Indaba Yokuphila
Isizathu Esenza Ngikujabulele Ukwenza Abafundi
Ilandiswa UPamela Moseley
Ngo-1941, impi yayishisa phansi eNgilandi ngesikhathi mina nomama siya emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova eLeicester. U-Albert Schroeder wanikeza inkulumo ekhethekile ekhuluma ngezingane. Ngesikhathi mina nomama sibhapathizwa kulowo mhlangano, ngaphawula ukuthi abazalwane ababesisize ukuba sithuthuke ngokomoya babejabule kakhulu. Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi kujabulisa kangakanani ukwenza abantu babe abafundi bakaJesu Kristu.
SAQALA ukuthuthukela ekubeni abafundi ngonyaka owandulela unyaka esabhapathizwa ngawo. Ngisalukhumbula kahle usuku olubi lwango-September 1939 okwaqala ngalo iMpi Yezwe II. Ngabona izinyembezi zigeleza ezihlathini zikamama, elokhu ebuze njalo, “Kungani umhlaba ungakwazi ukuba nokuthula?” Abazali bami babeke basebenza empini ngesikhathi seMpi Yezwe I futhi bazibonela ngokwabo ububi bempi. Umama wawubuza umfundisi waseSheshi eBristol lo mbuzo. Wavele wathi: “Izimpi bezilokhu zikhona futhi ziyohlale zikhona.”
Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho, savakashelwa owesifazane othile osekhulile. Wayengomunye woFakazi BakaJehova. Umama wambuza umbuzo ofanayo: “Kungani umhlaba ungakwazi ukuba nokuthula?” Lo Fakazi wachaza ukuthi izimpi ziyingxenye yesibonakaliso sokuthi siphila esiphelweni salesi simiso sezinto esinobudlova. (Mathewu 24:3-14) Ngokushesha, indodakazi yakhe yaqala ukusifundela iBhayibheli. Bobabili babephakathi kwabantu ababebukele bejabule ngesikhathi sibhapathizwa. Kungani ukwenza abafundi kubajabulisa kangaka abantu? Ngasithola kamuva isizathu. Ake ngikuxoxele ezinye zezinto engazifunda eminyakeni engaphezu kwengu-65 engiyichithe ngenza abafundi.
Ukuthola Injabulo Yokufundisa
Ngaqala ukushumayela ngoMbuso eBristol ngineminyaka engu-11. Umzalwane othile wanginikeza igilamafoni nekhadi lokufakaza wabe esethi: “Wena uzoshumayela emizini ekuloluya hlangothi lomgwaqo.” Ngahamba, ngingedwa zwi. Ngeke ngiphike ukuthi ngangithukile. Ngangifike ngidlale inkulumo yeBhayibheli eqoshiwe bese nginika umninikhaya ikhadi lokufakaza elalicela abantu ukuba bamukele izincwadi zokutadisha iBhayibheli.
Kusukela ngawo-1950, kwagcizelelwa kakhulu ukufunda iBhayibheli lapho sisendlini ngendlu. Ngenxa yokuthi ngingumuntu onamahloni, kwakunzima ngami ekuqaleni ukuxoxa nabantu engingabazi nokuchaza imiBhalo yeBhayibheli. Kodwa ekugcineni ngaba nokuzethemba. Ngaqala lapho-ke ukuyijabulela ngempela inkonzo. Abanye abantu babecabanga ukuthi simane nje sidayisa izincwadi, kodwa lapho sibafundela futhi sibachazela imiBhalo, babona ukuthi singabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Ngangikujabulela kakhulu lokhu kangangokuthi ngafisa ukuthuthukisa inkonzo yami. Ngakho, ngo-September 1955, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngaba yiphayona.
Ukuphikelela Kuyavuza
Esinye sezifundo zokuqala engazifunda ukuthi ukuphikelela ngomusa kunemivuzo. Ngesinye isikhathi ngashiyela owesifazane othile, uViolet Morice, umagazini INqabayokulinda. Lapho ngibuyela kuye, wavula umnyango ngé, wagoqa izandla, walalelisisa njengoba ngangimchazela imiBhalo. Kwakuthi njalo lapho ngifika kwakhe abonakale ethanda impela. Nokho, lapho ngimcela ukuba sibe nesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo, wathi: “Ngiyabonga. Ngizofunda uma izingane sezikhulile.” Ngadumala kakhulu! IBhayibheli likhuluma ‘ngesikhathi sokufuna nesikhathi sokudela okufunwayo njengokulahlekile.’ (UmShumayeli 3:6) Nganquma ukungalilahli ithemba.
Ngemva kwenyanga ngabuyela futhi ngamfundela imiBhalo eyengeziwe uViolet. Kungakabiphi sase sifunda masonto onke sisemnyango. Ekugcineni wathi: “Ngicabanga ukuthi kungcono ungene ngaphakathi, wena ubona kanjani?” UViolet wagcina ebe udadewethu ongokomoya nomngane omuhle kakhulu. Yebo, uViolet wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
Ngelinye ilanga uViolet washaqeka lapho ethola ukuthi umyeni wakhe wayedayise indlu yabo yena engazi, washaya wachitha. Nokho, okujabulisayo ukuthi umngane othile onguFakazi wakwazi ukumtholela enye indlu ngayo leyo ntambama. Efuna ukubonga uJehova, wanquma ukusebenzisa ukuphila kwakhe konke ekhonza njengephayona. Lapho ngibona umoya kaJehova umnikeza intshiseko yokukhulekela ngeqiniso, ngasibona isizathu esenza ukwenza abafundi kujabulise kangaka. Yebo, lo msebenzi ngangizowenza ukuphila kwami konke!
Ngo-1957, mina noMary Robinson sabelwa ukuyophayona endaweni yezimboni eRutherglen, eGlasgow, eScotland. Sasishumayela enkungwini ekhasa phansi, emoyeni, emvuleni naseqhweni, kodwa zaziba khona izithelo zokuzikhandla kwethu. Ngelinye ilanga ngahlangana noJessie. Ngangikujabulela ukutadisha iBhayibheli naye. Umyeni wakhe, uWally, wayeyiKhomanisi futhi ekuqaleni wayengigwema. Wajabula kakhulu lapho eqala ukutadisha iBhayibheli futhi ethola ukuthi ukuphela kwento eyoletha izimo ezinhle kubantu uMbuso kaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, bobabili baba abenzi babafundi.
Ayihlabi Ngakumisa
Kamuva sathola isabelo esisha ePaisley, eScotland. Ngelinye ilanga ngishumayela lapho, owesifazane othile wabhaklaza umnyango ngisathi ngikhuluma naye. Kodwa ngokushesha weza wazongifuna ukuze axolise. Lapho ngiphindela kuye ngesonto elilandelayo, wathi: “Ngezwa sengathi ngangivalele uNkulunkulu umnyango. Yingakho ngahamba ngayokufuna.” Igama lakhe kwakunguPearl. Wangitshela ukuthi abangane bakhe nezihlobo babemphoxe kakhulu ngakho wayethandaze kuNkulunkulu ecela umngane weqiniso. Wathi: “Nakhu sekufika wena. Ngiyabona manje ukuthi kumelwe ukuba uyilowo mngane weqiniso.”
Kwakungelula ukuba umngane kaPearl. Wayehlala phezulu egqumeni futhi kwakudingeka ngihambe ngezinyawo uma ngiya kwakhe. Mhla ngimlanda okokuqala eya emihlanganweni, umoya nemvula kwacishe kwangilahlela le. Ngalahla isambulela sami esase siphukile. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ebhaklaze umnyango ngisathi ngikhuluma naye, uPearl wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi.
Ngokushesha ngemva kwalokho, umyeni wakhe wanquma ukutadisha iBhayibheli, futhi akuphelanga isikhathi eside, wayesehamba nami enkonzweni yendlu ngendlu. Njengenhlalayenza, laliyidliva ngalolo suku. Wathi: “Ungakhathazeki ngami, ngiyakwazi ukubukela ibhola amahora ngamahora liyidliva kanje, ngakho-ke ngingenza okufanayo nangenxa kaJehova.” Kungihlaba umxhwele njalo ukuzimisela kwabantu baseScotland.
Yeka indlela okuye kwangijabulisa ngayo ukubuyela ngemva kweminyaka eminingi ngibone iningi labantu engangilifundela lisalubambile ukholo! Ilapho-ke injabulo yokwenza abafundi. (1 Thesalonika 2:17-20) Ngo-1966, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-8 ngiphayona eScotland, ngamenywa ukuba ngiyoqeqeshelwa ukuba isithunywa sevangeli eWatchtower Bible School of Gilead.
Ukuya Ensimini Yakwelinye Izwe
Ngabelwa eBolivia, edolobheni elishisayo laseSanta Cruz elalinebandla elinabantu abangaba ngu-50. Leli dolobha lalingikhumbuza iWild West ngendlela evezwa ngayo emafilimini aseHollywood. Uma ngibheka emuva, ngicabanga ukuthi ngangiyisithunywa sevangeli esivamile nje. Angikaze ngihlaselwe izingwenya, ngizungezwe izidlamlilo zezixuku, ngilahleke ogwadule, noma ngiphukelwe umkhumbi olwandle. Nokho, kimina, ukwenza abafundi kuye kwaba yinto ejabulisa ngendlela emangalisayo.
Owesifazane wokuqala engamfundela iBhayibheli eSanta Cruz kwakungu-Antonia. Kwakunzima ngami ukufundisa ngeSpanishi. Umfanyana ka-Antonia wake wathi: “Mama, lo mama wenza amaphutha ngamabomu yini ngoba efuna sihleke?” Ekugcineni, u-Antonia waba umfundi, kwalandela indodakazi yakhe uYolanda. UYolanda wayenomngane owayefundela ezomthetho, ababemteketisa ngokuthi uDito. Naye waqala ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni yethu. Yena wangifundisa okuthile ngokufundisa iqiniso leBhayibheli: Ngesinye isikhathi kuyadingeka ukuba uthi ukuqina kancane kwabanye abantu.
Lapho uDito ngingasamtholi uma ngiye kuye ukuze sifunde, ngathi kuye: “Dito, uJehova akakuphoqi ukuba usekele uMbuso wakhe. Kufanele ukhethe.” Lapho engiphendula ethi ufuna ukukhonza uNkulunkulu, ngathi: “Buka la endlini yakho, unezithombe zomuntu ongumholi wamavukela-mbuso. Ucabanga ukuthi umuntu okuvakashele obona lezi zithombe uyophetha ngokuthi ungumsekeli woMbuso kaNkulunkulu?” Kwadingeka ngithi ukuqina ngaleyo ndlela.
Ngemva kwamasonto amabili, kwaba khona ukuvukela, futhi abafundi baseyunivesithi badubulana namaphoyisa. UDito wathi kumngane wakhe: “Asihambe la!” Umngane wakhe wathi: “Asiyi ndawo! Lolu usuku olukhulu ebesilulindele,” washo ethatha isibhamu wagibela ophahleni lwesikole. Waba phakathi kwabangane bakaDito abangu-8 abashona ngalolo suku. Cishe ungacabanga ukuthi ngijabulisa kanjani lapho ngibona le nsizwa, uDito, engabe yafa ukube ayinqumanga ukuba umKristu weqiniso.
Ukubona Umoya KaJehova Usebenza
Ngelinye ilanga ngadlula komunye umuzi ngicabanga ukuthi kwase kungeniwe kuwo. Umama wakhona wangimemeza. Igama lakhe kwakungu-Ignacia. Wayebazi oFakazi, kodwa wayengazange athuthuke ngokomoya ngoba umyeni wakhe—u-Adalberto, isigwebedla sephoyisa—wayemphikisa kakhulu. Izimfundiso eziningi zeBhayibheli eziyisisekelo zazimdida, ngakho ngaqala ukutadisha naye iBhayibheli. Nakuba u-Adalberto ayezimisele ukusiyekisa ukufunda, ngakwazi ukuxoxa naye u-Adalberto isikhathi eside ngezinye izinto. Lokho kwasenza sajwayejwayelana.
Cabanga ukuthi ngajabula kanjani lapho ngibona u-Ignacia eba yilungu lebandla elithandekayo, elinakekela ngokomoya nangokwenyama izidingo zabaningi abadinga induduzo. Ngokuhamba kwesikhathi, umyeni wakhe nezingane zabo ezintathu baba oFakazi. Eqinisweni, lapho ekugcineni u-Adalberto eqonda okushiwo izindaba ezinhle, waya esiteshini samaphoyisa wakhuluma ngentshiseko enkulu kangangokuthi amanye amaphoyisa acela izikhokhelo ezingu-200 zikamagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
UJehova Uyakhulisa
Ngemva kokukhonza eSanta Cruz iminyaka eyisithupha, ngabelwa eLa Paz, inhloko-dolobha yaseBolivia, futhi ngahlala lapho iminyaka engu-25. Ngasekuqaleni kwawo-1970, igatsha loFakazi BakaJehova eLa Paz lalinezisebenzi ezingu-12 kuphela. Njengoba umsebenzi wokushumayela wawanda kwaba nesidingo sezakhiwo ezinkudlwana, ngakho kwakhiwa isakhiwo segatsha esisha edolobheni elikhula ngokushesha laseSanta Cruz. Lonke igatsha lathuthela lapho ngo-1998, futhi ngacelwa ukuba ngibe esinye sezisebenzi zegatsha, manje esezingaphezu kuka-50.
Ibandla elilodwa elaliseSanta Cruz ngo-1966 selizale amabandla angaphezu kwangu-50. OFakazi abangu-640 ababeseBolivia ngaleso sikhathi manje sebecishe babe ngu-18 000!
Ngiyajabula ngokuthi isabelo sami eBolivia siye sathela izithelo. Nokho, into engikhuthaza njalo ukubona ukwethembeka okuboniswa amanye amaKristu yonke indawo. Sonke siyajabula lapho sibona isibusiso sikaJehova emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Kuyinjabulo ngempela ukuba neqhaza emsebenzini wokwenza abafundi.—Mathewu 28:19, 20.
[Isithombe ekhasini 13]
Ngesikhathi ngiphayona eScotland
[Izithombe ekhasini 15]
Ngikhonza ehhovisi legatsha eBolivia; (kwesincane) ngesikhathi ikilasi lama-42 lithweswa iziqu zaseGileyadi