Isahluko 8
Ukubalekela Inkosi Enonya
UJOSEFA uvusa uMariya ukuze amtshele izindaba eziphuthumayo. Ingelosi kaJehova isanda kubonakala kuye, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”
Ngokushesha, bobathathu bayabaleka. Futhi kungesikhathi esifanele ngoba uHerode usetholile ukuthi izazi zimkhohlisile futhi zihambile ezweni. Khumbula, kwakufanele zibuyise umbiko kuye lapho sezimtholile uJesu. UHerode uthukuthele. Ngakho ezama ukubulala uJesu, unikeza iziyalo zokuba kubulawe bonke abafana abaneminyaka emibili nangaphansi ubudala eBetlehema nasezigodini zalo. Usekela lokhu kubalwa kweminyaka ekwazisweni akuthola ngaphambili ezazini ezazivela eMpumalanga.
Ukubulawa kwabo bonke abantwana babafana kuyinto okuhlasimulisa umzimba ukuyibona! Amasosha kaHerode ahlasela wonke amakhaya. Futhi lapho ethola umntwana womfana, amhlwitha ezingalweni zikanina. Asazi ukuthi abulala abantwana abangaki, kodwa ukukhala okukhulu nokulila komama kugcwalisa esinye isiprofetho eBhayibhelini esaprofethwa umprofethi kaNkulunkulu uJeremiya.
Phakathi nalesikhathi, uJosefa nomkhaya wakhe bahambe kahle beya eGibithe, futhi manje bahlala khona. Kodwa ngobunye ubusuku ingelosi kaJehova iyaphinda ibonakala kuJosefa ngephupho. “Vuka uthabathe umntwana nonina,” kusho ingelosi, “uye ezweni lakwaIsrayeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.” Ngakho ekugcwalisekeni kwesinye isiprofetho seBhayibheli esithi iNdodana kaNkulunkulu yayiyobizwa iphume eGibithe, umkhaya ubuyela ezweni lakubo.
Ngokusobala uJosefa uhlose ukuhlala eJudiya, lapho babehlala khona emzini waseBetlehema ngaphambi kokubalekela eGibithe. Kodwa uzwa ukuthi indodana kaHerode eyonakele uArkelawu manje iyinkosi yaseJudiya, futhi kwelinye iphupho uJehova uyamxwayisa ngalengozi. Ngakho uJosefa nomkhaya wakhe baya enyakatho futhi bakha emzini waseNazaretha eGalile. UJesu ukhulela lapha kulomphakathi, kude nesikhungo sokuphila okungokwenkolo kwamaJuda. Mathewu 2:13-23; Jeremiya 31:15; Hoseya 11:1.
▪ Lapho izazi zingabuyi, iyiphi into ehlasimulisayo eyenziwa yiNkosi uHerode, kodwa uJesu uvikelwa kanjani?
▪ Lapho bebuya eGibithe, kungani uJosefa engahlali futhi eBetlehema?
▪ Iziphi iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekayo phakathi nalenkathi yesikhathi?