Qaphela Abaprofethi Bamanga!
UMBHANQWANA waseBrazil wawusulele ngenkathi uzwa izigebengu zigqekeza ekhaya lawo. Lombhangqwana othukile wakwazi ukuphuma ngefasitela lasekamelweni lokulala futhi wabiza amaphoyisa. Kodwa kamuva lokhu okuhlangenwe nakho kwakuyethuse kakhulu inkosikazi kangangokuba ayikwazanga ukuphinde ilale kuleyondlu futhi kwadingeka iyohlala nonina.
Noma ubani oke wagqekezelwa indlu noma waphangwa ngandlela-thile uyozwelana nalowesifazane. Okuhlangenwe nakho okunjalo kungaba okwesabisayo, futhi ngokudabukisayo, abantu abaningi ngokwengeziwe bahlupheka ngalendlela. Nokho, kunohlobo oluthile lokweba olunemiphumela engathi sína ngokwengeziwe.
Yiluphi loluhlobo lokweba olungathi sína ngokwengeziwe, futhi angobani amasela? UJesu Kristu wasinikeza ukwaziswa okuthile mayelana nalo, lapho ekhuluma ngosuku lwethu, wathi: “Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.” (Mathewu 24:11) Abaprofethi bamanga bangamasela. Ngayiphi indlela? Yini abayebayo? Ukweba kwabo kuhlangene nokuprofetha kwabo. Ngakho ukuze lendaba siyiqonde ngokugcwele, okokuqala sidinga ukwazi ukuthi kuyini ukuprofetha ngokweBhayibheli.
Lokho Okushiwo Ukuprofetha
Lapho ucabanga ngokuprofetha, mhlawumbe into yokuqala efika engqondweni yakho ukubikezela ngesikhathi esizayo. Empeleni lokhu kwakuyisici somsebenzi wabaprofethi bakaNkulunkulu basendulo, kodwa kwakungewona umsebenzi wabo oyinhloko. Ngokwesibonelo, ngenkathi umprofethi uHezekeli etshelwa embonweni ukuba ‘aprofethe kuwo umoya,’ kwakumelwe akhiphe umyalo ovela kuNkulunkulu nje kuphela. (Hezekeli 37:9, 10) Lapho kuqulwa icala likaJesu phambi kwabapristi, wafelwa ngamathe futhi wamukulwa, abahluphi bakhe base bethi ngokweyisa: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?” Babengaceli ukuba uJesu abikezele ngesikhathi esizayo. Babembekela inselele yokuba achaze ngamandla kaNkulunkulu ukuthi obani ababemshayile.—Mathewu 26:67, 68.
Eqinisweni, umqondo oyinhloko odluliselwa amagama olimi lokuqala lweBhayibheli ahunyushwe ngokuthi “profetha” noma “isiprofetho” ngokuyisisekelo kwakuwukusho lokho uNkulunkulu akucabangayo ngendaba ethile, noma, njengoba incwadi yezEnzo ikubeka, ukukhuluma “ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” (IzEnzo 2:11) Kungalomqondo abantu abaningi abaphangwa ngayo abaprofethi bamanga.
Nokho, bangobani abaprofethi bamanga, futhi yini abayebayo? Ukuze siphendule lombuzo, ake sihlehlele emuva emlandweni wesizwe sakwaIsrayeli esikhathini sikaJeremiya.