Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 3/1 kk. 3-4
  • Ingabe IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushintshashintsha Kwemibono Yabantu NgeBhayibheli
  • IBhayibheli Ngempela LiyiZwi LikaNkulunkulu Eliphefumulelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • IBhayibheli—Ingabe ‘Liphefumulelwe UNkulunkulu’ Ngempela?
    I-Phaphama!—2017
  • Kungani Sifunda IBhayibheli?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 3/1 kk. 3-4

Ingabe IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu?

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 THIMOTHEWU 3:16, 17.

YEKA amazwi anamandla ashiwo umphostoli uPawulu lapho echaza ukubaluleka kweBhayibheli! Yebo, wayekhuluma ngokukhethekile ngengxenye yeBhayibheli eyayikhona ngaleso sikhathi—imiBhalo abantu ngezinye izikhathi abayibiza ngokuthi iTestamente Elidala. Eqinisweni, zonke izincwadi zeBhayibheli ezingu-66 ziphefumulelwe futhi zinenzuzo, kuhlanganise nalezo ezabhalwa abafundi bakaJesu abathembekile ngekhulu lokuqala C.E.

Ingabe nawe ulazisa futhi ulihlonipha njengoPawulu iBhayibheli? Ingabe ucabanga ukuthi abalobi beBhayibheli babephefumulelwe uNkulunkulu ngempela? AmaKristu ekhulu lokuqala ayekukholelwa lokho kuhlanganise namaKristu aphila eminyakeni eyalandela. Ngokwesibonelo, uJohn Wycliffe, umfundisi oyiNgisi wangekhulu le-14, wayebheka iBhayibheli “njengenqolobane yeqiniso.” Iphawula ngamazwi kaPawulu acashunwe ngenhla, i-New Bible Dictionary ithi “ukuphefumulelwa kweBhayibheli [nguNkulunkulu] kuqinisekisa ukuthi konke okubhalwe kulo kuyiqiniso.”

Ukushintshashintsha Kwemibono Yabantu NgeBhayibheli

Nokho, muva nje, abantu abasalihloniphi kangako igunya leBhayibheli. Incwadi edingida izinkolo enesihloko esithi The World’s Religions ithi: “Ezinhliziyweni, wonke amaKristu asabheka iBhayibheli njengelinegunya lokuqondisa izenzo nezinkolelo zawo.” Kodwa awakwenzi lokho elikushoyo. Namuhla abantu abaningi babheka iBhayibheli “njengencwadi yabantu engathembekile.” Nakuba bevuma ukuthi abalobi beBhayibheli babengabantu ababenokholo olukhulu, bababheka njengabantu ababenamaphutha, ababezama kanzima ukuchaza amaqiniso angokomoya ajulile kodwa bentula ulwazi nokukhanyiselwa thina esinakho namuhla.

Uma sikhuluma iqiniso, bambalwa kakhulu namuhla abantu abalivumela ngempela iBhayibheli ukuba liqondise imicabango nezenzo zabo. Ngokwesibonelo, kukangaki uzwa abantu bethi imiyalo yeBhayibheli yokuziphatha iyisidala futhi ayisebenzi? Kwabaningi akuthi diki lapho belulaza imithetho nezimiso zeBhayibheli—futhi baze bayishaye indiva ngokuphelele lapho kubonakala ibaphazamisa. Abanye abantu abathi bangamaKristu abakugqizi qakala okushiwo yiBhayibheli ngobufebe, ukuphinga, ukungathembeki nokudakwa.—1 Korinte 6:9, 10.

Kungani kunjalo? USir Charles Marston, oyisazi semivubukulo, wasisho isizathu salokhu ngasekuqaleni kwekhulu leminyaka lama-20, encwadini yakhe ethi The Bible Is True. Wathi abantu bashesha ‘ukwamukela imibono eminingi ewukuqagela yabalobi banamuhla abahlasela igunya leBhayibheli futhi abazange bayiphikise nakancane.’ Ingabe kusenjalo nanamuhla? Kufanele uyibheke kanjani imibono nezinkolelo zezazi ezithi iBhayibheli akufanele lethenjwe? Funda isihloko esilandelayo uzwe ukuthi sithini ngalokhu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela