Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/12 k. 3
  • Yiba Nomdlandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Nomdlandla
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?
    Intsha Iyabuza
  • Zuza Ngokugcwele Esikoleni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Kungani Kufanele Ngifunde Ngokuzikhandla Esikoleni?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 10/12 k. 3

Yiba Nomdlandla

Ukuze ube nomdlandla wanoma yini oyenzayo, kudingeka ubone inzuzo yayo.

SIZUZISA ngani isikole? Sizokusiza uzuze ukuhlakanipha futhi iBhayibheli lithi “ukuhlakanipha kuyisivikelo.” (UmShumayeli 7:12) Kanjani? Ake sifanekise: Zicabange uhamba endaweni eyingozi. Yikuphi obungakukhetha—ukuhambahamba wedwa noma ukuba neqembu labangane elingakuvikela uma kudingeka? Uma unemfundo ekahle eyisisekelo, kufana nokuthi unabangane abaningi abahlale besohlangothini lwakho. Laba bahlanganisa:

  • Ikhono lokucabanga. Ukuya esikoleni kungakusiza uhlakulele lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukusebenzisa ingqondo nokwahlulela okuhle.” (IzAga 3:21, Contemporary English Version) Ukuthola la makhono kuyokusiza ukwazi ukuzixazululela izinkinga zakho kunokuba njalo uthembele kwabanye abantu ukuba bakusize.

  • Amakhono okusebenzelana nabanye. IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ahlakulele izimfanelo ezinjengokubekezela nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Ukuhlangana nezinhlobo ezihlukahlukene zabantu esikoleni kukunika ithuba elanele lokukwazi ukuzibonisa ngokugcwele lezi zimfanelo, kuhlanganise ukukhuthazela, inhlonipho nozwela—okuyizinto eziyokusiza lapho usukhulile.

  • Ukuqeqeshwa okuwusizo. Isikole singakufundisa ukubaluleka kokuba nomkhuba omuhle wokusebenza kanzima, oyokusiza ukwazi ukuthola umsebenzi futhi uwugcine. Okunye futhi, njengoba uya ufunda ngabantu abakuzungezile, uyozazi kangcono ukuthi ungubani nokuthi yini oyikholelwayo. (IzAga 14:15) Njengoba usuhlome ngale ndlela, uyokwazi ukumelela izinkolelo zakho ngenhlonipho.—1 Petru 3:15.

Iphuzu eliyinhloko: Njengoba uyidinga imfundo, ngeke kukusize ukugxila ezintweni ongazithandi ngesikole. Kunalokho, funda ukusithanda ngokucabangela izinzuzo okukhulunywe ngazo. Ungase ukwazi ukucabanga nangezinye izinzuzo!

Kungani ungaqali manje? Cabanga ngesisusa esiyinhloko esikwenza ufune ukuphumelela esikoleni.

Othisha Abafundisa Kahle Bayathandwa!

“Uthisha wami wesifundo sezomnotho esikoleni samabanga aphakeme ngabe usebenza enkampanini yezimali, kodwa wakhetha ukufundisa esikoleni sethu esisendaweni empofu—endaweni iningi lezingane elingenandaba nalesi sifundo. Noma kunjalo wasifundisa lesi sifundo ngendlela elula, ehlekisayo nangendlela eyenza sibone usizo lwaso. Ngelinye ilanga waze wabiza umama ukuze amtshele indlela engangiwenze kahle ngayo umsebenzi ayesinike wona. Lapho abafundi bembuza ukuthi kungani efundisa esikoleni sethu, wathi siyindawo engcono kunazo zonke ake asebenza kuzo. Wayesiqonda, esikhathalela futhi esincoma. Angikaze ngibe nothisha ofundisa kahle njengaye!”—UReyon wase-United States.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela