Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 2/1 kk. 8-11
  • Yini Ongayifunda Kubantwana?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ongayifunda Kubantwana?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlakulela Ukuthobeka Okufana Nokwabantwana
  • Bayafundiseka Futhi Bayabethemba Abantu
  • “Yibani Izingane Ngokuqondene Nobubi”
  • Ukubuyiselwa Kwezimfanelo Ezinhle
  • Hlakulela Ukuthobeka Kwangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • UJesu Waba Kanye Nezingane Isikhathi Esithile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Abantwana Bethu—Bayifa Eliyigugu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 2/1 kk. 8-11

Yini Ongayifunda Kubantwana?

“WENZISA okwengane!” Uma othile engasho lawo mazwi kithi, cishe singaphatheka kabi. Nakuba abantwana bethandeka, abavuthiwe, abanakho okuhlangenwe nakho futhi abanakho ukuhlakanipha okutholakala ngokukhula.—Jobe 12:12.

Noma kunjalo, uJesu wake watshela abafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini, Ngaphandle kokuba niguquke futhi nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wamazulu.” (Mathewu 18:3) Wayesho ukuthini? Iziphi izimfanelo abantwana abanazo okungaba kuhle ngabantu abadala ukuzilingisa?

Ukuhlakulela Ukuthobeka Okufana Nokwabantwana

Cabanga ngokwenza uJesu washo la mazwi. Lapho befika eKapernawume ngemva kohambo olude, uJesu wabuza abafundi bakhe: “Beniphikisana ngani endleleni?” Abafundi bathula benamahloni ngoba babephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu. Ekugcineni, baqunga isibindi babuza uJesu: “Ubani ngempela omkhulu kunabo bonke embusweni wamazulu?”—Marku 9:33, 34; Mathewu 18:1.

Kungase kukuxake ukuthi ngemva kweminyaka ecishe ibe mithathu benoJesu, abafundi babengaphikisana ngezikhundla. Nokho, babekhuliswe enkolweni yobuJuda eyayiziqhakambisa lezi zinto. Kusobala ukuthi ukukhuliswa ngaleyo ndlela, kuhlanganise nokungapheleli, kwathonya ukucabanga kwabo.

UJesu wahlala phansi, wabiza abafundi, wabe esethi: “Uma umuntu efuna ukuba ngowokuqala, kumelwe abe ngowokugcina kunabo bonke futhi abe yisikhonzi sabo bonke.” (Marku 9:35) Kungenzeka ukuthi abamangaza la mazwi. Umbono kaJesu ngobukhulu wawuhluke kakhulu emibonweni yamaJuda! UJesu wabe esebiza umntwana wammisa eceleni kwakhe. Wamgona ngothando wabe esecacisa iphuzu lakhe: “Ngiqinisile ngithi kini, Ngaphandle kokuba niguquke futhi nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wamazulu. Ngakho-ke, noma ubani oyozithoba njengalo mntwana nguye omkhulu kunabo bonke embusweni wamazulu.”—Mathewu 18:3, 4.

Yeka isifundo esinamandla sokuthobeka! Ake ukubone ngamehlo engqondo lokhu. Iqembu lamadoda akhulile athule lingunge inganyana eyodwa, liyigqolozele. Akubuzwa ukuthi kumelwe ukuba lo mntwana wayenamahloni futhi ebathemba! Wayengazi mbango nagqubu! Wayethobekile futhi enesizotha! Yebo, lo mntwana wayeyimelela kahle imfanelo yokuthobeka ebonisa ukwesaba uNkulunkulu.

Iphuzu likaJesu licacile. Ukuze sithole uMbuso kaNkulunkulu, kumelwe sonke sihlakulele ukuthobeka okufana nokwabantwana. Elungiselelweni lomkhaya kaJehova, akufanele kube khona ukulwa noma ukuqhosha. (Galathiya 5:26) Eqinisweni, yizo kanye lezi zinto ezaqhubezela uSathane uDeveli ukuba ahlubuke kuNkulunkulu. Shono uJehova ezizonda kangaka!—IzAga 8:13.

AmaKristu eqiniso afuna ukukhonza, hhayi ukuphatha. Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi okumelwe wenziwe awuthandeki kanjani noma umuntu okumelwe akhonzwe uphansi kanjani, ukuthobeka kwangempela kusishukumisela ukuba sikhonze abanye. Inkonzo enjalo ebonisa ukuthobeka iletha imivuzo ecebile. UJesu uthi: “Noma ubani owamukela oyedwa kubantwana abanje ngesisekelo segama lami, wamukela mina; futhi noma ubani ongamukelayo, akamukeli mina kuphela, kodwa nalowo ongithumileyo.” (Marku 9:37) Ukuhlakulela umusa nokuthobeka okufana nokwabantwana kusenza sibe munye noMuntu ophakeme kakhulu endaweni yonke neNdodana yakhe. (Johane 17:20, 21; 1 Petru 5:5) Siyoba nenjabulo etholakala ngokupha. (IzEnzo 20:35) Siba nanokwaneliseka ngokwazi ukuthi sinesandla ekuthuleni nasebunyeni obubonakala kubantu bakaNkulunkulu.—Efesu 4:1-3.

Bayafundiseka Futhi Bayabethemba Abantu

UJesu ube eseqokomisa esinye isifundo abantu abadala abangasifunda kubantwana: “Noma ubani ongawamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.” (Marku 10:15) Abantwana abagcini nje ngokuthobeka; bayafundiseka. Omunye umama wathi: “Bamunca izinto abazifundayo kuhle kwesiponji.”

Ngakho, ukuze sithole uMbuso kaNkulunkulu, kumelwe sifunde futhi silalele isigijimi soMbuso. (1 Thesalonika 2:13) Njengezinsana ezisanda kuzalwa kumelwe ‘sakhe ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo sikhulele ensindisweni.’ (1 Petru 2:2) Kuthiwani-ke kodwa uma kunemfundiso yeBhayibheli okubonakala kunzima ukuyiqonda? Omunye osebenza ngabantwana uthi: “Abantwana bayolokhu bebuza ukuthi ‘Ngoba?’ kuze kube yilapho bethola izimpendulo ezibanelisayo.” Siyobe senza kahle ngokulingisa isibonelo sabo. Ngakho qhubeka utadisha. Khuluma namaKristu anokuhlangenwe nakho. Cela uJehova akuphe ukuhlakanipha. (Jakobe 1:5) Akungatshazwa ukuthi ukuphikelela kwakho emthandazweni kuyovuzwa ngokuhamba kwesikhathi.—Mathewu 7:7-11.

Nokho, abanye bangase bazibuze, ‘Akulula yini ngabantu abafundisekayo ukuba baphambukiswe?’ Akunakwenzeka lokho uma umuntu obaqondisayo ethembekile. Ngokwesibonelo, kuyazenzakalela ukuba abantwana bafune isiqondiso kubazali babo. Omunye ubaba uthi: “Abazali bazibonakalisa ukuthi bangethenjwa ngokuvikela abantwana babo nangokubanika izinto abazidingayo nsuku zonke.” Ngokuqinisekile, nathi simethemba ngezizathu ezifanayo uBaba wethu osezulwini, uJehova. (Jakobe 1:17; 1 Johane 4:9, 10) UJehova usinikeza isiqondiso esiphumelela njalo ngeZwi lakhe elilotshiwe. Umoya wakhe ongcwele nenhlangano yakhe kuyasiduduza futhi kusisekele. (Mathewu 24:45-47; Johane 14:26) Ukusebenzisa la malungiselelo kuyosivikela ekulimaleni ngokomoya.—IHubo 91:1-16.

Ukuhlakulela ukuthembela kuNkulunkulu ngendlela abantwana abathembela ngayo kumuntu omdala kusinikeza nokuthula kwengqondo. Esinye isazi seBhayibheli sithi: “Lapho siyizingane sithatha uhambo singenamali, futhi singenalo noluncane ulwazi lokuthi kufikwa kanjani endaweni esiya kuyo, kodwa akwenzeki singabaze ukuthi abazali bethu bayosifikisa kuleyo ndawo siphephile.” Ingabe simethemba ngendlela efanayo uJehova njengoba sisohambweni lokuphila?—Isaya 41:10.

Ukumethemba ngokuphelele uNkulunkulu kusisiza ukuba sigweme izimo zengqondo nezenzo ezingase zilimaze ingokomoya lethu. Siwethemba ngokugcwele amazwi kaJesu athi uBaba wethu osezulwini uyazazi izenzo zethu nokuthi uma nje sifuna kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu, uyosinakekela. Lokhu kuyosisiza senqabe isilingo sokugxila ezintweni ezibonakalayo size siyishaye indiva imithwalo yethu yemfanelo engokomoya.—Mathewu 6:19-34.

“Yibani Izingane Ngokuqondene Nobubi”

Nakuba bezalwa bengaphelele, kuyajabulisa ukuthi abantwana banezinhliziyo nezingqondo ezimsulwa. Yingakho iBhayibheli linxusa amaKristu: “Yibani izingane ngokuqondene nobubi.”—1 Korinte 14:20.

Cabanga ngoMonique oneminyaka emihlanu owatshela unina ngelikhulu isasasa: “Umngane wami omusha, uSarah, unezinwele ezigoqene njengezami!” UMonique akazange akhulume ngebala lesikhumba elihlukile noma ngobuzwe bukaSarah. Omunye umzali uthi: “Abantwana abalinaki ibala lesikhumba. Abazi nakwazi ngohlanga noma ukucwasa.” Kulesi sici, abantwana abeve bewubonisa kahle umbono kaNkulunkulu wethu ongakhethi, othanda abantu bazo zonke izizwe.—IzEnzo 10:34, 35.

Esinye isici esiphawulekayo ngabantwana ukuthi bayaxolela. Omunye umzali uthi: “Uma uJack noLevi belwa, siye sithi mabaxolelane, futhi ngokushesha ubabona sebedlala bobabili sekumnandi. Abaquduli, bavuse amaphutha akudala, noma bafune ukuthola izinto ezithile ngenkani ngaphambi kokuba baxolele. Bayakukhohlwa osekudlulile.” Yeka isibonelo esihle abantu abadala abangasilingisa!—Kolose 3:13.

Okunye futhi ukuthi abantwana bakwamukela ngokushesha ukuthi uNkulunkulu ukhona. (Hebheru 11:6) Ubuqotho babo obungokwemvelo bubashukumisela ukuba bafakaze kwabanye ngesibindi. (2 AmaKhosi 5:2, 3) Imithandazo yabo elula esuka enhliziyweni ingathinta nenhliziyo eyitshe. Lapho bebhekene nesilingo, bangabonisa ubuqotho obumangalisayo. Yeka ukuthi abantwana bayizipho eziyigugu kangakanani!—IHubo 127:3, 4.

Ukubuyiselwa Kwezimfanelo Ezinhle

Ungase uzibuze, ‘Kungenzeka yini ngabantu abadala ukuba baphinde babe nezimfanelo ezinhle njengezabantwana?’ Impela! Umyalo kaJesu ‘wokuba njengabantwana’ ufakazela ukuthi kungenzeka.—Mathewu 18:3.

Nasi isibonelo: Iqembu lezisebenzi ezivuselela izinto zobuciko lingase liqale umsebenzi wokuvuselela into ethile eyigugu. Njengoba liyivuselela, lisusa ukungcola osekunesikhathi kukhona, futhi lilungise namaphutha enziwe emizamweni yangaphambili yokuyivuselela. Seliqedile ukusebenza ngesineke, imibala egqamile leyo nto eyayipendwe ngayo ekuqaleni iyavela nobuhle bayo bubonwe abantu bonke. Ngokufanayo, ngosizo lomoya ongcwele kaJehova, ngokuphikelela nangokusekela kothando kwebandla lobuKristu, singakwazi ukuphinde sibe nezimfanelo ezinhle ezazibonakala ngokucacile ngesikhathi sisengabantwana.—Efesu 5:1.

[Isithombe ekhasini 9]

Abantwana bathobekile ngokwemvelo

[Isithombe ekhasini 10]

Abantwana ababandlululi, baxolela ngokushesha futhi bakhohlwe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela