Intsha Iyabuza
Ingabe Simane Singabangane Nje—Noma Kungaphezu Kwalokho?, Ingxenye 2
KUMAGAZINI WETHU ODLULE, sixoxe ngezinto ezimbili ezingamaqiniso ekuphileni.
● Uma uba nesifiso sokuthandana nothile ube ungakakulungeli ukuba nobuhlobo obungathi sina, omunye uzolimala.—IzAga 6:27.
● Uma uba nesifiso sokuthandana nothile ube ungakakulungeli ukuba nobuhlobo obungathi sina, ungalahlekelwa umngane omuhle.a—IzAga 18:24.
KULO MAGAZINI, sizokhuluma
● Ngento yesithathu eyiqiniso ekuphileni mayelana nesifiso sokuthandana nothile
● Indlela ongabona ngayo uma ubungane bakho nothile wobulili obuhlukile sebudlulele ngalé kobungane nje
IQINISO ELINGENAKUPHIKWA: Uma uba nesifiso sokuthandana nothile ube ungakabulungeli ubuhlobo obungathi sina, ungonakalisa idumela lakho. UMiab uthi: “Kunabafana engibaziyo abanabangane abaningi bamantombazane. Empeleni, bayazidlalela nje ngamantombazane. Amantombazane acabanga ukuthi umfana uyawathanda, kodwa umfana umane nje ujabulela ukunakwa abesifazane.”
Ongacabanga ngakho:
● Kungakhathaliseki ukuthi ungumfana noma uyintombazane, ukusondelana kakhulu nabobulili obuhlukile kungalithinta kanjani idumela lakho?
“Ukuthumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini nabobulili obuhlukile kuwugibe olukhulu. Uqala ngokuthumelelana okungatheni nomuntu oyedwa, kodwa ngokushesha uzithola usuthumelelana imiyalezo nabantu abaningi. Unganakile, usuke empeleni usuqomisana nabafana abathathu futhi ngamunye kubo ucabanga ukuthi ‘uyajabula ngaye’ njengoba uya umazi kangcono. Uma belithola iqiniso, bayadumala—kanti wena uba nedumela lokudlala ngothando.”—ULara.
IBhayibheli lithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.”—IzAga 20:11.
Isiphetho sendaba: Akukubi ukwakha ubungane nabobulili obuhlukile. Kodwa uma ungenayo imingcele ungazizwisa ubuhlungu, ulahlekelwe abangane abahle futhi ulimaze nedumela lakho.
Ungabona kanjani ukuthi seweqe umngcele? Enye indlela ongabona ngayo ukuzibuza, ‘Ingabe umngane wami wobulili obuhlukile useyisifuba sami?’ Intombazane okuthiwa u-Erin ithi, “Uma nimane nje ningabangane ngempela nomfana, akumelwe abe umuntu wokuqala ofuna ukukhuluma naye nsuku zonke noma umuntu wokuqala ofuna ukumtshela izindaba ezibalulekile. Akumelwe neze kube nguye ophendukela kuye uma ufuna ukududuzwa.”
Ongacabanga ngakho:
● Kungani kungase kukhange ukuthululela owobulili obuhlukile isifuba sakho? Kodwa ziyini izingozi?
“Abafana engibaziyo ababona abangane bami abakhulu. Angichithi isikhathi eside ocingweni ngikhuluma nabo njengoba ngenza kubangane bami bamantombazane. Kanti kunezindaba engingalokothi ngizixoxe nabo.”—URianne.
IBhayibheli lithi: “Kuqaphele lokho okushoyo . . . Umuntu okhuluma noma kanjani uzicekela phansi.”—IzAga 13:3, Good News Translation.
Cabanga ngalokhu: Ingabe ikhona ingozi ngokutshela owobulili obuhlukile okuningi kakhulu ngawe? Kuthiwani uma ngokuhamba kwesikhathi ubungane benu buphela? Ingabe ungazisola ngokuthi wamtshela imininingwane enjalo?
Osemusha okuthiwa u-Alexis uyifingqa kahle le ndaba. Uthi: “Ungamgwemi umuntu ngenxa nje yokuthi ungowobulili obuhlukile. Ngakolunye uhlangothi, ungazikhohlisi uthi nimane ningabangane nje kube kungenjalo. Hlale uyilawula imizwa yakho, kanjalo uyogwema ukuzigwaza ngeminjunju.”
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala eNgosini ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-Phaphama! ka-June 2012, amakhasi 15-17.
b Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
[Ibhokisi ekhasini 17]
INDABA EYIQINISO: “Ngangiwumngane womfana othile, futhi sasizwana ngempela. Kodwa ngaphawula ukuthi izingxoxo zethu zase ziba zinde futhi zithinte izinto zomuntu siqu. Ngangibona ukuthi sesiqala ukusondelana kakhulu ngoba wayesengitshela zonke izinto ezimkhathazayo. Ngakho ngolunye usuku wangithumelela i-e-mail wangitshela ukuthi uyangithanda. Kwaphela nasozwaneni kimi. Ingxenye ethile kimi yakujabulela lokhu—kuyajabulisa ukwazi ukuthi othile ukubona ukhethekile. Kodwa ngakhathazeka. Ngangazi ukuthi asinakuqhubeka ‘singabangane nje’ ngoba kusobala ukuthi yena wayecabanga ngokungaphezu kwalokho. Ngangazi ukuthi uzophatheka kabi uma ngimtshela ukuthi sisebancane kakhulu ukuba sithandane. Ngayitshela abazali bami le ndaba, futhi bagcizelela ukuthi kubaluleke kanjani ukuba mina nalo mfana sinciphise izinga lokuxhumana. Lokho kwangenza ngabona ukuthi ingashintsha kanjani ngokushesha into ebingasho lutho ibe yinto engathi sina. Kusukela lapho, sengiyaqaphela ukulinganisela ebudlelwaneni bami nabobulili obuhlukile, ikakhulukazi ngokuthumelelana imiyalezo. Kuyasiza nokuba nezingxoxo njengeqembu kunokuba nibe ngababili. Ngaleyo ndlela izingxoxo zenu azigxili ezintweni zomuntu siqu nomunye umuntu futhi azijuli kakhulu.”—U-Elena.
[Ibhokisi ekhasini 18]
KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?
Buza abazali bakho ukuthi yini abayicabangayo ngemibuzo emibili engxenyeni ethi “Ongacabanga ngakho” ekulesi sihloko. Ingabe umbono wabo uhlukile kowakho? Uma kunjalo, kanjani? Ikuphi okuhle okubonayo embonweni wabo?—IzAga 1:8.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 18]
OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
U-Andre—Lapho uchitha isikhathi esiningi nentombazane, imizwa yothando yakheka kalula futhi ayanda namathuba okuba lowo muntu acabange ukuthi ufuna nithandane. Uma imigomo yakho ingakuvumeli ukuba uthandane nothile njengamanje, khona-ke ungenzi kubonakale sengathi ufuna ukuqala ubuhlobo bothando.
UCassidy—Ngiyathanda ukuba nabantu, futhi njengoba ngakhula phakathi kwabafana, ngiyakhululeka uma nginabo—okuyinto engeyinhle ngezinye izikhathi. Ukuphatha umfana ngendlela ebengingaphatha ngayo umngane wentombazene akukuhle—kungadlulisela umbono okungewona. Indlela efanele eyokuba umfana ngimphathe njengomfowethu!
[Ibhokisi ekhasini 19]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
Ezimweni ezifanelekile, akukubi ngentsha ukuxoxa nabantu bobulili obuhlukile. Kodwa intsha engakakufanelekeli ukuqala ukuqomisana okungaholela emshadweni kufanele ibeke imingcele.c Leyo ntsha, kufanele ibe abangane nje kuphela nabobulili obuhlukile—abangane hhayi okungaphezu kwalokho.
Uba yini umphumela uma abantu ababili beba nesifiso sokuthandana bengakakulungeli lokho? Kungase kube mnandi ekuqaleni kodwa ngokuhamba kwesikhathi kubangele ukukhungatheka. Kufana nokuhlala emotweni engenamasondo. Ngokuhamba kwesikhathi, umfana nentombazane bayabona ukuthi ubuhlobo babo abuyi ndawo. Abanye bangase baqale ukufihla ukuthi baqomene—okuyisimo esingase siholele ekuziphatheni okungekuhle. Abanye bayahlukana—okuyinto engase ibenze bazizwe bekhohlisiwe, belimele futhi becindezelekile. Ungayisiza kanjani ingane yakho esakhula ukuba igweme inkambo ekhohlisayo yokuqala ukuthandana nothile ingakakufanelekeli?—UmShumayeli 11:10.
Okubalulekile ukuvula umzila wokukhulumisana phakathi kwakho nengane yakho ngokuphathelene nabobulili obuhlukile. Ngaleyo ndlela uyokwazi okwenzekayo—ukulungele ukusiza—uma ubungane sebuqala ukuba okungaphezu kwalokho.
Benganakile, abanye abazali bayawuvala umzila wokukhuluma ngalezo zinto nengane yabo esakhula. Cabanga ngalokho enye intsha eyakutshela i-Phaphama!
“Ngangihlale ngifisa ukutshela umama ngothile owayengikhanga, kodwa ngangingamtsheli ngoba ngesaba indlela ayezosabela ngayo.”—UCara.
“Njalo lapho ngitshela umama ngomfana owayengikhanga, wayethi, ‘Ungacabangi ukuthi ngiyoba khona emshadweni wakho!’ kunokuba athi ‘Ake ungitshele ngalo mngane wakho. Yini ekukhangayo kuye?’ Ukube umama wayengibuza imibuzo enjengale, mhlawumbe ngangiyosamukela kangcono iseluleko sakhe.”—UNadeine.
Kunalokho, phawula umehluko okhona lapho abazali beye balalela ngesineke futhi banikeza iseluleko esisebenzayo.
“Abazali bami abazange bacasuke lapho ngibatshela ngomfana othile owayengikhanga. Bangitshela lokho engangidinga ukukuzwa, kodwa babeyiqonda kahle imizwa yami. Ngenxa yalokho, ngakuthola kulula ukulalela iseluleko sabo nokubathululela isifuba sami.”—UCorrina.
“Ukungixoxela kwabazali bami ngabantu ababebathanda lapho besakhula—ngisho nokuchaza ukuthi kungani ubuhlobo nabathile bungazange bulunge—kwangisiza ngabona ukuthi kuyinto ELUNGILE ngami ukukhuluma nabo ngendlela engizizwa ngayo ngothile.”—ULinette.
Khumbula nokuthi ngezinye izikhathi kunezici ezicashile okungenzeka ziyimbangela yokuqala kwentsha ukuqomisana isencane.
“Okwangenza ngathandana nomfana othile ngasese, ukuthi wayengijabulisa futhi engilalela.”—U-Annette.
“Kunomfana engangikujabulela ukusondelana naye. Wayehlala enginaka, okuyinto engiyithandayo. Ngiyakuthanda ukunakwa, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.”—U-Amy.
“Uma abazali bami bengincoma ngokusuka enhliziyweni bethi ngimuhle noma bethi impahla ethile iyangifanela, angibe ngisakudinga ukunconywa umfana.”—UKaren.
Zibuze:
Ngingenzenjani ukuze ngingeneke kakhudlwana kumntanami osakhula?—Filipi 4:5.
Ingabe ‘ngiyashesha ukuzwa, ngiphuze ukukhuluma’?—Jakobe 1:19.
Ngingasinciphisa kanjani isilingo sokuba umntanami afune ukuthandwa nokunakwa abantu bangaphandle?—Kolose 3:21.
Iqiniso elingenakuphikwa: Siza ingane yakho ukuba ifunde ukugcina ubungane bayo nabobulili obuhlukile busendaweni efanele futhi bungenazinkinga. Lokhu kuyikhono eliyoyisiza ngisho nalapho isikhulile.—Kolose 3:5; 1 Thesalonika 4:3-6.
[Umbhalo waphansi]
c Bheka isihloko esandulele kuhlanganise nesithi “Intsha Iyabuza” esikuyi-Phaphama! ka-June 2012.
[Ishadi ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IMINGCELE
ONGAKWENZA
✔ hlangana nabanye njengeqembu
✔ jwayelana nabanye
✔ kujabulele ukuxoxa
OKUNGAMELWE UKWENZE
X ukuba nobungane nomuntu oyedwa wobulili obuhlukile
X ukuthululelana izifuba
X ukudlala ngothando
[Umdwebo ekhasini 18]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UMBUTHANO WOKUZIJABULISA
UKUDLALA NGOTHANDO
UKUTHINTANA
UKUBAMBANA NGEZANDLA
UKUQABULANA