Ungase Umzuze Umfowenu
“Hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, umzuzile umfowenu.”—MATHEWU 18:15.
1, 2. UJesu wanikeza siphi iseluleko esiwusizo mayelana nokusingatha amaphutha?
NJENGOBA ayesesalelwe yisikhathi esingaphansi konyaka enkonzweni yakhe, uJesu wayenezifundo ezibalulekile ayezozifundisa abafundi bakhe. Ungazifunda kuMathewu isahluko 18. Esinye sazo kwakuwukubaluleka kokuthobeka njengezingane. Wabe esegcizelela ukuthi kumelwe sigweme ukukhubekisa “oyedwa kulaba abancane” nokuthi kufanele sizame ukubabuyisa abaphambukayo “abancane” ukuze bangabhubhi. UJesu wabe esenezela iseluleko esibalulekile nesiwusizo ekuxazululeni izinkinga phakathi kwamaKristu.
2 Cishe uzowakhumbula amazwi akhe: “Uma umfowenu enza isono, hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, umzuzile umfowenu. Kodwa uma engalaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze kuthi ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu ziqiniswe zonke izindaba. Uma engabalaleli, khuluma nebandla. Uma engalilaleli ngisho nebandla, makabe kuwe njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” (Mathewu 18:15-17) Kunini lapho kufanele sisebenzise khona lesi seluleko, futhi kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo lapho senza kanjalo?
3. Iyiphi indlela evamile okufanele siyisebenzise ekusingatheni amaphutha abanye?
3 Isihloko esandulele sigcizelele ukuthi njengoba sonke singaphelele futhi sithambekele ekwenzeni amaphutha, kudingeka sikusebenzele ukuba abathethelelayo. Lokho kuyiqiniso ngokukhethekile lapho kukhona olinyazwe yilokho omunye umKristu akushilo noma akwenzile. (1 Petru 4:8) Ngokuvamile kungcono kakhulu ukuvele ukudlulise lokho koniwa—uthethelele futhi ukhohlwe. Lokhu singakubheka njengokuba nengxenye ekwakheni ukuthula ebandleni lobuKristu. (IHubo 133:1; IzAga 19:11) Nokho, kungase kube nesikhathi lapho ungase ube nomuzwa wokuthi udaba kumelwe uluxazulule nomfowenu noma udadewenu okulimazile. Esimweni esinjalo, amazwi kaJesu angenhla anikeza isiqondiso.
4. Ngokwesimiso, singawasebenzisa kanjani amazwi kaMathewu 18:15 emaphutheni abanye?
4 UJesu wakhuthaza ukuba “uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa.” Kuwukuhlakanipha lokho. Ezinye izinguqulo zesiJalimane zithi kulokhu, weneke iphutha lakhe “ngaphansi kwamehlo amane,” okusho awakho nawakhe. Lapho uveza inkinga ngomusa ngasese, ngokuvamile kuba lula kakhudlwana ukuyixazulula. Umzalwane owenze noma okhulume into ecasulayo noma engenamusa angase alivume kalula kakhudlwana iphutha lakhe kuwe lapho ninodwa. Uma kunabanye abalalele, isimo sobuntu sokungapheleli singase simenze athambekele ekuphikeni ukuthi unephutha noma ekuzameni ukuthethelela lokho akwenzile. Kodwa lapho uveza le ndaba “ngaphansi kwamehlo amane,” ungase uthole ukuthi bekuwukungaqondani, hhayi isono noma ukona kwangamabomu. Lapho nobabili seniqonda ukuthi bekuwukungaqondani, ningakuxazulula, ningavumeli into engasho lutho ukuba ikhule futhi yonakalise ubuhlobo benu. Ngakho, isimiso esikuMathewu 18:15 singasetshenziswa ngisho nasekoniweni ezintweni ezincane ekuphileni kwansuku zonke.
Wayesho Ukuthini?
5, 6. Ngokomongo, luhlobo luni lwezono uMathewu 18:15 ayebhekisele kulo, futhi yini ebonisa lokho?
5 Empeleni, lokho uJesu eluleka ukuba kwenziwe kuphathelene nezindaba ezingathi sína kakhudlwana. UJesu wathi: “Uma umfowenu enza isono.” Ngomqondo obanzi, “isono” kungaba yinoma yiliphi iphutha noma isiphambeko. (Jobe 2:10; IzAga 21:4; Jakobe 4:17) Nokho, umongo usikisela ukuthi isono uJesu ayesiqondile kumelwe ukuba kwakungesingathi sína. Sasisikhulu ngokwanele ukuba senze owonile abhekwe “njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” Asikiselani lawo mazwi?
6 Abafundi bakaJesu ababezwa lawo mazwi babazi ukuthi abantu bakubo babengazihlanganisi nabeZizwe. (Johane 4:9; 18:28; IzEnzo 10:28) Futhi babebagwema ngokukhethekile abathelisi, abantu ababezalwe bengamaJuda kodwa baphenduka abaxhaphazi babantu. Ngakho empeleni amazwi akuMathewu 18:15-17 ayebhekisela ezonweni ezingathi sína, hhayi ukoniwa noma ukulinyazwa komuntu siqu ongavele ukuthethelele futhi ukukhohlwe.—Mathewu 18:21, 22.a
7, 8. (a) Yiluphi uhlobo lwezono oludinga ukusingathwa abadala? (b) Luhlobo luni lwezono olungaxazululwa phakathi kwamaKristu amabili, ngokuvumelana noMathewu 18:15-17?
7 Ngaphansi koMthetho, ezinye izono zazidinga okungaphezu kokuthethelelwa umuntu owoniwe. Ukuhlambalaza, ukuhlubuka, ukukhonza izithombe nezono zobulili zobufebe, ukuphinga nobungqingili kwakudingeka kubikwe kubadala (noma abapristi) futhi kusingathwe yibo. Lokho kuyiqiniso nasebandleni lobuKristu. (Levitikusi 5:1; 20:10-13; Numeri 5:30; 35:12; Duteronomi 17:9; 19:16-19; IzAga 29:24) Nokho, phawula ukuthi izono zohlobo uJesu ayekhuluma ngalo lapha zazingase zixazululwe phakathi kwabantu ababili. Izibonelo: Ngenxa yokuthukuthela noma umhawu, umuntu unyundela omunye. UmKristu uvumelana nomunye ukwenza umsebenzi ngezinto ezithile futhi awuqede ngosuku olubekiwe. Othile uyavuma ukuthi uzobuyisa imali ngokwesimiso esithile noma lungakafiki usuku olubekiwe. Othile uthembisa ukuthi uma umqashi wakhe emqeqesha, ngeke ancintisane naye (ngisho noma eshintsha umsebenzi) noma azame ukuthatha amakhasimende omqashi wakhe kuze kuphele isikhathi esithile noma ngeke akwenze endaweni ethile eshiwo.b Uma umzalwane engasigcini isithembiso sakhe futhi engaphenduki kulokho kona, ngokuqinisekile lokho kuyoba yinto engathi sína. (IsAmbulo 21:8) Kodwa ukoniwa okunjalo kungaxazululwa phakathi kwalaba ababili abahilelekile.
8 Nokho, yiziphi izinyathelo ongazithatha ukuze uxazulule le ndaba? Amazwi kaJesu ngokuvamile abhekwa njenganezinyathelo ezintathu. Ake sicabangele ngasinye sazo. Kunokuba uzibheke njengezinqubo ezingenakuguquka nezingokomthetho, zama ukuthola umqondo wazo, ungawukhohlwa umgomo wakho wothando.
Zama Ukuzuza Umfowenu
9. Yini okufanele siyikhumbule mayelana nokusebenzisa uMathewu 18:15?
9 UJesu waqala ngokuthi: “Uma umfowenu enza isono, hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, umzuzile umfowenu.” Kusobala ukuthi lesi akusona isinyathelo esisekelwe ezinsolweni nje kuphela. Kufanele ube nobufakazi noma ukwaziswa okuqondile ongakusebenzisela ukusiza umfowenu abone ukuthi wonile futhi kudingeka alungise izinto. Kuhle ukuthatha isinyathelo ngokushesha, ungavumeli indaba ikhule noma isimo sakhe sengqondo sigxile. Futhi ungakhohlwa ukuthi ukuhlala uzindle ngayo kungakulimaza nawe. Njengoba le ngxoxo kufanele ibe phakathi kwakho naye ninodwa, ungakhulumi nabanye kusengaphambili ukuze bakuzwele noma uzenze muhle. (IzAga 12:25; 17:9) Ngani? Ngenxa yomgomo wakho.
10. Yini eyosisiza ukuba sizuze umfowethu?
10 Umgomo wakho kufanele ube ukuzuza umfowenu, hhayi ukumjezisa, ukumehlisa, noma ukumcekela phansi. Uma onile ngempela, ubuhlobo bakhe noJehova busengozini. Ngokuqinisekile wena ufuna aqhubeke engumfowenu ongumKristu. Amathuba okuphumelela ayokwanda uma uhlala uzolile engxoxweni yenu yangasese, ugwema amazwi anokhahlo noma iphimbo elimbeka icala. Kule ngxoxo enothando, khumbula ukuthi nobabili ningabantu abangaphelele nabanesono. (Roma 3:23, 24) Lapho eqaphela ukuthi awuhlebanga ngaye futhi ebona ukuthi ufuna ngobuqotho ukusiza, ikhambi lingase livele kalula. Le ndlela enomusa necacile iyobonisa ukuhlakanipha ngokukhethekile uma kuvela ukuthi nobabili ninephutha ngezinga elithile noma ukuthi empeleni imbangela yale nkinga iwukungaqondani.—IzAga 25:9, 10; 26:20; Jakobe 3:5, 6.
11. Yini esingase siyenze nakuba owonile engasilaleli?
11 Uma umsiza abone ukuthi akwenzile kuwukona nokuthi kungokungathi sína, angase ashukumiseleke ukuba aphenduke. Nokho, esimweni esingokoqobo ukuzazisa kungase kube yisithiyo. (IzAga 16:18; 17:19) Ngakho ngisho noma ekuqaleni engavumi ukuthi wonile futhi aphenduke, ungase ulinde ngaphambi kokudlulisela udaba phambili. UJesu akashongo ukuthi ‘hamba uyomambulela iphutha lakhe kanye kuphela.’ Njengoba kuyisono eningasixazulula, cabanga ukuphinda uye kuye ngomoya wabaseGalathiya 6:1 “ngaphansi kwamehlo amane.” Ungase uphumelele. (Qhathanisa noJude 22, 23.) Nokho, kuthiwani uma uqiniseka ukuthi yisono lesi asenzile, uqiniseka nangokuthi ngeke asabele?
Ukuthola Usizo Kwabavuthiwe
12, 13. (a) UJesu wanikeza siphi isinyathelo sesibili ekusingatheni amaphutha? (b) Yiziphi izinto okufanelekayo ukuba siziqaphele ekusebenziseni lesi sinyathelo?
12 Ubungathanda yini ukuba abanye basheshe bakudube uma unecala lokona okungathi sína? Cha. Ngokufanayo, uJesu wabonisa ukuthi akufanele ukuba ngemva kwesinyathelo sokuqala uyeke ukuzama ukuzuza umfowenu, ukuze umgcine esebunyeni nawe kanye nabanye ekukhulekeleni uNkulunkulu ngokwamukelekayo. UJesu wanikeza isinyathelo sesibili: “Uma engalaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze kuthi ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu ziqiniswe zonke izindaba.”
13 Wathi thatha “oyedwa noma ababili.” Akashongo ukuthi ngemva kokuthatha isinyathelo sokuqala, ukhululekile ukuxoxa ngale nkinga nabanye abaningi, uthinte umbonisi ojikelezayo, noma ubhalele abazalwane ngale nkinga. Yize kungenzeka uyaqiniseka ngalokhu kona, akukaqinisekiswa ngempela ngokugcwele. Ngeke uthande ukusakaza ukwaziswa okungekuhle okungase kube ukuthi uye wanyundela. (IzAga 16:28; 18:8) Kodwa uJesu washo ukuthi thatha kanye nawe oyedwa noma ababili. Ngani? Futhi kungaba obani?
14. Obani esingase sibathathe kanye nathi esinyathelweni sesibili?
14 Uzama ukuzuza umfowenu ngokumkholisa ukuthi yisono lesi asenzile nangokumshukumisela ukuba aphenduke ukuze abe nokuthula nawe noNkulunkulu. Ukuze wenze lokho, kungakuhle uma lowo “oyedwa noma ababili” bengofakazi balokho kona. Mhlawumbe babekhona lapho kwenzeka, noma banokwaziswa okuqondile mayelana nalokho okwenziwa (noma okungenziwanga) endabeni yebhizinisi. Uma bengekho ofakazi abanjalo, labo obathathayo kungenzeka banokuhlangenwe nakho endabeni enjengeyenu futhi ngenxa yalokho bazokwazi ukubona ukuthi lokho okwenziwe kuyinto engalungile ngempela yini. Ngaphezu kwalokho, uma kwenzeka kudingeka kamuva, bangase babe ofakazi balokho okwakhulunywa, baqinisekise amaqiniso akhulunywa nomzamo owenziwa. (Numeri 35:30; Duteronomi 17:6) Ngakho ababona nje noma yibaphi abantu abangathathi hlangothi, abalamuli; nokho, ukuba khona kwabo kungenjongo yokusiza ekuzuzeni umfowenu ongumfowabo nabo.
15. Kungani abadala abangamaKristu bengase babe usizo uma kudingeka sithathe isinyathelo sesibili?
15 Akudingeki ucabange ukuthi labo obalethayo kumelwe kube amadoda angabadala ebandleni. Nokho, amadoda avuthiwe angabadala angase akwazi ukunikela ngezimfanelo zawo ezingokomoya. Abadala abanjalo ‘banjengendawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’ (Isaya 32:1, 2) Banokuhlangenwe nakho ekubonisaneni nasekulungiseni abazalwane nodade. Futhi owonile unesizathu esihle sokuzethemba lezo “zipho ezingabantu.”c (Efesu 4:8, 11, 12) Ukuxoxa ngodaba kukhona abavuthiwe njengalaba nokuthandaza kanye nabo kungakha isimo esihlukile futhi kuxazulule lokho obekubonakala kungenakuxazululeka.—Qhathanisa noJakobe 5:14, 15.
Umzamo Wokugcina Wokumzuza
16. Yisiphi isinyathelo sesithathu uJesu asinikeza?
16 Uma isinyathelo sesibili singayixazululi indaba, ababonisi bebandla bayahileleka nakanjani esinyathelweni sesithathu. “Uma engabalaleli [oyedwa noma ababili], khuluma nebandla. Uma engalilaleli ngisho nebandla, makabe kuwe njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” Kuhilelani lokhu?
17, 18. (a) Yisiphi isibonelo esisisiza siqonde okushiwo ‘ukukhuluma nebandla’? (b) Sisisebenzisa kanjani lesi sinyathelo namuhla?
17 Asikuthathi njengesiqondiso sokuveza leso sono noma isenzo esingalungile emhlanganweni ovamile noma okhethekile webandla lonke. Singathola inqubo efanelekile eZwini likaNkulunkulu. Bheka ukuthi kwakufanele kwenziweni kwa-Israyeli wasendulo lapho othile evukela, eminza futhi edakwa: “Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya, uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo, bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’ Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe.” (Omalukeke sizenzele.)—Duteronomi 21:18-21.
18 Izono zalo muntu zazingezwiwa futhi zahlulelwe yisizwe sonke noma yisizwana sakubo sonke. Kunalokho, “amalunga” aqashelwayo ayesingatha udaba njengabameleli bebandla. (Qhathanisa noDuteronomi 19:16, 17 mayelana necala elalisingathwa ‘abapristi nabahluleli ababesuke bekhona ngalezo zinsuku.’) Ngokufanayo nanamuhla, lapho kudingeka kuthathwe isinyathelo sesithathu, abadala, abamelela ibandla, yibo abasingatha udaba. Umgomo wabo uyafana, uwukuzuza umzalwane ongumKristu uma kungenzeka. Lokhu bakubonisa ngokuba bangabi abakhethayo, bangahluleli leli cala kusengaphambili noma bavune othile.
19. Yini abadala abakhethwe ukuba bezwe udaba abayozama ukuyenza?
19 Bayozama ukuhlaziya amaqiniso nokuzwa ofakazi abadingekayo ukuze kubonakale ukuthi sikhona ngempela yini isono esenziwe (noma esisaqhubeka senziwa). Bafuna ukuvikela ibandla lingonakali nokungavumeli umoya wezwe kulo. (1 Korinte 2:12; 5:7) Ngokuvumelana nezimfanelo zabo ezingokomBhalo, bayozama “ukukhuthaza ngemfundiso enempilo nokusola labo abaphikisayo.” (Thithu 1:9) Kuthenjwa ukuthi owonile ngeke abe njengama-Israyeli, umprofethi kaJehova abhala ngawo: “Nganibiza, aniphendulanga, nalapho ngakhuluma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”—Isaya 65:12.
20. UJesu wathi kumelwe kwenzekeni uma isoni senqaba ukulalela futhi singaphenduki?
20 Nokho, ezimweni ezimbalwa uma kuqhathaniswa, isoni sibonisa leso simo sengqondo esifanayo. Uma kunjalo, isiqondiso sikaJesu sicacile: “Makabe kuwe njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” INkosi ayizange ikhuthaze ukuba nonya noma ukufisa ukulimaza. Nokho, isiqondiso somphostoli uPawulu sokukhipha ebandleni izoni ezingaphenduki sicacile. (1 Korinte 5:11-13) Ngisho nalokhu ekugcineni kungaphumela emgomweni wokuzuza isoni.
21. Yiliphi ithuba elihlala limvulekele umuntu okhishiwe ebandleni?
21 Ukuthi lokho kungenzeka singakubona emzekelisweni kaJesu wendodana esaphazayo. Njengoba kuboniswa kuwo, ngemva kwesikhathi esithile siphila ngaphandle kobudlelwane obunothando basendlini kayise, leso soni ‘sasanguluka.’ (Luka 15:11-18) UPawulu watshela uThimothewu ukuthi ezinye izoni zaziyophenduka ngemva kwesikhathi futhi ‘ingqondo yazo efanele yayingase ibuyele kuzo ziphume ogibeni lukaDeveli.’ (2 Thimothewu 2:24-26) Ngokuqinisekile singaba nethemba lokuthi noma yibaphi abona bangaphenduki futhi kudingeke bakhishwe ebandleni bayokuzwa ukulahlekelwa kwabo—bengasamukeleki kuNkulunkulu futhi bengasenabo ubudlelwane obufudumele nokuzwana namaKristu aqotho—bese besanguluka.
22. Singaphinde simzuze kanjani umfowethu?
22 UJesu wayengababheki abantu bezizwe nabathelisi njengasebonakele ngokwedlulele. Omunye wabathelisi, uMathewu Levi, waphenduka,‘walandela uJesu’ ngobuqotho, futhi waze wakhethwa ukuba abe umphostoli. (Marku 2:15; Luka 15:1) Ngakho-ke, uma isoni namuhla ‘singalilaleli ngisho nebandla’ futhi sikhishwa kulo, singalinda sibone ukuthi ingabe ngokuhamba kwesikhathi sizophenduka yini senzele izinyawo zaso izindlela eziqondile. Lapho sikwenza lokho futhi siphinda siba yilungu lebandla, khona-ke thina siyojabula ukuthi simzuzile umfowethu wabuyela emhlanjini wokukhulekela kweqiniso.
[Imibhalo yaphansi]
a I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi: “[Abathelisi] beTestamente Elisha babebhekwa njengamambuka nezihlubuki ezazingcoliswe ukuzihlanganisa kwazo njalo nabahedeni, ziyizincelebana zokuzithandela zabacindezeli. Babebhekwa njengezoni . . . Njengoba babekhishwa inyumbazane, futhi bebukelwa phansi ngabantu abangcono , okuwukuphela kwabangane babo kwakuyilabo abalahliwe njengabo.”
b Izindaba zebhizinisi noma zemali ezihilela izinga elithile lokukhohlisa, ukukhwabanisa noma ukuphamba zingawela ohlotsheni lwesono olwaluqondwe uJesu. Okubonisa lokho ukuthi, ngemva kokunikeza isiqondiso esilotshwe kuMathewu 18:15-17, uJesu walandisa ngomfanekiso wezigqila (izisebenzi) ezazikweleta imali futhi zahluleka ukuyikhokha.
c Esinye isazi seBhayibheli sathi: “Ngezinye izikhathi umuntu owonile ubaqaphela kakhudlwana ababili noma abathathu (ikakhulu uma bengabantu abakufanelekelayo ukuhlonishwa) kunoyedwa, ikakhulu uma lowo oyedwa kuyilowo muntu anenxa naye.”
Uyakhumbula?
◻ Ngokuyinhloko, uMathewu 18:15-17 usebenza kuluphi uhlobo lwesono?
◻ Yini okufanele siyikhumbule uma kudingeka sithathe isinyathelo sokuqala?
◻ Obani abangase babe usizo uma kudingeka sithathe isinyathelo sesibili?
◻ Obani abahilelekile ekuthathweni kwesinyathelo sesithathu, futhi sisengamzuza kanjani umfowethu?
[Isithombe ekhasini 18]
AmaJuda ayebagwema abathelisi. UMathewu waphenduka ezindleleni zakhe wayeselandela uJesu
[Isithombe ekhasini 20]
Ngokuvamile singaluxazulula udaba “ngaphansi kwamehlo amane”