Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 2/1 kk. 2-4
  • Ingokomoya Nenhlalakahle Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingokomoya Nenhlalakahle Yakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlobana Okuqondile
  • Londoloza Ukholo Lwakho Nempilo Engokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?
    I-Phaphama!—1989
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2019
  • Ukufuna Ingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 2/1 kk. 2-4

Ingokomoya Nenhlalakahle Yakho

KUNGENZEKA isikhathi sakho esiningi usichitha unakekela impilo yakho engokwenyama. Usuku ngalunye, cishe uchitha amahora angu-8 ulele, upheke amahora athile futhi udle, bese usebenza amahora angu-8 noma ngaphezulu ukuze ukwazi ukukhokhela indawo yokukhosela, uthenge nokudla. Uma ugula, cishe uchitha isikhathi nemali uya kudokotela noma uthaka ikhambi lesintu. Uhlanza indlu, ugeze, futhi kungenzeka uzivivinya njalo, konke ukwenza ngenjongo yokuba nempilo enhle.

Nokho, ukulondoloza impilo enhle kuhilela okungaphezu nje kokunakekela izidingo zakho ezingokwenyama. Kunokuthile okunendima enkulu enhlalakahleni yakho. Ukucwaninga kwabezokwelapha kuye kwabonisa ukuthi impilo yakho engokwenyama ihlobene eduze nempilo yakho engokomoya—ukuthi unalo ingokomoya noma awunalo.

Ukuhlobana Okuqondile

UProfesa Hedley G. Peach wase-University of Melbourne, e-Australia, uthi: “Iningi lemibiko yocwaningo olwenziwe mathupha ngale ndaba liveza ukuhlobana okuqondile phakathi kwengokomoya elithuthukisiwe nempilo engcono.” Iphawula ngalokhu, i-Medical Journal of Australia (MJA) ithi: “Ukukholwa kuye futhi kwahlotshaniswa . . . nomfutho wegazi ophansi, izinga eliphansi le-cholesterol . . . ngisho nokuncipha kwamathuba okuthola umdlavuza kapopopo.”

Ngokufanayo, ekuhlolweni kwabantu abangu-6 545 ngo-2002 e-United States, okwenziwa i-University of California (UC), eBerkeley, kwatholakala ukuthi “abantu ababeya kanye ngesonto ezinkonzweni babephila isikhathi eside kunalabo ababengavamile ukuya noma ababengayi nhlobo.” UDoug Oman, umlobi oyinhloko walokho kuhlola obuye afundise e-UC Berkeley’s School of Public Health, wathi: “Sathola lo mahluko ngisho nangemva kokucabangela izinto ezinjengobuhlobo nabanye, imikhuba ethinta impilo, kuhlanganise nokubhema nokuzivivinya.”

Iveza ezinye izinzuzo zalabo abanombono ongokomoya ngokuphila, i-MJA ithi: “Ekuhloleni kwase-Australia kwatholakala ukuthi kubantu abangamakholwa, imishado eminingi izinzile, utshwala buphuzwa kancane, ukudliwa kwezidakamizwa ngokungemthetho kusezingeni eliphansi, ukuzibulala, nokucabanga nje ngakho akwandile, izinga lokukhathazeka nokucindezeleka liphansi kanti nobugovu buphansi kakhulu.” Ngaphezu kwalokho, i-BMJ (eyayaziwa ngokuthi i-British Medical Journal) iyabika: “Abantu abathi banezinkolelo ezingokomoya eziqinile, babonakala beshesha ukukhohlwa futhi belukhohlwa ngokuphelele usizi lokushonelwa umuntu abasondelene naye kunalabo abangenazo izinkolelo ezingokomoya.”

Kunemibono eminingi ngalokho ingokomoya langempela eliyikho. Nokho, isimo sengokomoya lakho sinomthelela empilweni yakho engokomoya nengokwengqondo. Lobu bufakazi buyavumelana nalokho okwashiwo uJesu Kristu eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Njengoba impilo nenjabulo yakho kuthonywa isimo sengokomoya lakho, kunengqondo ukuzibuza: ‘Ngingasitholaphi isiqondiso sengokomoya esinokwethenjelwa? Futhi yini ehilelekile ekubeni umuntu ongokomoya?’

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

Photo Credits: Page 18: Mao Tse-tung and Golda Meir: Hulton/Archive by Getty Images; Francis Ferdinand: From the book The War of the Nations; Hirohito, Lindbergh, & Einstein: U.S. National Archives photo; Stalin: U.S. Army photo; Roosevelt: Franklin D. Roosevelt Library; Churchill: The Trustees of the Imperial War Museum (MH 26392)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela