Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 9/1 kk. 8-11
  • Cabanga ‘Ngesiphetho Kamuva’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Cabanga ‘Ngesiphetho Kamuva’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iseluleko Esihle Kakhulu
  • Liyoba Njani Ikusasa Labo?
  • “Yazi Ukuthi Uphokophelephi”
  • Zithembe Izimpawu
  • “Nansi Indlela”
  • Ingabe Uzohamba NoNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Qapha Inhliziyo Yakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Umgwaqo Owumngcingo Oya Enkululekweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ingabe Zonke Izinkolo Zilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 9/1 kk. 8-11

Cabanga ‘Ngesiphetho Kamuva’

ENKAMBWENI yethu yokuphila kufanele senze izinqumo eziningi. Ngokuqinisekile kuyinkambo yokuhlakanipha ukuzama ukuthola ukuthi kunani ekupheleni kwendlela ngaphambi kokuba uqale ukuhamba ngayo. Abanye baye bazisola kakhulu ngezinqumo abazenzile. Mhlawumbe nawe sewake wawasho la mazwi, ‘Ukube ngangazi ukuthi kuzoba nje, ngangingeke ngikwenze nhlobo.’

Umhambi wamazwe onolwazi uyafuna ukwazi ukuthi indlela ngayinye iya kuphi. Angase ahlole ibalazwe futhi akhulume nabantu abayaziyo indawo. Ngokuqinisekile uyoziqaphela izimpawu azibonayo njengoba ehamba kule ndlela. Kodwa, enkambweni yokuphila ungaqiniseka kanjani ukuthi iyiphi indlela engcono kunazo zonke ongayithatha? Ngokuphathelene no-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wake wathi ngoMose: “O ukube bebehlakaniphile! Khona-ke bebeyozindla ngalokhu. Bebeyocabanga ngesiphetho sabo kamuva.”—Duteronomi 32:29.

Iseluleko Esihle Kakhulu

Akufanele nakancane sisingabaze ‘isiphetho sakamuva’ sezindlela ezingase zilethwe ukuphila. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uphakeme, usesimweni esihle kakhulu sokweluleka bonke abantu abasohambweni ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu abangayithatha. Uzibonile izindlela eziningi abantu asebehambe ngazo futhi wawubona nomphumela. IBhayibheli lithi: “Ngoba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, ubhekisisa yonke imikhondo yakhe.”—IzAga 5:21.

UJehova uyabakhathalela labo abamthandayo. NgeZwi lakhe iBhayibheli, ubanikeza indlela engcono kakhulu abangayithatha. Siyafunda: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” Ngakho ngaphambi kokuba uqale noma iyiphi inkambo, kuwukuhlakanipha ukufuna iseluleko sikaJehova, njengoba kwenza iNkosi yakwa-Israyeli uDavide, eyathandaza: “Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo.”—IHubo 32:8; 143:8.

Ukulandela indlela oyiyalelwa umhambi wamazwe omethembayo onolwazi kungakwenza uzizwe uqiniseka futhi ulondekile. Awukhathazeki ngokuthi iholelaphi. UDavide wasicela futhi wasilandela isiyalo nesiqondiso sikaJehova. Ngenxa yalokho, wajabulela ukuthula kwengqondo okuvezwa kahle encwadini edumile yeHubo 23. UDavide wabhala: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Uqabula umphefumulo wami. Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe. Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi.”—IHubo 23:1-4.

Liyoba Njani Ikusasa Labo?

Esinye isihambi enkambweni yokuphila, umhubi okungenzeka ukuthi kwakungu-Asafa noma othile ozalweni lwakhe, savuma ukuthi sacishe ‘saphambuka’ endleleni efanele. Kwakwenzekeni? Sasibone abangathembekile nabanobudlova bechuma futhi sasikuhalela “ukuthula kwabantu ababi.” Kuso, babebonakala ‘benethezekile kuze kube nini nanini.’ Okubi nakakhulu, ukuthi lo mhubi wayeseqale ukungabaza ukuhlakanipha kokulandela indlela yokulunga ayeyikhethile.—IHubo 73:2, 3, 6, 12, 13.

Ngakho umhubi wangena endlini engcwele kaJehova futhi wathandaza ecabanga ngesiphetho sababi. Wathi: “Ngangifuna ukuqonda ikusasa labo.” Wazindla ngekusasa lalabo ayefisa ukufana nabo. Laliyoba yini ikusasa labo? Wabona ukuthi abantu abanjalo babehamba “emhlabathini oshelelayo” futhi ‘babeyoqedwa ngokwesabisa kakhulu obekungazelelwe!’ Kodwa kuthiwani ngendlela umhubi ayeyithatha? Wavuma: “Kamuva uyongithatha [wena Jehova] ungiyise ngisho nasenkazimulweni.”—IHubo 73:17-19, 24.

Ukuzindla ngemiphumela yezenzo zalabo abafinyelela ukuchuma ngezindlela zobuqili noma ezingabazisayo kwaqinisekisa umhubi ngokuthi wayesendleleni efanele. Waphetha: “Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.” Ukusondela kuJehova uNkulunkulu kuletha izinzuzo ezihlala njalo ngaso sonke isikhathi.—IHubo 73:28.

“Yazi Ukuthi Uphokophelephi”

Nathi kungase kudingeke senze ukukhetha okufanayo namuhla. Ungase uthole isivumelwano esikhangayo kwezebhizinisi, ukhushulelwe esikhundleni esiphakeme noma umenyelwe ukuba uhlanganyele ebhizinisini elingenisa imali. Yiqiniso, kunethuba lokulahlekelwa kunoma yini entsha umuntu ayenzayo. Noma kunjalo, uyakubona yini ukubaluleka kokuqale ucabangele ukuthi siyoba yini “isiphetho” salokho okukhethayo? Ingase ibe yini imiphumela? Ingabe kuyodingeka ukuba uhambe ekhaya, okungase kukubangele ukucindezeleka wena noma umkakho? Ingabe uyochayeka ebudlelwaneni obungakhi nabantu osebenzelana nabo kwezebhizinisi noma labo abasemahhotela nakwezinye izindawo? Ngokubhekisisa indlela ozohamba ngayo, uyokwazi ukukhetha ngokuhlakanipha. Lalela iseluleko sikaSolomoni: “Yazi ukuthi uphokophelephi.”—IzAga 4:26, Contemporary English Version.

Kuyosisiza sonke ukucabanga ngaleso seluleko, kodwa ikakhulukazi intsha. Othile osemusha waqasha i-video ayeyazi kahle ukuthi ineziqephu ezivusa inkanuko. Ngokuhamba kwesikhathi walandisa okwenzeka ngemva kokubuka le video, ethi inkanuko yaba namandla kangangokuthi wahamba wayofuna owesifazane ondindayo owayehlala kule ndawo. Wagcina ecindezelekile, enomuzwa wecala futhi ekhathazekile ngokuthi kungenzeka wayethole isifo esithile. Okwenzeka kufana nse nalokho okuchazwe eBhayibhelini: “Ngokushesha iyamlandela, njengenkunzi iyohlatshwa.” Ukube nje wayecabange “ngesiphetho”!—IzAga 7:22, 23.

Zithembe Izimpawu

Abantu abaningi bangavuma ukuthi kuwubuwula ukungazinaki izimpawu. Kodwa ngokudabukisayo, yilokho abanye abakwenzayo enkambweni yabo yokuphila lapho isiqondiso esinikezwayo singahambisani nalokho bona abakukhethayo. Ake ucabange ngendaba yama-Israyeli athile aphila ngesikhathi sikaJeremiya. Isizwe sase sifike enhlukana-ndlela, futhi uJehova uNkulunkulu waseluleka: ‘Buzani ngemendo yakudala, ukuthi iphi manje indlela enhle; nihambe ngayo.’ Kodwa benenkani abantu baphendula ngokuthi ‘babengeke bahambe’ ngaleyo ndlela. (Jeremiya 6:16) Saba yini “isiphetho” senkambo yabo yokuvukela? Ngo-607 B.C.E., bafika abaseBhabhiloni bawenza incithakalo umuzi waseJerusalema bathatha ababehlala khona babathumbela eBhabhiloni.

Ukungazinaki izimpawu uNkulunkulu asibekele zona akusoze kwasenza siphumelele. ImiBhalo iyasinxusa: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

Ezinye zezixwayiso zikaNkulunkulu zinjengophawu oluthi “Ungangeni.” Ngokwesibonelo iBhayibheli lithi: “Ungangeni emkhondweni wabakhohlakele, ungahambi uqonde ngqo ungene endleleni yababi.” (IzAga 4:14) Phakathi kwezinye izindlela ezinjalo eziyingozi kukhona naleyo echazwe encwadini yezAga 5:3, 4: “Izindebe zowesifazane ongaziwa zihlale ziconsa njengekhekheba lezinyosi, nolwanga lwakhe lubushelelezi kunamafutha. Kodwa umphumela wakhe ubaba njengomhlonyane; ubukhali njengenkemba esika nhlangothi-zombili.” Kwabanye, ubuhlobo bokuziphatha okubi—kungakhathaliseki ukuthi nowesifazane ondindayo nanoma ubani omunye—bungase bubonakale bujabulisa. Kodwa ukungazinaki izimpawu ezithi “Ungangeni” okufanele ziqondise indlela yokuziphatha kungaholela enhlekeleleni.

Ngaphambi kokuqala ukuthatha inkambo enjalo, zibuze, ‘Buzongiholela kuphi lobu buhlobo?’ Ukuma isikhashana ucabange ngalokho okungaba ‘isiphetho’ kungase kwanele ukukusiza ungathathi inkambo engaholela emiphumeleni emibi. Ingculaza nezinye izifo ezithathelwana ngobulili, ukukhulelwa okungafunwa, ukukhishwa kwezisu, ubuhlobo obonakalisiwe nomuzwa wecala kugcwele endleleni yalabo abakhethe ukungazinaki izimpawu ezinjalo. Umphostoli uPawulu wasisho ngokucacile isiphetho salabo abaphila ukuphila kokuziphatha kabi. “Ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.

“Nansi Indlela”

Ngezinye izikhathi kunzima ukubona ukuthi isiholelaphi inkambo ethile. Ngakho-ke yeka ukuthi sijabula kanjani ngokukhathalela kothando kukaJehova nesiqondiso sakhe esicacile! UJehova wathi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Yini esekupheleni kwendlela uJehova asibonisa yona? Nakuba le ndlela incane futhi inzima, uJesu wathi iholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 7:14.

Ziphe ithutshana ucabange ngendlela ende oyihambayo. Ingabe iyona yona? Iyaphi? Funa isiqondiso sikaJehova ngomthandazo. Hlola ‘ibalazwe’ eliyiBhayibheli. Ungase ube nanomuzwa wokuthi kufanele ubuze umhambi wamazwe onokuhlangenwe nakho, obelokhu ezimisele ukuhamba ngendlela kaNkulunkulu. Uma ubona isidingo sokushintsha indlela, yenza kanjalo ngokushesha.

Ngokuvamile isihambi siyajabula lapho sibona uphawu olusiqinisekisa ngokuthi sisendleleni efanele. Uma ukuhlola inkambo yakho yokuphila kukwembulela ukuthi uhamba endleleni yokulunga, zimisele ukuqhubeka kuleyo ndlela. Ingxenye eyanelisa kakhulu yalolu hambo isisondele.—2 Petru 3:13.

Zonke izindlela ziholela endaweni ethile. Uma ufika ekupheleni kwenkambo oyikhethile, uyobe ukuphi? Ngeke uzuze lutho ngokuma lapho bese ufisa ukuthi: ‘O, ukube nje bengithathe enye indlela!’ Ngakho ngaphambi kokuba uthathe isinyathelo esilandelayo kule nkambo yokuphila, zibuze, ‘Siyoba yini “isiphetho sayo kamuva”?’

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]

Siyoba Yini ‘Isiphetho Kamuva’?

Intsha ivame ukubhekana nezilingo nezingcindezi zokuba izame izinto okubonakala zithandwa. Nazi ezinye zezimo ezingase zivele.

◼ Othile ukunxenxela ukuba ubheme ugwayi.

◼ Uthisha onezinhloso ezinhle ukukhuthaza ukuba uphishekele imfundo ephakeme eyunivesithi.

◼ Umenyelwa emcimbini lapho kungenzeka ukuthi kuyobe kuxhaphake khona utshwala nezidakamizwa.

◼ Othile uyasikisela: “Kungani ungazivuleli ingosi yakho kuyi-Internet?”

◼ Umngane ukumema ukuba niyobuka ibhayisikobho enobudlova noma ukuziphatha okubi.

Uma kwenzeka ubhekana nesinye salezi zimo, uyokwenzenjani? Ingabe uyomane nje uvume, noma uyocabanga ngokucophelela ngokuthi siyoba yini ‘isiphetho kamuva’? Uyobe uhlakaniphile uma uzibuza: “Umuntu angawabuthela yini amalahle esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi? Noma, umuntu angahamba yini phezu kwamalahle kodwa izinyawo zakhe zingahanguki?”—IzAga 6:27, 28.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela