ukuthumelelana imiyalezo yocingo nomfana othile, kodwa ngokushesha waqala ukubonisa izimpawu zothando futhi sase sithumelelana imiyalezo cishe nsuku zonke. Kwathi ngolunye usuku wangitshela ukuthi wayengithanda kanjani nokuthi wayefuna sibuthuthukise ubungane bethu. Inkinga yaba ukuthi, ngangingamthandi neze ngaleyo ndlela. Ngemva kokuba ngimtshele lokho, zancipha izingxoxo phakathi kwethu futhi kamuva ubungane bethu baphela.”
Ongacabanga ngakho:
● Ubani owezwa ubuhlungu endabeni kaKati futhi kungani? Ingabe uKati noma umfana babengawugwema lo mphumela obuhlungu? Uma kunjalo, kanjani?
● Lapho ethumela umyalezo, umuntu angawudlulisela kanjani engaqondile umqondo wokuthi ufuna okungaphezu kobungane nje?
“Ngezinye izikhathi kwakudingeka ngizinqande. Abafana bangaba abangane abahle kakhulu, kodwa ngangingafuni ukulimaza ubungane ngokuqala ubuhlobo bothando.”—ULaura.
IBhayibheli lithi: “Abantu abakhaliphile bayaziqaphela izinyathelo zabo.”—IzAga 14:15, Good News Translation.
Isiphetho sendaba: Ukuchitha isikhathi nabobulili obuhlukile akuyona into embi. Kodwa uma ungakabulungeli ubuhlobo obungaholela emshadweni, kudingeka ubeke imingcele.
ESIHLOKWENI ESILANDELAYO ESITHI “INTSHA IYABUZA” . . .
Isifiso sokuthandana nothile kodwa ungakabulungeli ubuhlobo obungathi sina singalimaza idumela lakho—thola ukuthi kanjani.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” ziyatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16]
YINI OBUNGAYENZA?
INDABA EYIQINISO: “Ngangivame ukuthumelela umngane wami ohlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-1 500 imiyalezo. Sasithumelelana imiyalezo cishe kanye ngesonto. Ngangingenaso isifiso sokuthandana naye futhi ngangingacabangi ukuthi yena unaso. Kwathi ngolunye usuku wangithumelela umyalezo othi: ‘Sawubona s’phalaphala! Ngikukhumbule. Kuhamba kanjani lapho?’ Ngashaqeka! Ngamtshela ukuthi ngangibheka ubuhlobo bethu njengobungane nje nokuthi ngangingenaso isifiso sokuthandana naye. Wangithumelela omunye umyalezo othi, ‘Hhayi suka.’ Ngemva kwalokho akaphindanga wangithumelela umyalezo.”—UJanette.
● Uma ungakulungele ukuthandana nothile noma ungathambekele kukho, ubungasabela kanjani uma uthola imiyalezo efana neyatholwa uJanette?
● Uma ungumfana, ucabanga ukuthi imiyalezo eyathunyelelwa uJanette yayifaneleka? Kungani yayifaneleka, noma kungani yayingafaneleki?
● Ngokombono wakho, ingabe ukuthumela imiyalezo kusakha kalula isifiso sokuthandana nothile kunokuba kunjalo uma uxoxa naye ubuso nobuso? Kungani kunjalo, noma kungani kungenjalo?
[Ibhokisi ekhasini 17]
KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?
Buza abazali bakho ukuthi bacabangani ngemibuzo ephawulwe ngamachashazi ekulesi sihloko. Ingabe umbono wabo uhlukile kowakho? Uma kunjalo, uhluke kanjani? Ibuphi ubuhle obubonayo endleleni ababona ngayo izinto?—IzAga 11:14.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 17]
OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
UJoshua—Uma uchitha isikhathi esengeziwe nomuntu, maningi amathuba okuba nesifiso sokuthandana naye.
UNatasha—Uma ufuna ukuba umngane nje nomuntu othile, kodwa uvame ukuchitha isikhathi sakho naye, kuzokwakheka imizwa yothando koyedwa wenu noma kini nobabili.
UKelsey—Ngisho noma ningaqala ngokuba abangane nje, kulula ukuba imizwa ishintshe uma nichitha isikhathi esiningi ndawonye. Akukona okungenakwenzeka ukuba abangane nje, kodwa kudinga ukuvuthwa nokuqonda.
[Isithombe ekhasini 16]
Isifiso sokuthandana nothile ungakakulungeli ukungenela ubuhlobo obungathi sina siyokuholela enhlekeleleni