Ukusakaza Izindaba Ezinhle Phezulu Ezintabeni Ze-Andes
SASE sifikile lapho sasiya khona. Sasingu-18 futhi silele phansi eshedeni elingagandayiwe. Sasilele kuma-sleeping bag ethu siqhaqhazela silalele nemvula iyidliva phezu kukathayela okufulelwe ngawo. Uma sicabangela isimo seshede elincane esasilele kulo, sazibuza ukuthi akunakwenzeka yini ukuthi singabokuqala ukulala kulo.
Yini engenza abantu abangu-18 bavakashele le ndawo? Impendulo igxile esifisweni sethu sokwenza ngokuvumelana nomyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8; Math. 24:14) Sasisohambweni lokuyoshumayela ensimini ecezile phezulu ezintabeni ze-Andes eBolivia.
Ukufika Kule Ndawo
Inselele yokuqala yayiwukuthi sizofika kanjani kule ndawo. Sezwa ukuthi izinto zokuhamba zomphakathi eziya ezindaweni eziceze njengalezi zazingenazo izinsuku nezikhathi eziqondile zokuhamba. Lapho kufika ibhasi esasizohamba ngalo, sathola ukuthi lalilincane kunalokho okwakulindelekile, ngakho abanye kithi kwadingeka bame ngezinyawo. Kodwa ekugcineni sonke safika lapho sasibabele khona.
Umgomo wethu wawuwukufinyelela imizana ephezulu ezintabeni ze-Andes zaseBolivia. Ngakho, ngemva kokuhamba ngebhasi, iqembu lethu elalithwele linyinyitheka, langena indlela lishaye uhele lenyuka ummango ezindledlaneni ezisezintabeni.
Nakuba le mizana yayibonakala imincane, izindlu zazigqagqene kakhulu, ngakho kwakusithatha amahora amaningi ukusebenza umzana ngamunye. Kungakhathaliseki ukuthi sase sihambe ibanga elingakanani, kwakulokhu kubonakala enye indlu kujana. Ngokuvamile sasilahleka kulezi zindlela eziningi ezizombeleza emasimini.
“Benikuphi Sonke Lesi Sikhathi?”
Omunye owesifazane wahlabeka umxhwele kakhulu lapho ezwa ukuthi sasihambe ibanga elide kangakanani kangangokuthi wasinika ikhishi nezinkuni zakhe ukuze sipheke ukudla kwasemini. Lapho izwa lokho okufundiswa iBhayibheli ngesimo sabafileyo, indoda ethile yabuza, “Benikuphi sonke lesi sikhathi?” Yaba nesithakazelo kangangokuthi lapho sesihamba kulowo mzana yasiphelezela ilokhu ibuza imibuzo eyengeziwe endleleni. Enye indoda eyayingakaze izwe ngoFakazi BakaJehova yazijabulela kakhulu izincwadi zethu. Yaswela amazwi okubonga yasinika nokhiye weshede layo ukuze silale khona.
Ngobunye ubusuku kwakumnyama kakhulu kangangokuthi sagxumeka amatende ethu endaweni enezintuthwane ezinkulu ezimnyama. Zasincinza zibonisa intukuthelo yazo. Sasikhathele kungavumi nokuba sisuke kuleyo ndawo, futhi sabonga ngoba kungakabiphi lezi zintuthwane zasiyeka.
Kwaqale kwaba buhlungu iqolo nezimbambo ngokulala phansi, kodwa njengoba ubusuku buqhubeka kwajwayeleka. Noma iziphi izinhlungu sasizikhohlwa ekuseni lapho sibuka izigodi ezinobuhle bemvelo obungakoniwa namafu ayehamba kancane emaceleni azo neziqongo zezintaba kude le zimbozwe iqhwa. Ukuthula okwakukule ndawo kwakuphazanyiswa kuphela ukuhlokoma komfudlana nokutshiyoza kwezinyoni.
Ngemva kokugeza emfudlaneni, safunda indinyana yeBhayibheli, sadla ukudla kwasekuseni futhi saqala ukwenyuka ummango sihamba kancane siya kweminye imizana ebuqamama. Asizange sizisole ngokwenyuka lowo mmango. Sathola owesifazane osekhulile owakhala lapho ethola ukuthi igama likaNkulunkulu elithi, Jehova, likhona eBhayibhelini. Akakwazanga ukuzibamba. Manje useyakwazi ukubiza uNkulunkulu ngegama lapho ethandaza!
