Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 1/1 kk. 5-7
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Lokho UJesu Akufundisa NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 1/1 kk. 5-7

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

SASIYINI isihloko sentshumayelo kaJesu? NgokukaJesu uqobo, kwakuwuMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Lapho abantu bemlalele ekhuluma, ngokuqinisekile bamuzwa ekhuluma ngalowo Mbuso kaningi. Ingabe badideka noma bakhungatheka? Ingabe bambuza ukuthi uyini lo Mbuso? Cha. AmaVangeli awasho luthi ngemibuzo enjalo. Ngakho-ke ingabe uMbuso kaNkulunkulu wawuyinto ababeyijwayele labo bantu?

Iqiniso liwukuthi, imiBhalo yasendulo amaJuda ayeyibheka njengengcwele yayiwuchaza lowo Mbuso, yembula ngamazwi acacile ukuthi uyini nokuthi yini oyoyifeza. Namuhla, singafunda okwengeziwe ngalo Mbuso ngendlela nawo enza ngayo—ngokufunda iBhayibheli. Ake sicabangele amaqiniso angu-7 iBhayibheli eliwafundisayo ngoMbuso. AmaJuda osukwini lukaJesu ngisho nangaphambi kwaleso sikhathi ayesewazi kakade amaqiniso okuqala amathathu. Amathathu alandelayo embulwa uKristu noma abaphostoli bakhe phakathi nekhulu lokuqala. Elokugcina liye lacaca esikhathini sethu.

1. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wangempela, oyohlala phakade. Isiprofetho sokuqala seBhayibheli sembula ukuthi uNkulunkulu wayezothumela umsindisi esintwini esithembekile. Lo msindisi obizwa ngokuthi “inzalo,” wayezolungisa izinto ezimbi ezaqala lapho kuhlubuka u-Adamu no-Eva noSathane. (Genesise 3:15) Ngemva kwesikhathi eside, inkosi ethembekile uDavide yatshelwa okuthile okujabulisayo ngale “nzalo,” noma uMesiya. Wayezoba iNkosi yalo Mbuso. Lo Mbuso wawuzohluka kweminye. Wawuzokuma kuze kube phakade.—2 Samuweli 7:12-14.

2. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda bonke ohulumeni babantu. Umprofethi uDaniyeli wanikwa umbono abona kuwo ukulandelana kwemibuso yezwe kwehle kuze kufike esikhathini sethu. Phawula umvuthwandaba ojabulisayo walowo mbono: “Ezinsukwini zalawo makhosi [okugcina angabantu] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Ngakho-ke yonke imibuso, noma ohulumeni baleli zwe—abanezimpi, ukucindezela nenkohlakalo—bayobhujiswa phakade. Njengoba isiprofetho sikaDaniyeli sibonisa, ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzobusa wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44, 45) Lo Mbuso ongokoqobo, uyoba ukuphela kukahulumeni oyoba khona.a

3. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda izimpi, ukugula, indlala ngisho nokufa. Iziprofetho zeBhayibheli ezijabulisayo zembula lokho uMbuso kaNkulunkulu oyokwenza lapha emhlabeni. Lowo hulumeni uyofeza lokho okungekho zinhlangano zabantu eziye zakwenza noma eziyoke zikwazi ukukwenza. Ake ucabange—zonke izikhali zempi sezibhujiswe phakade! “Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.” (IHubo 46:9) Bayobe bengasekho odokotela, izibhedlela noma izifo zanoma yiluphi uhlobo. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Iyobe ingasekho indlala, ukusweleka kokudla, ukungondleki kahle noma ukulamba. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni.” (IHubo 72:16) Iyobe ingasekho imingcwabo, imilindelo, amathuna, izindawo zezidumbu noma usizi oluhambisana nalezi zinto. Ukufa, isitha sethu esinonya, siyosuswa ekugcineni. UNkulunkulu “uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.

4. UMbuso kaNkulunkulu unoMbusi okhethwe uNkulunkulu. UMesiya akazibekanga esikhundleni, futhi akakhethwanga abantu abangaphelele. Ukhethwe uJehova uNkulunkulu uqobo. Isiqu esithi Mesiya nesithi Kristu zisikisela lokho. Womabili la magama asho ukuthi “Ogcotshiwe.” Ngakho le Nkosi ikhethelwe lesi sikhundla esikhethekile nguJehova. UNkulunkulu uthi ngayo: “Bheka! Inceku yami, engiqhubeka ngiyibambe ngokuqinile! Okhethiweyo wami, lowo umphefumulo wami omamukele! Ngifaké umoya wami kuye. Uyoletha ubulungisa ezizweni.” (Isaya 42:1; Mathewu 12:17, 18) Ubani owazi kangcono kunoMdali wethu ukuthi sidinga uhlobo olunjani loMbusi?

5. UMbusi woMbuso kaNkulunkulu ubonisile ukuthi uyafaneleka phambi kwaso sonke isintu. UJesu waseNazaretha wazibonakalisa enguMesiya owayebikezelwe. Wazalwa ohlwini lozalo olwalukhethwe uNkulunkulu. (Genesise 22:18; 1 IziKronike 17:11; Mathewu 1:1) Lapho esemhlabeni, wagcwalisa eziningi zeziprofetho eziphathelene noMesiya ezazilotshwe emakhulwini eminyaka ngaphambili. Nasezulwini waphawulwa njengoMesiya. Kanjani? UNkulunkulu wakhuluma esezulwini, wambiza ngeNdodana yaKhe uqobo; izingelosi zachaza uJesu njengoMesiya obikezelwe; futhi uJesu wenza izimangaliso—ngokuvamile phambi kwamakhulu noma ngisho nezinkulungwane zofakazi bokuzibonela—okusobala ukuthi zenziwa ngamandla kaNkulunkulu.b UJesu wabonisa kaningi ukuthi wayezoba uhlobo olunjani loMbusi. Wayangenawo nje kuphela amandla okusiza abantu kodwa wayenanesifiso sokukwenza. (Mathewu 8:1-3) Wayengenabugovu, enobubele, enesibindi futhi ethobekile. Umlando wokuphila kwakhe emhlabeni ukhona eBhayibhelini ukuze wonke umuntu awufunde.

6. UMbuso kaNkulunkulu unabangu-144- 000 abayobusa noKristu. UJesu wathi abanye, kuhlanganise nabaphostoli bakhe, babeyobusa naye ezulwini. Leli qembu walibiza ngokuthi “umhlambi omncane.” (Luka 12:32) Ngokuhamba kwesikhathi, umphostoli uJohane watshelwa ukuthi isibalo salo mhlambi omncane sasiyoba ngu-144 000. Babeyojabulela isabelo sokusebenza ezulwini, bebusa njengamakhosi futhi bekhonza njengabapristi kanye noKristu.—IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3.

7. UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa manje ezulwini, usumi ngomumo ukuze ubuse umhlaba wonke. Leli qiniso lokugcina lingelinye lajabulisa kakhulu esingawafunda. IBhayibheli linikeza ubufakazi obuningi bokuthi uJesu unikwe igunya njengeNkosi ezulwini. Ubusa lapho manje, enkathini yethu, futhi ngokushesha uzokwenabisela ubukhosi bakhe emhlabeni futhi agcwalise iziprofetho ezinhle esesixoxe ngazo. Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa manje? Futhi uyoqala nini ukubusa phezu komhlaba?

[Imibhalo yaphansi]

a Iziprofetho ezinjengalesi zibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu awuyona into esezinhliziyweni zethu, njengoba abaningi befundiswe kanjalo. Bheka isihloko esithi “Imibuzo Yabafundi Balo Magazini,” ekhasini 13.

b Ngokwesibonelo, bheka uMathewu 3:17; uLuka 2:10-14; noJohane 6:5-14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela