Indaba Yokuphila
Incwadi Encane Eyashintsha Ukuphila Kwami
IXOXWA U-IRENE HOCHSTENBACH
KwakungoLwesibili kusihlwa ngo-1972. Ngangineminyaka engu-16 ubudala ngihambé nabazali bami saya emhlanganweni wenkolo e-Eidenhoven, idolobha elisesifundazweni saseBrabant, eNetherlands. Ngangizizwa ngizenyeza ngifisa sengathi ngabe angikho lapho. Khona lapho, amantombazane amabili anginika incwadi encane eyayibhalwe ukuthi: “Irene othandekayo, sifisa ukukusiza.” Ngangingazi ukuthi leyo ncwadi encane yayizokushintsha kangakanani ukuphila kwami. Kodwa ngaphambi kokuba ngilandise ukuthi kwabe sekwenzekani, ake nginitshele okuthile ngemvelaphi yami.
NGAZALELWA esiqhingini saseBelitung, e-Indonesia. Ngikhumbula eminye yemisindo yakuleso siqhingi esishisayo—ukuhashazela kwemithi yesundu inyakaziswa umoya, ukuhazela phansi komfula owawuseduze, ukuhleka kwezingane zidlala eduze kwasekhaya, nomculo owawuzwakala ekhaya. Ngo-1960, ngineminyaka emine ubudala, umkhaya wakithi wasuka e-Indonesia wathuthela eNetherlands. Saluhamba ngomkhumbi lolo hambo olude, futhi umsindo engiwukhumbula ngokukhethekile owethoyizi engangilikhonzile engangihamba nalo—upopayi omncane oshaya izigubhu. Ngineminyaka engu-7, ngaba isithulu ngenxa yokugula, futhi kusukela ngaleso sikhathi angiphindanga ngakwazi ukuzwa imisindo engizungezile. Ngisele nezinkumbulo kuphela.
Ukukhula Ngiyisithulu
Ngenxa yokunakekelwa ngothando abazali bami, ekuqaleni angiyiqondanga ngokugcwele imiphumela yokuba isithulu. Ngiseyingane, ngisho nensiza-kuzwa yami eyayinkulukazi yayiyinto yokudlala, ngisho noma yayingangisizi kangako. Ukuze zikhulume nami, izingane zakomakhelwane zazibhala phansi eceleni komgwaqo konke ezazifuna ukukusho, bese ngiziphendula, ngisho noma ngangingalizwa izwi lami.
Njengoba ngangikhula, ngaqaphela ukuthi ngangihlukile kwabanye abantu. Ngaqala nokuqaphela ukuthi abanye abantu babengihleka ngenxa yokungezwa kwami, kanti abanye babengikhipha inyumbazane. Ngaqala ukuzizwa ngilahliwe nginesizungu. Kwangicacela ukuthi kusho ukuthini ukuba isithulu, futhi njengoba ngangikhula, ngaya ngokuya ngibesaba abantu abezwayo.
Ukuze ngikwazi ukufunda esikoleni sabangezwa, abazali bami nomkhaya wakithi bathutha edolobhaneni elisesifundazweni saseLimburg baya edolobheni lase-Eindhoven. Lapho, ubaba wafuna umsebenzi, abafowethu nodadewethu bafunda esikoleni esisha. Ngiyabonga ngalo lonke lolu shintsho abalwenza ngenxa yami. Esikoleni, ngafundiswa ukuvumelanisa ukuphakama kwezwi lami nezimo nokuphimisela amagama ngokucacile. Nakuba othisha babengalusebenzisi ulimi lwezandla, izingane engangifunda nazo zangifundisa lona.
Ukuphila Ezweni Lami Ngedwa
Njengoba ngangikhula, abazali bami bazama kanzima ukukhulumisana nami, kodwa ziningi izinto engangingaziqondi. Ngokwesibonelo, ngangingaqondi ukuthi abazali bami babetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kodwa ngiyakhumbula ngolunye usuku umkhaya wakithi uvakashela indawo eyayinabantu abaningi ababehlezi ezihlalweni. Bonke babebheke phambili, ngezinye izikhathi bashaye ihlombe, babuye futhi basukume bahlale—kodwa ukuthi babekwenzelani konke lokhu, ngangingazi. Kamuva kakhulu, ngezwa ukuthi ngangikade ngisemhlanganweni woFakazi BakaJehova. Abazali bami babehamba nami siye nasehholo elincane edolobheni lase-Eindhoven. Ngangizwa kukahle khona ngoba wonke umuntu wayenomusa futhi umkhaya wakithi wawubonakala ujabule, kodwa ukuthi kungani sasilokhu siya khona, ngangingazi. Manje ngiyazi ukuthi lelo hholo elincane kwakuyiHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.
Ngeshwa, kwakungekho muntu kuleyo mihlangano owayengihumushela isimiso. Manje sengiyabona ukuthi ababesuke bekhona babefuna ukungisiza kodwa bengazi ukuthi benze njani ngokungezwa kwami. Kule mihlangano, ngangizizwa ngilahlekile bese ngicabanga, ‘Sengathi ngabe ngisesikoleni, hhayi la.’ Kodwa kwake kwathi ngisacabanga kanjalo, amantombazane amabili abhala okuthile ephepheni, anginika lona. Yileyo ncwadi encane engikhulume ngayo esingenisweni. Ngangingazi ukuthi leyo ncwadi yayiyoba isiqalo sobungane obuyigugu obabuzongikhipha ezweni lami ngedwa.
Ukwakha Ubungane Obuyigugu
UColette noHermine, abangibhalela le ncwadi, babesanda kuhlanganisa iminyaka engu-20 ubudala. Kamuva, ngathola ukuthi babeze kuleli bandla loFakazi BakaJehova engangilivakashele bezokhonza njengamaphayona avamile, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele. Nakuba uColette noHermine babengalwazi ngempela ulimi lwezandla, ngangikwazi ukufunda izindebe zabo uma bekhuluma nami, futhi ngale ndlela sasikwazi ukukhulumisana kahle.
Abazali bami bajabula lapho uColette noHermine bebuza ukuthi bangangifundela yini iBhayibheli, kodwa la mantombazane enza okungaphezulu kakhulu kwalokho. Azama kanzima ukungihumushela imihlangano eHholo LoMbuso nokungifaka ebudlelwaneni nabanye ebandleni. Babeprakthiza nami izintshumayelo zeBhayibheli engangizozisebenzisa ensimini, futhi bangisize ekulungiseleleni izinkulumo zaseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Cabanga nje, manje ngase nginanesibindi sokubeka inkulumo phambi kwabantu abezwayo!
Ngaphezu kwalokho, uColette noHermine bangenza ngabethemba. Babenesineke futhi bengilalela. Nakuba sasivame ukuwahleka amaphutha ami, babengahlekisi ngami; futhi babengenamahloni ngami. Babezama ukuyiqonda imizwa yami futhi bengibheka njengomuntu ofana nabo. La mantombazane anomusa angipha isipho esihle—uthando lwawo nobungane.
Okubaluleke kakhulu, uColette noHermine bangifundisa ukuthi kwakumelwe ngazi uNkulunkulu wethu, uJehova, njengomngane esingamethemba. Bangichazela ukuthi uJehova wayengibonile ngihlezi eHholo LoMbuso nokuthi wayeqonda ukuthi kunjani kimi ukuba yisithulu. Angive ngibonga ngokuthi uthando lwethu ngoJehova lwasihlanganisa sobathathu njengabangane! Ukungikhathalela kukaJehova kwangithinta, futhi ngenxa yothando lwami ngaye, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuye ngobhapathizo lwamanzi ngo-July 1975.
Ukuhambisana Nomngane Okhethekile
Eminyakeni eyalandela, ngajwayela abafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu. Omunye umzalwane waba umngane okhetheke kakhulu kimi, futhi sashada ngo-1980. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaqala ukukhonza njengephayona, kwathi ngo-1994 mina nomyeni wami uHarry sabelwa ukuba siyokhonza njengamaphayona akhethekile ensimini yoLimi Lwezandla LwesiDashi. Ngonyaka olandelayo, ngabhekana nesabelo esinzima. Kwakumelwe ngihambisane nomyeni wami, ozwayo, lapho ehambela amabandla ahlukahlukene njengombonisi wesifunda obambele.
Yilokhu engikwenzayo. Lapho siqala ukuhambela ibandla, ngokushesha ngiya kubazalwane nodade abaningi ngangokunokwenzeka ngizethule. Ngiyabatshela ukuthi angizwa bese ngibacela ukuthi banense uma bekhuluma nami futhi bangibheke. Ngizama nokusheshe ngiphendule emihlanganweni yebandla. Futhi ngibuza ukuthi ukhona yini ongathanda ukungihumushela emihlanganweni nasensimini kulelo sonto.
Le ndlela isebenza kahle kangangokuthi ngezinye izikhathi abafowethu nodadewethu bayakhohlwa ukuthi angizwa, kubangele izimo ezihlekisayo. Ngokwesibonelo, bangitshela ukuthi lapho bengibona ngihamba edolobheni bayangihuthela bengibingelela, kodwa, njengoba ungase ulindele, ngivele ngizithulele nje. Nami ngibuye ngikhohlwe ukulinganiselwa kwami—njengalapho ngizama ukuhlebela umyeni wami imfihlo. Uma ngimbona ngokushesha ekhophoza, ngiyazi ukuthi “ngihlebele” phezulu.
Izingane zisiza ngezindlela ezingalindelekile. Kwelinye ibandla esasiqala ukulivakashela, umfanyana oneminyaka engu-9 wayephawulile ukuthi abanye eHholo LoMbuso babemanqikanqika ukukhuluma nami, wayesenquma ukwenza okuthile ngakho. Weza kimi, wangibamba ngesandla, wangiyisa maphakathi neHholo LoMbuso, wabe esesho ngengila, “Lona u-Irene—akezwa!” Ababekhona beza kimi bazethula.
Njengoba ngihamba nomyeni wami emsebenzini wokujikeleza, abangane bami balokhu banda. Ukuphila kwami namuhla akuve sekuhlukile kunakuleya minyaka ngizizwa ngikhishwe inyumbazana futhi ngilahliwe! Kusukela mhla uColette noHermine banginika leya ncwadi encane, ngiye ngawabona amandla obungane futhi ngiye ngazana nabantu ababe igugu kakhulu kimi. Ngaphezu kwakho konke, ngiye ngazi uJehova, uMngane oyigugu kunabo bonke. (Roma 8:38, 39) Ayive yakushintsha ukuphila kwami leyo ncwadi encane!
[Isithombe ekhasini 24]
Ngiyawukhumbula umsindo wethoyizi lami engangilikhonzile
[Izithombe ekhasini 25]
Ngisensimini, nomyeni wami, uHarry