Elinye ikhehla lathi kumelwe ukuba uNkulunkulu ulikhumbule, futhi laqhumuka lahlabelela lithi sasithunyelwe yizingelosi. Enye indoda eyayigula kakhulu ingasakwazi nokuphuma endlini, yasitshela ukuthi kwakungekho muntu owayezikhathaza ngokuzoyibona. Kwayimangaza ukuthi sasisuka kude le eLa Paz. Enye futhi yahlabeka umxhwele kakhulu ngokuthi oFakazi BakaJehova bavakashela abantu emizini yabo, kuyilapho ezinye izinkolo zimane nje zibabize ngokushaya izinsimbi.
Awukho nowodwa umuzi kuleyo ndawo onogesi, ngakho abantu balala kanye nezinkukhu, bavuke lapho kuphuma ilanga. Ngakho-ke, ukuze sithole abantu emakhaya, kwakudingeka siqale ukushumayela ngehora lesithupha ekuseni. Uma singenzi kanjalo sasiyothola iningi labantu seliye emasimini liyosebenza. Kamuva, abanye abase besebenza kakade babevuma ukuma balalele isigijimi sethu esivela eZwini likaNkulunkulu, mhlawumbe nenkabi edonsa igeja ithole ithuba lokuphumula. Abantu abaningi esasibathola emakhaya babesendlalela izikhumba zezimvu ukuze sihlale kuzo babize wonke umkhaya ukuba uzolalela. Abanye abalimi babenikela ngamasaka amakhulu ommbila bebonga izincwadi zeBhayibheli esasibashiyela zona.
“Aningikhohlwanga”
Yebo, ukuze abantu bathuthuke olwazini lweBhayibheli, kudingeka bahanjelwe kaningi. Abaningi basincenga ukuba sibuye sizobafundisa okwengeziwe. Ngenxa yalokho, siye sabuyela kaningana kule ndawo yaseBolivia.
Kolunye uhambo lwamuva, isalukazi esithile sajabula ngokuthi sasibuyile, sathi: “Seninjengabantabami. Aningikhohlwanga.” Indoda ethile yasibonga ngomsebenzi wethu futhi yasicela ukuba ngokuzayo sihlale emzini wayo. Mhlawumbe umvuzo omkhulu kunayo yonke wokuzikhandla kwethu kwaba ukuzwa ukuthi owesifazane othile esamthola ekuhambeleni kokuqala wayesethuthele edolobheni futhi eseshumayela izindaba ezinhle.
Ngosuku lokugcina lohambo lwethu lokuqala, saphelelwa uphalafini wesitofu kanti sase sisele nokudla okuncane. Safuna izinkuni ezanele nje ukuba sibase, sapheka ukudla kokugcina sabe sesingena indlela. Sasikude kakhulu nedolobhana esasizogibela kulo ibhasi. Makhathaleni safika sekuhwalele.
Ukubuyela Ekhaya
Uhambo lokubuyela emuva lwaba nezalo izinkinga ngoba ibhasi laphuka. Ngokuhamba kwesikhathi, sagitsheliswa elolini elaligcwele nswi abantu. Lokhu kwasinika ithuba lokushumayeza esasigibele nabo ababefuna ukwazi ukuthi kungani sasilapho. Nakuba abantu balapha benamahloni ngokwemvelo, ngokuvamile banomusa nobungane.
Ngemva kohambo lwamahora angu-9 siselolini, safika ekhaya simanzi té futhi sigodole kakhulu. Noma kunjalo, uhambo lwethu lwaba nezithelo. Endleleni sakwazi ukuhlelela owesifazane othile ohlala edolobheni isifundo seBhayibheli.
Ngempela kwakuyilungelo ukumemezela izindaba ezinhle kubantu abasezindaweni eziceze kangako. Sasishumayele emizaneni emine nakweminye emincanyana engenakubalwa. Uma sicabanga ngakho, kuvele kufike la mazwi: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono, omemezela insindiso!”—Isaya 52:7; Roma 10:15.
[Isithombe ekhasini 17]
Sesilungele ukuyoshumayela izindaba ezinhle