Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 3/1 kk. 8-9
  • I-video Ethi, “Faithful Under Trials”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-video Ethi, “Faithful Under Trials”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isabelo Esinzima Kakhulu Sifezwa Ngomoya Ongcwele
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Ukusuka Endabeni Ebhalwe Phansi Ukuya Ekubeni Ibhayisikobho
    I-Phaphama!—2005
  • Ukudingiselwa ESiberia!
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Ukuhlasela KwabaseSoviet Kwakugxile Khona
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 3/1 kk. 8-9

I-video Ethi, “Faithful Under Trials”

EKUQALENI kuka-April 1951, kungazelelwe uhulumeni onamandla waseSoviet Union wahlasela iqembu lamaKristu angenacala asentshonalanga yeSoviet Union—oFakazi BakaJehova. Izinkulungwane zemikhaya—kuhlanganise abantwana abancane, abesifazane abakhulelwe nasebegugile—zafakwa ezitimeleni ezithwala impahla zayiswa eSiberia, okwaba uhambo olunzima olwathatha izinsuku ezingu-20. Yayidingiswe unomphela futhi ibhekene nezimo ezingaphucuzekile nokunzima ukuphila kuzo.

Ngo-April 2001, ngesikhathi kukhunjulwa iminyaka engu-50 yalesi senzakalo esaqopha umlando eMoscow, kwakhululwa i-video echaza leyo minyaka yokucindezelwa koFakazi BakaJehova endaweni eyayiyiSoviet Union. Kule video, izazi-mlando nofakazi bokuzibonela balandisa ngendlela oFakazi abasinda futhi bachuma ngayo naphezu kokucindezelwa okukhulu.

Le video ethi, “Faithful Under Trials—Jehovah’s Witnesses in the Soviet Union,” isibukwe izigidi eRussia nakwezinye izindawo, futhi umphakathi nezazi-mlando uye wayamukela ngesasasa. Amazwi alandelayo ashiwo izazi ezimbili zaseRussia ezihlala lapho iningi lemikhaya yoFakazi yayidingiselwe khona.

“Ngayijabulela kakhulu le filimu. Bengilokhu ngibathanda abameleli benkolo yenu, kodwa ngemva kokubuka le filimu, umbono omuhle enginawo ngani wajula nakakhulu. Le filimu yenziwe ngobungcweti! Ngithanda ikakhulukazi indlela enithula ngayo umuntu ngamunye ahluke kwabanye. Nakuba ngisonta esontweni lobu-Orthodox futhi ngingazimisele ukushintsha inkolo yami, ngiyabathanda oFakazi. Ngingathanda ukuba umnyango wethu ugcine ikhophi yale video. Mina nothisha engifundisa nabo sinqume ukuba siyibonise abafundi futhi siyifake ezinhlelweni zezifundo.”—UProfesa Sergei Nikolayevich Rubtsov, umphathi womnyango wezifundo zomlando eState Pedagogical University, e-Irkutsk, eRussia.

“Ngayamukela ngentokozo le filimu. Uma umuntu enza ifilimu ngokucindezelwa kwabantu, kuvame ukuba kube nzima kakhulu ukuveza indaba ngononina. Kodwa nina nikwenzile lokhu. Ngicela ningithumelele namanye ama-video.”—UProfesa Sergei Ilyich Kuznetsov, umphathi womnyango wezifundo zomlando e-Irkutsk State University, eRussia.

OFakazi BakaJehova abahlala eSiberia nabo bayijabulela kakhulu le video. Okulandelayo izibonelo zalokho abakusho:

“Ngesikhathi kwenzeka lezi zinto eziboniswe kule filimu, abantu abaningi baseRussia babetshelwe okungeyikho ngemisebenzi yoFakazi BakaJehova. Kodwa ngemva kokubuka le filimu, bangabona ukuthi inhlangano yethu ayilona nje elinye ihlelo, njengoba babecabanga. Abanye abasanda kuba oFakazi bathi: ‘Sasingacabangi ukuthi sasihlala futhi sisebenza nabafowethu abangamaKristu abaye bakhuthazelela okungaka!’ Ngemva kokubuka le filimu, omunye woFakazi waveza isifiso sakhe sokuba yiphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele.”—U-Anna Vovchuk, owayedingiselwe eSiberia.

“Lapho le video iveza amaphoyisa omshoshaphansi engqongqoza emnyango womuzi womunye uFakazi, ngathuthumela. Kwakungathi ayengqongqoza kithi, futhi ngiyakhumbula umama ethi: ‘Mhlawumbe kuyasha endaweni ethile.’ Kodwa le filimu ingikhumbuza nokuthi oFakazi abaningi babhekana nobunzima obungaphezu kwalobo engabhekana nabo. Konke lokhu kwaziswa kusiqinisa kakhulu futhi kusinika nentshiseko yokuqhubeka sikhonza uJehova.”—UStepan Vovchuk , owayedingiselwe eSiberia.

“Ngiyindodana yoFakazi ababedingisiwe. Ngakho, ngangicabanga ukuthi ngase ngikuzwile kakade okuningi okwakwenzeka ngalezo zikhathi. Kodwa ngemva kokubuka le filimu, ngaqaphela ukuthi ngangingazi lutho ngempela. Njengoba ngangilalele izingxoxo, ngafikelwa izinyembezi. Lokho ababhekana nakho akusezona nje izindaba kimi kodwa sekuyinto engokoqobo. Le filimu yaqinisa ubuhlobo bami noNkulunkulu futhi yangisiza ukuba ngilungiselele ukukhuthazelela bonke ubunzima engizobhekana nabo esikhathini esizayo.”—UVladimir Kovash, e-Irkutsk.

“Le filimu yangithinta ngaphezu kwendaba elotshiwe. Lapho ngiyibuka, ngizwa kuxoxwa nabafowethu, ngazizwa sengathi ngangibhekene nokuhlupheka ababhekana nakho. Isibonelo somzalwane owayedwebela amadodakazi akhe amancane amakhadi ngesikhathi esejele, sangishukumisela ukuba ngizame ukufinyelela izinhliziyo zabantwana bami ngamaqiniso eBhayibheli. Ngiyabonga! Le filimu yenzé oFakazi BakaJehova baseRussia bazizwa beyingxenye yenhlangano kaJehova yomhlaba wonke ngezinga abangakaze bazizwe ngalo.”—UTatyana Kalina, e-Irkutsk.

“Isisho esithi, ‘Ukubona kanye kungcono kunokuzwa kayikhulu’ ngokuqinisekile sisebenza kule filimu. Iyaphila, ingokoqobo, ibekwe ngendlela esiyiqondayo! Ngemva kokuyibuka, kwadingeka ngithole isikhathi sokucabanga ngayo. Le filimu yangenza ngazibeka esimweni salabo Fakazi ababedingisiwe. Manje uma ngiqhathanisa izimo zami nezabo, kuyangisiza ukuba ngibheke izinkinga zethu namuhla ngombono ohlukile.”—ULidia Beda, e-Irkutsk.

Kuze kube manje le video ethi “Faithful Under Trials” isikhishwé ngezilimi ezingu-25 futhi iyemukelwa kuwo wonke umhlaba.a Le video isiye yasakazwa eziteshini zethelevishini zaseSt. Petersburg, e-Omsk, nakwamanye amadolobha aseRussia kanye nasemadolobheni ase-Ukraine eVynnytsya, eKerch, eMelitopol nasesifundeni saseLviv. Futhi iye yaqashelwa yinhlangano yomhlaba wonke ehlola amafilimu.

Amandla esigijimi esiqukethwe yile video, abonakala ezibonelweni zezinkulungwane zabantu abavamile ezabonisa isibindi esingaphezu kwesivamile namandla angokomoya, phakathi naleyo minyaka yoshushiso. Ngempela oFakazi BakaJehova eSoviet Union bázibonakalisa bethembekile lapho bebhekene noshushiso. Uma ungathanda ukubuka le video, oFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukutholela yona. Sicela uthintane nomunye wabo endaweni yakini.

[Umbhalo waphansi]

a Le video itholakala ngesiBulgaria, isiCantonese, isiCzech, isiDanishi, isiDashi, isiFinnish, isiFulentshi, isiGreki, isiHungary, isi-Indonesia, isiJalimane, isiJapane, isiKorea, isiLithuania, isiMandarin, isiNgisi, isiNorway, isiNtaliyane, isiPolish, isiRashiya, isiRomania, iSlovak, iSlovenia, nangeSpanishi.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Stalin: U.S. Army photo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

Stalin: U.S. Army photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela