Indlela Ongavikela Ngayo Izingane Zakho Ngokuhlakanipha KukaNkulunkulu
NSUKU zonke imizimba yethu isempini. Kumelwe ilwe nenqwaba yamagciwane. Okujabulisayo ukuthi iningi lethu liye lazalwa linesimiso somzimba sokuzivikela esilwa nalokho kuhlaselwa, sisivikele ekungenweni izifo eziningi ezithelelanayo.
Ngokufanayo, amaKristu kumelwe alwe nemicabango nezindinganiso ezingavumelani nemiBhalo kanye nezingcindezi ezingalimaza impilo yethu engokomoya. (2 Korinte 11:3) Ukuze sikwazi ukumelana nalokhu kuhlaselwa kwansuku zonke kwezingqondo nezinhliziyo zethu, kudingeka sakhe izindlela zokuzivikela ngokomoya.
Lezi zivikelo zidingeka ngokukhethekile ezinganeni zethu, ngoba azizalwa nazo lezi zindlela zokuzivikela ezingokomoya ezingamelana nomoya wezwe. (Efesu 2:2) Njengoba izingane zikhula, kubalulekile ngabazali ukuba bazisize zakhe izindlela zazo zokuzivikela. Zisekelwaphi lezo zindlela zokuzivikela? IBhayibheli liyachaza: “UJehova unikeza ukuhlakanipha; . . . uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe.” (IzAga 2:6, 8) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kungaqapha izindlela zabasha, okungathi ngaphandle kwako banqotshwe abangane ababi, ukucindezela kontanga, noma ukuzijabulisa okungcolile. Abazali bangakugxilisa kanjani ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ezinganeni zabo, belandela isiqondiso sikaJehova?
Ukufuna Abangane Abakhayo
Kuyaqondakala ukuthi asebevile eminyakeni engu-12 ubudala bathanda ukuba nabangane abangontanga, kodwa ukuzihlanganisa nje kuphela nabangane abangenalwazi olutheni, ngeke kubasize ukuba babe nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,” kuxwayisa isaga. (IzAga 22:15) Khona-ke, abanye abazali baye bazisiza kanjani izingane zabo ukuba zisebenzise ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kule ndaba yabangane?
Ubaba ogama lakhe linguDona wathi: “Amadodana ethu ayechitha isikhathi esiningi nabangane abangontanga yawo, kodwa esiningi saleso sikhathi ayesichitha esemzini wethu, nathi sikhona. Sasihlala sikulungele ukwamukela intsha emzini wethu futhi ngenxa yalokho wawuhlala ugcwele yona, siyinika ukudla, futhi siyenza izizwe ikhululekile. Sasikujabulela ukubekezelela umsindo nokuxokozela emzini wethu ukuze nje izingane zethu zibe nendawo elondekile ezazingazijabulisa kuyo.”
UBrian noMary banezingane eziziphethe kahle ezintathu kodwa abesabi ukusho ukuthi ukuziqeqesha bekungelula ngaso sonke isikhathi. Bálandisa: “Ebandleni lethu, yayimbalwa intsha eneminyaka ecela kwengu-19 eyayingaba abangane bakaJane, indodakazi yethu. Nokho, wayenaye umngane ogama lakhe linguSusan, owayengumuntu onobungane futhi owayehlala eneme. Nokho, abazali bakhe babengebona abantu abanesandla esiqinile njengathi. USusan wayevunyelwa ukuba abuye ekhaya ebusuku kakhulu kunoJane, kanti futhi wayevunyelwa ukuba agqoke iziketi ezimfushane kakhulu, alalele umculo ongabazisayo nokuba abukele amabhayisikobho angafanelekile. UJane waba nobunzima isikhathi eside bokubona izinto ngendlela esasizibona ngayo. Kuyena, abazali bakaSusan babebonakala bengabantu abaqondayo, kuyilapho thina sasibonakala sinesandla esiqine kakhulu. Kwaze kwaba yilapho uSusan esengene enkingeni lapho uJane aqala khona ukuqonda ukuthi ukuqinisa kwethu isandla kwamvikela. Sijabula kakhulu ngokuthi asizange sintengantenge kulokho esasikholelwa ukuthi kuyoyizuzisa indodakazi yethu.”
NjengoJane, intsha eningi iye yafunda ukuthi kuwukuhlakanipha ukufuna isiqondiso sabazali kule ndaba yabangane. Isaga sithi: “Indlebe elalela ukusolwa kokuphila ihlala phakathi kwabantu abahlakaniphile.” (IzAga 15:31) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwenza intsha ifune ukuzihlanganisa nabangane abakhayo.
Ukubhekana Nokucindezela Kokufuna Ukufana Nabanye
Into ehlobene eduze nobungane ukucindezela kontanga. Nsuku zonke, ukucindezela kokufuna ukufana nabanye kuhlasela izivikelo zezingane zethu. Njengoba intsha ngokuvamile ifuna ukwamukelwa ontanga, ukucindezela kontanga kungayiphoqa ukuba izivumelanise nalokho izwe elikubheka njengokufiselekayo.—IzAga 29:25.
IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” (1 Johane 2:17) Ngakho, abazali akufanele bavumele izingane zabo zithonywe kakhulu imibono yezwe. Bangazisiza kanjani-ke izingane zabo ukuba zicabange ngendlela yobuKristu?
“Indodakazi yami njalo yayifuna ukugqoka ngendlela enye intsha eyayigqoka ngayo,” kusho uRichard. “Ngakho sasibonisana nayo ngesineke ngobuhle nobubi besicelo sayo ngasinye. Ngisho namaqondana naleyo mfashini esasicabanga ukuthi iyamukeleka, sasilandela iseluleko sakudala esithi, ‘Isihlakaniphi ngumuntu okungeyena owokuqala ukuba nezinto ezisemfashinini futhi okungeyena owokugcina ukuba nazo.’”
Umama ogama lakhe linguPauline wamelana nokucindezela kontanga ngendlela ehlukile. Wathi: “Ngangizithanda izinto ezithandwa izingane zami futhi ngangiya njalo ekamelweni lazo ngiyoxoxa nazo. Lezi zingxoxo ezinde zangenza ngakwazi ukulolonga imibono yazo nokuzisiza ukuba zibheke izinto ngezindlela ezihlukahlukene.”
Ukucindezela kontanga ngeke kuphele, ngakho abazali cishe bayohlala bezabalazela ‘ukugumbuqela imicabango yezwe,’ basize izingane zabo ukuba ‘zithumbe imicabango yazo, ilalele uKristu.’ (2 Korinte 10:5) Kodwa ‘ngokuphikelela emthandazweni,’ kokubili abazali nezingane bayoqina ukuze bakwazi ukuwufeza lo msebenzi obalulekile.—Roma 12:12; IHubo 65:2.
Ihuha Elinamandla Lokuzijabulisa
Ithonya lesithathu abazali abangalithola linzima ukulwisana nalo ukuzijabulisa. Ngokwemvelo abantwana bayakuthanda ukudlala. Abantwana abaningi asebebadadlana nabo bakufuna ngentshiseko ukuzijabulisa. (2 Thimothewu 2:22) Kodwa uma lesi sifiso saneliswa ngendlela ewubuwula, singazenza buthaka izivikelo zabo ezingokomoya. Ngokuyinhloko, izingozi zikabili.
Okokuqala, ukuzijabulisa okuningi kubonakalisa izindinganiso zokuziphatha zezwe ezonakele. (Efesu 4:17-19) Nokho, njalo nje kuvezwa ngezindlela ezijabulisayo futhi ezikhangayo. Lokhu kungababeka engozini enkulu abasebasha, abangase bangakwazi ukubona izingibe.
Okwesibili, isikhathi esichithwa ekuzijabuliseni naso singadala izinkinga. Kwabanye, ‘ukuzijabulisa’ kuba iyona nto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni, kubadlele isikhathi esiningi futhi kubashiye bekhathele. “Akukuhle ukudla uju oluningi,” kuxwayisa isaga. (IzAga 25:27) Ngokufanayo, ukuzijabulisa ngokweqile kungaqeda isifiso sokudla ukudla okungokomoya kwenze nengqondo ivilaphe. (IzAga 21:17; 24:30-34) Ukusebenzisa leli zwe ngokugcwele kuyoyithiya intsha ekubeni ‘ibambisise ukuphila kwangempela’—ukuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:12, 19) Abazali baye babhekana kanjani nale nselele?
UMari Carmen, umama onamadodakazi amathathu, wathi: “Sasifuna amadodakazi ethu azijabulise ngendlela eyakhayo. Ngakho sasiphuma njalo njengomkhaya, kanti futhi ayechitha isikhathi nabangane ebandleni. Kodwa sasigcina ukuzijabulisa kusendaweni yako. Sasikufanisa nophudingi okugcinwa ngawo esidlweni—wehla esiphundu kodwa awukona ukudla okuqinile. Afunda ukuba izisebenzi ezikhuthele ekhaya, esikoleni nasebandleni.”
UDon noRuth nabo babeqikelela ukuba ukuzijabulisa kungabi into ethuka yenzeka. Bachaza: “Sazenzela umkhuba wokubekela eceleni uMgqibelo njengosuku lokuba umkhaya ube ndawonye. Sasiya ensimini ekuseni, sihambe siyobhukuda ntambama, bese kuthi kusihlwa sijabulela isidlo esikhethekile.”
Okushiwo yila bazali kubonisa ukubaluleka kokuba umKristu alinganisele ekuzijabuliseni okwakhayo nokuba akugcine kusendaweni yako efanele.—UmShumayeli 3:4; Filipi 4:5.
Thembela KuJehova
Yiqiniso, kuthatha iminyaka ukwakha izivikelo ezingokomoya. Alikho ikhambi eliyisimangaliso eliyonika izingane ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, okuyozishukumisela ukuba zithembele kuYise wasezulwini. Kunalokho, abazali kumelwe ‘baqhubeke bezikhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efesu 6:4) Lokhu ‘kuqondisa umqondo’ okuqhubekayo kusho ukusiza izingane ukuba zibheke izinto ngendlela uNkulunkulu azibheka ngayo. Bangakwenza kanjani lokho abazali?
Isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo siyisihluthulelo sempumelelo. Isifundo ‘sivula amehlo ezingane ukuba zibone izinto ezimangalisayo ezivela emthethweni kaNkulunkulu.’ (IHubo 119:18) UDiego wayesibheka njengesibaluleke kakhulu isifundo somkhaya kanjalo wasiza izingane zakhe ukuba zisondele kuJehova. Uthi: “Ngangisilungiselela kahle isifundo. Ngokucwaninga ezincwadini ezingokomBhalo, ngafunda ukwenza abalingiswa beBhayibheli babe ngokoqobo. Ngakhuthaza izingane ukuba zikwazi ukubona indlela ukuphila kwazo okufana ngayo nokwabantu abathembekile. Lokhu kwaba isikhumbuzo esigqamile ezinganeni zami salokho okujabulisa uJehova.”
Izingane zingafunda futhi nasezimweni ezikhululekile. UMose wakhuthaza abazali ukuba bakhulume ngezikhumbuzo zikaJehova ‘lapho behleli ezindlini zabo nalapho behamba endleleni nalapho belala nalapho bevuka.’ (Duteronomi 6:7) Omunye ubaba wachaza: “Kuthatha isikhathi ukuba indodana yami ingivulele isifuba sayo. Lapho sishaywa umoya noma sisebenza ndawonye, igcina isiyitholile indlela yokuzethula umthwalo. Ngalezi zikhathi, siyaye sibe nezingxoxo ezinhle ezisakhayo sobabili.”
Futhi izingane zithintwa ngokujulile imithandazo yabazali bazo. Ukuzwa abazali bazo bethandaza kuNkulunkulu ngokuthobeka becela usizo nentethelelo kuzishukumisela ukuba ‘zikholelwe ukuthi ukhona.’ (Hebheru 11:6) Abazali abaningi abaphumelelayo bagcizelela ukubaluleka kwemithandazo yomkhaya, phakathi kwayo okuba imithandazo maqondana nezinto zesikole nangezinye ezikhathaza izingane zabo. Omunye ubaba wathi umkakhe uthandaza njalo nezingane ngaphambi kokuba ziye esikoleni.—IHubo 62:8; 112:7.
“Masingayeki Ukwenza Okuhle”
Bonke abazali bayawenza amaphutha futhi bangase bazisole ngendlela ábazisingatha ngayo ezinye izimo. Noma kunjalo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba siqhubeke sizama, ‘singayeki ukwenza okuhle.’—Galathiya 6:9.
Nokho, abazali bangase bezwe kuthi abashiye phansi konke lapho ngezinye izikhathi kubonakala sengathi abakwazi nhlobo nje ukuqonda izingane zabo. Kungaba lula ukuphetha ngokuthi isizukulwane esisha sihlukile futhi kulukhuni ukusebenzelana naso. Kodwa, eqinisweni, abantwana namuhla banobuthakathaka obufana nsé nalobo isizukulwane esidala esasinabo, futhi babhekana nezilingo ezifanayo—nakuba kungenzeka kona ukuthi izingcindezi zokona ziye zanda. Ngakho-ke, omunye ubaba, ngemva kokuba esole indodana yakhe, wathambisa amazwi akhe ngokunezela ngomusa la mazwi: “Inhliziyo yakho ifuna ukwenza lokho inhliziyo yami eyayifuna ukukwenza ngisengangawe.” Abazali bangase bangazi kangako ngama-computer, kodwa bazi konke ngokuthambekela kwenyama engaphelele.—Mathewu 26:41; 2 Korinte 2:11.
Mhlawumbe ezinye izingane ziba madolonzima ekulaleleni iziqondiso zabazali bazo zize zivukele nokuvukela lapho zinikezwa isiyalo. Noma kunjalo, nalapha futhi kubalulekile ukukhuthazela. Nakuba izingane eziningi ziqale zibe madolonzima ukulalela noma zivukele ngezinye izikhathi, zigcina sezilalela. (IzAga 22:6; 23:22-25) UMatthew, umKristu osemusha manje okhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, walandisa: “Lapho ngiseyibhobhodlana, ngangicabanga ukuthi sasingalungile isenzo sabazali bami sokungibekela imingcele. Ngangiye ngithi, uma abazali babangane bami beyivumela into ethile kungani abami bengayivumeli? Futhi ngangiye ngicasuke ngempela lapho, ngezinye izikhathi, bengijezisa ngokungenqabela ukuba ngiye emdlalweni engangiwuthanda kakhulu—ukugwedla isikebhe. Nokho, uma ngicabanga ngakho manje sengiyabona ukuthi iseluleko ababenginika sona sasisebenza futhi sasidingeka. Ngiyabonga ngokuthi banginika isiqondiso engangisidinga ngesikhathi engangisidinga ngaso.”
Nakuba izingane zethu ngezinye izikhathi kungase kudingeke zibe sendaweni engenampilo ngokomoya, akungabazeki ukuthi zisengakhula zibe amaKristu afanelekayo. Njengoba iBhayibheli lithembisa, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kungazivikela ngokomoya. “Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho nolwazi luba mnandi emphefumulweni wakho, ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda, ukuze kukukhulule endleleni embi.”—IzAga 2:10-12.
Ukuthwala ingane esibelethweni izinyanga ezingu-9 akuwona neze umsebenzi olula, kanti neminyaka engu-20 elandelayo ingase ibe nezazo izinhlungu ezihambisana nenjabulo. Kodwa ngenxa yokuthi bayazithanda izingane zabo, abazali abangamaKristu bazikhandla ngokusemandleni abo ukuze bazivikele ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Indlela abazizwa ngayo ngezingane zabo iyefana nendlela umphostoli uJohane ayezizwa ngayo ngezingane zakhe ezingokomoya: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.”—3 Johane 4.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 24]
“Sasihlala sikulungele ukwamukela intsha emzini wethu futhi ngenxa yalokho wawuhlala ugcwele yona”
[Isithombe ekhasini 25]
Thanda izinto ezithandwa izingane zakho
[Izithombe ekhasini 26]
“Ngangisilungiselela kahle isifundo”