Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 3/1 k. 15
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Abafundi BakaJesu Bengakuzili Ukudla?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Bambuza Ngokuzila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Bambuza Ngokuzila
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 3/1 k. 15

Ingabe Bewazi?

Kungani uJesu athi “akekho ofaka iwayini elisha ezingqalathini zewayini ezindala”?

▪ Kwakuvamile ezikhathini zeBhayibheli ukugcina iwayini emagabheni enziwe ngezikhumba zezilwane. (Joshuwa 9:13) La magabha ayenziwa ngezikhumba zezilwane ezifuywayo njengezimbuzi noma amazinyane azo. Ukuze kwenziwe igabha lesikhumba, isilwane sasinqunywa ikhanda nezinyawo bese kususwa isikhumba ngokucophelela ukuze isisu singabhoboki. Isikhumba sasibe sesishukwa; zonke izimbobo zazithungwa kusale kuphela eyentamo noma eyomlenze, eyayishiywa ingathungiwe ukuze ibe umlomo wegabha. Leyo mbobo yayingase ivalwe ngesivalo noma iboshwe ngentambo.

Ngokuhamba kwesikhathi, isikhumba sasiqhotha singabe sisanwebeka. Ngakho-ke, izingqalathi zewayini ezindala zazingakufanelekeli ukugcina iwayini elisha elalisaqhubeka libila. Ukubila okunjalo kwakungase kuziqhumise izingqalathi zewayini ezindala. Izingqalathi ezintsha zona ziyathamba, ngaleyo ndlela zikwazi ukugcina iwayini elisha elibilayo. Yingakho uJesu asho leli qiniso elalaziwa kakhulu ngesikhathi sakhe. Wachaza lokho okwakungenzeka uma umuntu ethela iwayini elisha ezingqalathini ezindala: “Iwayini elisha liyoziqhumisa izingqalathi zewayini, futhi liyochitheka nezingqalathi zewayini zonakale. Kodwa iwayini elisha kumelwe lifakwe ezingqalathini zewayini ezintsha.”––Luka 5:37, 38.

Ayengobani “amadoda angababulali” okwakucatshangwa ukuthi umphostoli uPawulu ungomunye wawo ngesikhathi eboshwa amaRoma?

▪ Ngokusho kwencwadi yezEnzo, ngesikhathi kunesiyaluyalu ethempelini laseJerusalema, umlawuli webutho lamaRoma wavalela umphostoli uPawulu etilongweni ekholelwa ukuthi wayengumholi weqembu lamavukela-mbuso elalakhiwa “amadoda angababulali ayizinkulungwane ezine.” (IzEnzo 21:30-38) Ayengobani la madoda angababulali?

Igama lesiGreki elisho “amadoda angababulali” lisuselwe kwelesiLatini elithi sicarii, okusho ukuthi “abasebenzisa i-sica,” noma inkemba. Isazi-mlando sangekhulu lokuqala uFlavius Josephus sichaza leli qembu ngokuthi amadoda angamaJuda ayeshisekela izwe lawo, eyizitha zeRoma ezinenkani futhi ebulala abaphikisi bawo bezombusazwe.

UJosephus uthi la madoda “ayebulala abantu emini bebade, phakathi emzini; lokhu ayekwenza kakhulu emikhosini ngokungena phakathi kwezixuku, efihle izinkemba zawo ngaphansi kwezingubo bese egwaza izitha zawo.” Lapho ohlaselwayo ewa ephangalala la madoda ayedukisa umkhondo ngokwenza sengathi nawo athukutheliswa yilesi senzo sokubulawa komuntu, ngaleyo ndlela aphunyuke. UJosephus uqhubeka athi kamuva leli qembu lahola ekuvukeleni kwamaJuda iRoma ngo-66 kuya ku-70 C.E. Yingakho umlawuli wamaRoma ayengeke amyeke umuntu okwakungenzeka ukuthi ungumholi weqembu elinjalo.

[Isithombe ekhasini 15]

Ingqalathi yewayini endala

[Isithombe ekhasini 15]

Umdwebo wendoda engumbulali

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela