Ingabe Ikusasa Lethu Linqunywe Kusengaphambili?
UMKRISTU, iSulumane, umJuda, umHindu, noma ikholwa lenye inkolo—abantu bazo zonke izinkolo bayabhekana nenhlekelele futhi babe lusizi ngenxa yayo.
Ngokwesibonelo, ngo-December 6, 1997, kwavela inhlekelele esabekayo edolobheni laseSiberia e-Irkutsk. Indiza enkulu i-AN-124 ethwala impahla yayisanda kusuka lapho ezimbili zezinjini zayo ziphuka. Le ndiza, eyayigcwaliswe uphethiloli, yawela endaweni ehlala abantu. Amalangabi angqongqisa izindlu eziningi, abulala futhi alimaza izakhamuzi eziningi ezazingenakuzisiza, kuhlanganise nezingane ezingazi lutho.
Kuleyo ndawo yaseSiberia okwenzeka kuyo leyo ngozi, cishe kunabantu abanemibono ehlukahlukene engokwenkolo. Abanye bangase bathi bakholelwa ebuKristwini, kodwa bebe becabanga ukuthi leyo nhlekelele yayiwumphumela wokunqunyelwa kusengaphambili. Bona nabanye, bangase babe nomuzwa wokuthi, ‘Kwakuyintando kaNkulunkulu, futhi ukube labo abafa abazange bafe ngale ndlela babezokufa ngenye indlela—babenqunyelwe lokho kusengaphambili.’
Ukucabanga okunjalo, kungakhathaliseki ukuthi kushiwo ngokuqondile noma cha, kubonisa umbono ovame ezinkolweni eziningi embulungeni yonke—ukunqunyelwa kusengaphambili. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ikusasa lethu, kusukela osukwini lokuzalwa kwethu kuya osukwini lokufa, ngandlela-thile linqunywe kusengaphambili.
Ukukholelwa ekunqunyelweni kusengaphambili kungezinhlobo ezihlukahlukene, okwenza kube nzima ukunikeza incazelo ekuhlanganisa konke. Ngokuyisisekelo, ukunqunyelwa kusengaphambili kudlulisela umqondo wokuthi konke okwenzekayo, isenzo ngasinye, isenzakalo ngasinye—kungakhathaliseki ukuthi kubi noma kuhle—akunakugwemeka; kumiselwe ukuba kwenzeke ngoba kuye kwanqunywa kusengaphambili ngamandla aphakeme, angenakulawulwa umuntu. Lo mbono ungatholakala esayensini yokufundwa kwezinkanyezi, kuyi-karma yobuHindu nobuBuddha, kanye nasemfundisweni yeLobukholwa yokunqunyelwa kusengaphambili. Emuva eBabiloni lasendulo, abantu babekholelwa ukuthi onkulunkulu babeziqondisa ngencwadi elotshiwe izinto ezidalelwe nekusasa. Kwakucatshangwa ukuthi noma imuphi unkulunkulu oqondisa lezo “zibhebhe zokumiselwa” wayenganquma izinto abantu, imibuso ngisho nonkulunkulu ngokwabo abadalelwe zona.
Amakholwa amaningi akholelwa ukuthi uNkulunkulu unquma ngokwaphezulu ngaphambi kokuba abantu bazalwe, konke okuzokwenzeka kubo, kuhlanganise nobude bokuphila kwabo, ukuthi bazoba abantu besilisa noma besifazane, bazoceba noma bazoba mpofu, bazoba lusizi noma bazojabula. Konke lokhu kuthiwa kusengqondweni kaNkulunkulu noma kulotshwe encwadini ngaphambi kokuba kwenzeke. Ngakho akukhona okungavamile ngekholwa ukuba lapho kugadla inhlekelele lithi, “mektoub,”—kulotshiwe! Kucatshangwa ukuthi njengoba uNkulunkulu azi yonke into kusengaphambili, kumelwe ukuba unquma nokuthi ubani oyolalela nongeke alalele. Ngenxa yalokho, amakholwa amaningi akholelwa ukuthi ngisho nangaphambi kokuba umuntu azalwe, uNkulunkulu usuke esenqumile ukuthi uyoba nenjabulo emi phakade ePharadesi noma uyobhujiswa phakade.
Ungase ube nomuzwa wokuthi lokhu kuzwakala kufana kakhulu nemfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili efundiswa emasontweni athile eLobukholwa. UmProthestani wokuqala owasekela imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili kwakunguMgqugquzeli weNguquko waseFrance wangekhulu le-16 uJohn Calvin. Wachaza ukunqunyelwa kusengaphambili ngokuthi “isinqumo saphakade sikaNkulunkulu, anquma ngaso lokho afuna ukukwenza ngomuntu ngamunye. Abantu abadalwanga besesimweni esifanayo bonke, kodwa abanye bamiselwa kusengaphambili ukuphila okuphakade abanye bamiselwe ukulahlwa okuphakade.” Futhi uCalvin wagomela: “UNkulunkulu akazange nje abone kusengaphambili ukuwa komuntu wokuqala, nokuchitha kwakhe inzalo yakhe; kodwa wakuhlela ngendlela ayithandayo.”
Nokho, akuwona wonke amalungu ezinkolo afundisa ukunqunyelwa kusengaphambili noma ukudalelwa akukholelwayo wona ngokwawo. Amanye asho ngokufanelekile ukuthi imibhalo yenkolo ikhuluma ngenkululeko yomuntu yokuzikhethela. Empeleni, kuye kwaba nempikiswano enkulu ngokuphathelene nezenzo zomuntu, ukuthi ziwumphumela wokuzikhethela komuntu noma zinqunywe uNkulunkulu kusengaphambili. Ngokwesibonelo, abanye baye baphikisa ngokuthi umuntu kumelwe ukuba ukhululekile ukuzikhethela futhi enze okuthile, njengoba uNkulunkulu, onobulungisa, enika umuntu umthwalo wokuziphendulela nowokulandisa ngezenzo zakhe. Abanye baye bathi uNkulunkulu usungula izenzo zomuntu bese umuntu ngandlela-thile “ezithatha” abese eba nomthwalo wokuziphendulela ngazo. Nokho, ngokuvamile abantu abaningi bakholelwa ukuthi isenzakalo ngasinye, esincane noma esikhulu, ekuphileni kwethu kwansuku zonke siye sanqunywa uNkulunkulu.
Yini oyikholelwayo? Ingabe uNkulunkulu usenqumile ukuthi liyoba njani ikusasa lakho? Ingabe abantu banalo ngempela ilungelo lokuzikhethela, ikhono lokuzikhethela kwangempela ngekusasa labo? Isiphetho sethu sixhomeke ngezinga elingakanani ezenzweni zethu? Isihloko esilandelayo sizozama ukuphendula le mibuzo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
SEL/Sipa Press