Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 1/1 kk. 7-9
  • Uyofika Nini UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyofika Nini UMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Uyokulethela Okuhle?
  • Ukuba Khona KukaMesiya Kanye Nokubusa Kwakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukuba Khona KukaKristu—Kusho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukukhanyisa Ukuba-Khona KukaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • UKristu Ukhona!
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 1/1 kk. 7-9

Uyofika Nini UMbuso KaNkulunkulu?

“NKOSI, ingabe uzowubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” (IzEnzo 1:6) Abaphostoli babemagange befuna ukwazi ukuthi uJesu uzowumisa nini uMbuso wakhe. Namuhla, cishe ngemva kweminyaka engu-2 000, namanje abantu basenelukuluku: Uyofika nini uMbuso kaNkulunkulu?

Njengoba uJesu enza uMbuso waba yisihloko sokushumayela kwakhe, ungase ulindele ukuthi wawuphendula lo mbuzo. Futhi yilokho akwenza ngempela! Wakhuluma kaningi ngenkathi ethile yesikhathi ayibiza ngokuthi “ukuba khona” kwakhe. (Mathewu 24:37) Ukuba khona kwakhe kuhlobene eduze nokumiswa koMbuso KaMesiya. Kuyini lokhu kuba khona? Ake sicabangele amaqiniso amane embulwa yiBhayibheli ngokuba khona kukaKristu.

1. Ukuba khona kukaKristu kwakuyoqala esikhathini eside ngemva kokufa kwakhe. UJesu wenza umfanekiso lapho azifanisa khona nomuntu ‘owaya ezweni elikude ukuze azitholele amandla obukhosi,’ noma ukuze ‘azitholele umbuso.’ (Luka 19:12; umbhalo waphansi we-NW) Wagcwaliseka kanjani lo mfanekiso ongokwesiprofetho? UJesu wafa futhi wavuswa; wabe eseya “ezweni elikude,” okungukuthi, ezulwini. Njengoba uJesu abikezela emfanekisweni ofanayo, ukubuya kwakhe emandleni obukhosi kwakuyokwenzeka “ngemva kwesikhathi eside.”—Mathewu 25:19.

Eminyakeni ethile ngemva kokuba uJesu esenyukele ezulwini, umphostoli uPawulu wabhala: “Lo muntu [uJesu] wanikela umhlatshelo owodwa wezono ngokungapheli futhi wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke ulindele ukuba izitha zakhe zize zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe.” (Hebheru 10:12, 13) Ngakho uJesu walinda isikhathi eside ngemva kokufika kwakhe ezulwini. Le nkathi yokulinda yaphela lapho uJehova uNkulunkulu egcoba iNdodana yakhe njengeNkosi yoMbuso KaMesiya owawukade uthenjisiwe. Ukuba khona kukaKristu kwaqala ngaleso sikhathi. Ingabe abantu emhlabeni babeyosibona lesi senzakalo esibabazekayo?

2. Ukuba khona kwakhe akubonakali emehlweni abantu. Khumbula ukuthi uJesu wakhuluma ngesibonakaliso sokuba khona kwakhe. (Mathewu 24:3) Ukube ukuba khona kwakhe kwakubonakala emehlweni abantu, ingabe sasiyodingeka isibonakaliso? Ngokwesibonelo: Ake uzicabange uthatha uhambo uya olwandle. Ungase ubone izimpawu zomgwaqo endleleni, kodwa lapho ususogwini, umi osebeni lwamanzi ahamba ayofika emkhathizwe, ingabe ubungalindela ukubona ibhodi elinophawu olukhulu olubhalwe ngamagama agqamile athi “Ulwandle”? Lutho neze! Kungani ubungadinga uphawu olukubonisa lokho okubona ngokucacile ngamehlo akho?

UJesu akazange achaze isibonakalisa sokuba khona kwakhe ukuze aveze okuthile abantu ababengakubona ngamehlo, kodwa ukuze abasize baqonde okuthile okwakuyokwenzeka ezulwini. Ngakho, uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awuzi ngokubonakala okuphawulekayo.” (Luka 17:20) Khona-ke lesi sibonakaliso sasiyobabonisa kanjani abasemhlabeni ukuthi ukuba khona kukaKristu kwase kuqalile?

3. Ukuba khona kukaJesu kwakuyophawulwa yisikhathi sezinkathazo ezinkulu lapha emhlabeni. UJesu wathi ukuba khona kwakhe njengeNkosi ezulwini kwakuyophawuleka ngezimpi emhlabeni, indlala, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe nokungabi namthetho. (Mathewu 24:7-12; Luka 21:10, 11) Yini eyayiyobangela lonke lolu sizi? IBhayibheli lichaza ukuthi uSathane, “umbusi waleli zwe,” uthukuthele kabi ngoba uyazi ukuthi unesikhathi esifushane kakhulu njengoba ukuba khona kukaKristu njengeNkosi sekuqalile. (Johane 12:31; IsAmbulo 12:9, 12) Ubufakazi obungokoqobo njengalobu bentukuthelo kaSathane nokuba khona kukaKristu buye baba buningi esikhathini sethu. Lobu bufakazi buye babonakala ngezinga elalingakaze libonakale ngaphambili, emhlabeni wonke ikakhulukazi kusukela ngo-1914, unyaka izazi-mlando ezivumayo ukuthi waba unyaka wezinguquko.

Konke lokho kungase kuzwakale kuyizindaba ezimbi, kodwa akunjalo. Kusho ukuthi uMbuso KaMesiya uyabusa njengamanje ezulwini. Ngokushesha, lowo hulumeni uzosebenzisa igunya lawo lokubusa phezu kwawo wonke lo mhlaba. Kodwa abantu babeyokwazi kanjani ngalo Mbuso ukuze bamukele ukubusa kwawo futhi babe yizikhonzi zawo?

4. Ukuba khona kukaJesu kuphawuleka ngomsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. UJesu wathi ukuba khona kwakhe kwakuyoba ‘njengezinsuku sikaNowa.’a (Mathewu 24:37-39) UNowa wayengeyena nje umakhi womkhumbi; wayebuye abe “umshumayeli wokulunga.” (2 Petru 2:5) UNowa waxwayisa abantu ngokuthi kwakusondele isahlulelo sikaNkulunkulu. UJesu wathi abalandeli bakhe emhlabeni babeyobe benza okufanayo phakathi nokuba khona kwakhe. Waprofetha: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, uMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa bonke ohulumeni baleli zwe. Umsebenzi wokushumayela uxwayisa abantu ngokuthi lo hulumeni wasezulwini usuzothatha isinyathelo, okubanika bonke ithuba lokubalekela ukubhujiswa okuzayo futhi babe yizikhonzi zalowo Mbuso. Khona-ke, umbuzo obalulekile uwukuthi, Wena uyosabela kanjani?

Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Uyokulethela Okuhle?

Isigijimi uJesu asishumayela saletha ithemba elingenakuqhathaniswa. Ngemva kokuvukela kwase-Edene eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uJehova uNkulunkulu wahlela ukusungula uhulumeni owawuzoqondisa izinto, ubuyisele abantu abaqotho esimweni uNkulunkulu ayenaso engqondweni lapho ebadala—ukuphila okuphakade epharadesi lapha emhlabeni. Yini engathakazelisa kakhulu ukudlula ukwazi ukuthi lo hulumeni okade wathenjiswa usuyabusa njengamanje ezulwini? Akuyona nje into ecatshangelwayo kodwa into engokoqobo!

Manje, iNkosi egcotshwe uNkulunkulu iyabusa phakathi kwezitha zayo. (IHubo 110:2) Kuleli zwe elonakele, elidediselwe kude noNkulunkulu, uMesiya ugcwalisa isifiso sikaYise sokufuna bonke abafuna ukumazi kahle uNkulunkulu futhi bamkhulekele “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ithemba lokuphila phakade ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu livulekele abantu bazo zonke izinhlanga, ubudala nezizinda zezenhlalo. (IzEnzo 10:34, 35) Sikunxusa ukuba ulisebenzise leli thuba elikuvulekele. Funda ngoMbuso kaNkulunkulu manje, ukuze ujabulele ukuphila ngaphansi kokubusa kwawo kuze kube phakade!—1 Johane 2:17.

[Umbhalo waphansi]

a Amazwi kaJesu asisiza ukuba silungise umbono oyiphutha odluliselwa yindlela ezinye izinguqulo zeBhayibheli eziyihumusha ngokunganembile ngayo inkulumo ethi “ukuba khona.” Ezinye izinguqulo ziyihumusha ngokuthi “ukuza” noma “ukubuya,” konke okunomqondo wesenzakalo sesikhashana. Nokho, phawula ukuthi uJesu akazange afanise ukuba khona kwakhe nosuku lweSikhukhula sikaNowa, okwakuyisenzakalo sesikhathi esithile, kodwa wakufanisa “nezinsuku zikaNowa,” okwakuyinkathi yesikhathi ephawulekayo. Njengaleyo nkathi yasendulo, ukuba khona kukaKristu kwakuyoba yinkathi yesikhathi abantu ababeyoba matasa kakhulu ngayo ngezinto zokuphila kwansuku zonke, baze bangasinaki isixwayiso abasinikezwayo.

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Izindaba ezimbi esizizwa nsuku zonke zifakazela ukuthi kunokuhle okuzayo maduzane

[Umthombo]

Antiaircraft gun: U.S. Army photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela