Isithembiso Esibaluleke Kakhulu Engisenzile
KUNESITHEMBISO esibaluleke kakhulu engisenzile. Ngingumama osemusha waseSpain. Ake ngikuchazele ukuthi yini eyangiholela ukuba ngenze leso sithembiso.
Ekhaya kwakungekho ukuthula nokuzwana. Umkhaya wakithi wakhungathwa usizi lapho umfowethu omncane eshona engozini embi eneminyaka emine. Ngaphezu kwalokho, imikhuba kababa emibi yayenza kube nzima ngomama ukuba athole injabulo emshadweni wabo. Nokho, lobo bunzima abuzange bumvimbele ukuba agxilise izimiso zokuziphatha kimi nakumfowethu omdala.
Ngokuhamba kwesikhathi, umfowethu washada, nami ngenza okufanayo. Ngemva nje kwalokho, kwatholakala ukuthi umama unomdlavuza, futhi wagcina umbulele. Kodwa ngaphambi kokuba ashone, wasishiyela ifa.
Omunye wabantu ayejwayelene nabo wayexoxe naye ngethemba lovuko elisemiBhalweni, futhi umama wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Lapho esezoshona, isigijimi seBhayibheli esinikeza ithemba senza ukuphila kwakhe kwaba nenjongo futhi samsiza ukuba athole injabulo.
Lapho sibona imiphumela emihle yesigijimi seBhayibheli kuye, mina nomfowethu saqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu. Ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova kusele inyanga eyodwa ngibelethe ingane yami yesibili, intombazanyana enhle esayiqamba ngokuthi uLucía.
Usuku engabhapathizwa ngalo lwaba olubaluleke kakhulu kimi. Isizathu sokuqala salokhu ukuthi manje ngase ngingokaJehova, njengoba ngangizinikezele kuye ukuba ngimkhonze phakade. Esinye isizathu sasiwukuthi ngase ngingahlanganyela ukholo lwami nabantabami engibathandayo, indodana nendodakazi yami.
Nokho, lesi sizathu sesibili senjabulo yami sasheshe saphela. Lapho uLucía eneminyaka emine, waqala ukuhlushwa kakhulu izinhlungu esiswini. Ngemva kokuhlolwa kaningana, isazi semisebe ye-X-ray sachaza ukuthi esibindini sakhe kwakunesigaxa esasingangewolintshi. Udokotela wachaza ukuthi uLucía wayene-neuroblastoma, isimila esinomdlavuza osabalala ngokushesha. Yaqala kanjalo iminyaka engu-7 yempi kaLucía nomdlavuza eyahlanganisa ukulaliswa esibhedlela izinsuku eziningi.
Umoya Wokuzidela
Phakathi nale minyaka enzima, uLucía wayevame ukungikhuthaza ngokunganga ngothando futhi angiqabule engiduduza. Indlela ayebhekana ngayo nalesi sifo yayizihlaba umxhwele nezisebenzi zasesibhedlela. Ngaso sonke isikhathi wayezimisele ukubambisana nabahlengikazi, ebasiza ukuba bayise i-yogurt, ujusi nezinye izinto kwezinye izingane ezigulayo emagumbini aseduze. Abahlengikazi baze bamnika ijazana elimhlophe nebheji elibonisa ukuthi ‘wayengumsizi wabahlengikazi.’
Omunye wezisebenzi zasesibhedlela uyakhumbula: “ULucía wayithinta inhliziyo yami. Wayengumntwana okhuthele, onekhono lokusungula izinto futhi ekuthanda ukudweba. Wayekwazi ukuveza imizwa yakhe futhi evuthiwe, empeleni evuthwe ngaphezu kweminyaka yakhe.”
IZwi likaNkulunkulu lalimsiza uLucía ukuba abe namandla futhi azole. (Heb. 4:12) Wayeqiniseka ukuthi ezweni elisha, “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona,” njengoba iZwi likaNkulunkulu lithembisa. (IsAm. 21:4) Wayenesithakazelo kwabanye futhi esebenzisa wonke amathuba ukuze ahlanganyele nabo isigijimi seBhayibheli. Ithemba eliqinile lovuko uLucía ayenalo lamsiza ukuba alawule imizwa yakhe futhi ahlale eneme nangemva kokutshelwa ukuthi wayengeke alulame. (Isaya 25:8) Wahlale enaleso simo sengqondo kwaze kwaba usuku umdlavuza owamphuca ngalo ukuphila kwakhe.
Ngasenza ngalolo suku isithembiso esibaluleke kakhulu. Kwakungaselula ngoLucía ukuvula amehlo. Uyise wayebambe esinye isandla sakhe nami ngibambe esinye. Ngakhuluma ngezwi eliphansi ngathi: “Ungakhathazeki, ngeke ngikushiye. Mane uphefumule kancane. Lapho uphaphama uyozizwa ungcono. Ngeke uphinde uzwe ubuhlungu, futhi ngiyobe nginawe.”
Kumelwe ngisigcine-ke leso sithembiso. Ngiyazi ukuthi inkathi yokulinda ngeke ibe lula. Kodwa ngiyazi nokuthi uma ngiba nesineke ngithembele kuJehova futhi ngilondoloze ubuqotho bami kuye, ngiyobe ngikhona lapho ebuya ovukweni.
Ifa LikaLucía
Isibonelo sesibindi sikaLucía kanye nendlela emangalisayo ibandla elasekela ngayo kwamhlaba umxhwele kakhulu umyeni wami owayengeyena uFakazi. Ngosuku uLucía ashona ngalo wangitshela ukuthi udinga ithuba lokucabangisisa ngezinto. Ngemva kwamasonto ambalwa, wacela omunye wabadala ebandleni ukuba amqhubele isifundo seBhayibheli. Kungakabiphi, waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano. Ngosizo lukaJehova wayeka ukubhema, into ayehlulekile ukuyenza ngaphambili.
Usizi lokushonelwa uLucía alukapheli ngokuphelele, kodwa angive ngimbonga uJehova ngefa elashiywa uLucía. Mina nomyeni wami siduduzana ngethemba elimangalisayo lovuko, size sicabange nangesikhathi esiyophinde simbone ngaso uLucía—esho ngamehlo akhe ayizindilinga akhulumayo nezihlathi zakhe eziba nezifaca lapho emomotheka.
Okuhlangenwe nakho okubuhlungu kwendodakazi yami kwathinta ikakhulu omunye womakhelwane bami. Ekuseni ngolunye usuku kunguMgqibelo, izulu liyidliva, kwafika inkosikazi ethile emzini wethu enendodana eyayifunda esikoleni esisodwa noLucia. Enye indodana yayo eyayineminyaka engu-11 yabulawa umdlavuza ofanayo nowawuphethe uLucía. Lapho izwa ukuthi kwakwenzekeni ngoLucia, le nkosikazi yafuna yaze yathola lapho sihlala khona, yabe isisivakashela. Yayifuna ukwazi ukuthi ngangibhekana kanjani nokushona kukaLucía futhi yasikisela nokuba sakhe iqembu likamasakhane ukuze kududuzwe abanye omama ababesosizini olufanayo.
Ngayichazela ukuthi mina ngangiduduzwe kakhulu esinye sezithembiso zeBhayibheli esinikeza induduzo enkulu kakhulu kunanoma iyiphi umuntu angase ayinikeze. Amehlo ayo akhanya inhlansi yethemba lapho ngiyifundela amazwi kaJesu akuJohane 5:28, 29. Yavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi kungakabiphi yaqala ukuba ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’ (Fil. 4:7) Lapho sifunda iBhayibheli nayo, kaningi siyama sizicabange sesisezweni elisha, samukela abantu esibathandayo lapho bevuswa.
Yebo, ukuphila kukaLucía okufushane kuye kwasishiyela ifa laphakade. Ukholo lwakhe luye lwawuhlanganisa umkhaya wethu ekukhonzeni uNkulunkulu kanti futhi luye lwaqinisa ukuzimisela kwami ukuhlala ngiqinile okholweni. Ngokungangabazeki, kunesithembiso esibaluleke kakhulu thina sonke esiyosifeza sokubona abathandekayo bethu abangase bavuswe.
[Isithombe ekhasini 20]
Isithombe sepharadesi esidwetshwe uLucía