Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 8/15 kk. 3-4
  • Hlobo Luni Lwegama Ozakhela Lona?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlobo Luni Lwegama Ozakhela Lona?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Abanye Abakhunjulwa Ngakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukukhetha Okuholela Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ungaba Nokuphila Okunenjongo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • ‘Izibusiso Zitholwa Olungileyo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 8/15 kk. 3-4

Hlobo Luni Lwegama Ozakhela Lona?

WAKE wayifunda ingosi yezemingcwabo ephephandabeni lendawo yangakini noma wabona umbiko omude wokuphila komuntu oshonile nalokho akufezile? Ingabe wazibuza wathi, ‘Bebeyothini abantu ngami?’ Bangaki abake bacabange ngokuthi bayokhunjulwa ngani lapho sebefile? Ngakho, umbuzo ongagunci uthi: Ngabe bathini abantu ngawe namuhla ukube ufé izolo? Hlobo luni lwedumela ozakhela lona? Ubungathanda ukuba labo abakwaziyo kanye noNkulunkulu bakukhumbule ngani?

Umbhali ohlakaniphile wencwadi yeBhayibheli yomShumayeli wathi: “Igama lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.” (UmShumayeli 7:1) Kungani usuku lokufa komuntu lungcono kunosuku lokuzalwa kwakhe? Kungenxa yokuthi lapho umuntu ezalwa usuke engakazakheli idumela. Usuke engakabi nawo nhlobo umlando. Inkambo yakhe yokuphila ingagcina imenze waba nedumela elibi noma elihle. Kungaleyo ndlela usuku lokufa lungcono ngempela kunolokuzalwa kulabo abaye bazakhela igama elihle eminyakeni edlule.

Ngakho, siyazikhethela. Eqinisweni, nsuku zonke ziningi izinto esikhetha kuzo ezinquma ukuthi liyobe linjani idumela lethu lapho sifa, ikakhulukazi indlela uNkulunkulu ayosikhumbula ngayo. Ngakho, lo mHebheru ohlakaniphile wabhala wathi: “Ukukhunjulwa kolungileyo kumiselwe isibusiso, kodwa igama lababi liyobola.” (IzAga 10:7) Akuve kuyilungelo ukukhunjulwa uNkulunkulu ukuze akubusise!

Siyobe senza ngokuhlakanipha uma sizibekela umgomo wokujabulisa uNkulunkulu ngokuphila ngokuvumelana nezindinganiso zakhe. Lokho kusho ukulalela izimiso eziyisisekelo uKristu azisho: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho, nabaProfethi.”—Mathewu 22:37-40.

Abanye bakhunjulwa ngokusiza kwabo umphakathi, ukumelela amalungelo abantu, noma ngalokho abakufezile kwezamabhizinisi, kwezesayensi, kwezokwelapha noma kweminye imisebenzi. Nokho, ubungathanda ukhunjulwa ngani wena?

Imbongi yaseScotland uRobert Burns (1759-96) yaveza ukuthi ifisa sengathi uNkulunkulu angasipha isipho sokuzibona ngendlela abanye abasibona ngayo. Ungazihlola yini ngobuqotho bese uphetha ngokuthi unedumela elihle kwabanye abantu nakuNkulunkulu? Ekugcineni, ubuhlobo bethu nabanye yibona ngempela obubaluleke kakhulu kunempumelelo yesikhashana esingayithola kwezemidlalo noma kwezamabhizinisi. Ngakho umbuzo ungukuthi: Indlela esibaphatha ngayo abanye—izingxoxo zethu, ukuziphatha kwethu, ukwenza kwethu—ibathinta kanjani? Ingabe basibona singabantu abangenekayo noma abangenabungani? Abanomusa noma abanokhahlo? Abavumelana nezimo noma abalukhuni? Abanothando nesihawu noma abangenaluzwela? Abangabagxeki abalimazayo noma abeluleki abakhayo? Ake sihlole ezinye izibonelo zasendulo nezanamuhla ukuze sibone ukuthi singafundani.

[Isithombe ekhasini 3]

URobert Burns wafisa sengathi uNkulunkulu angasipha isipho sokuzibona ngendlela abanye abasibona ngayo

[Umthombo]

From the book A History of England

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela