Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 5/1 k. 7
  • Isiprofetho 4. Ukuntuleka Kothando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiprofetho 4. Ukuntuleka Kothando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kungani Amadoda Eshaya Abesifazane?
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Ubudlova Buhlasela Ikhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Yini Ebangela Ubudlova Basekhaya?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 5/1 k. 7

Isiprofetho 4. Ukuntuleka Kothando

‘Abantu bayontula uthando olufanele ngemindeni yabo.’—2 THIMOTHEWU 3:1-3, God’s Word Bible.

● UChris, osebenzela ithimba elilwa nobudlova basekhaya eNyakatho Wales, uthi: “Ngikhumbula owesifazane othile owafika lapha emabokoboko. Wayeshaywe kangangokuba ngangingasamboni.” Uqhubeka athi: “Abanye abesifazane balimele kakhulu ngokomzwelo kangangokuthi behluleka nokukubheka emehlweni.”

ABONISANI AMAQINISO? Kwelinye izwe lase-Afrika, kulinganiselwa ukuthi owesifazane oyedwa kwabathathu uye wahlukunyezwa ngokocansi eseyingane. Inhlolovo eyenziwa kulelo zwe yathola ukuthi amadoda angaphezu kwamaphesenti angu-33 akubheka njengento eyamukelekayo ukushaya inkosikazi. Nokho, akubona abesifazane kuphela abayizisulu zobudlova basekhaya. Ngokwesibonelo, eCanada cishe abesilisa abathathu kwabayishumi baye bashaywa izintombi noma omkabo.

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Selokhu kwathi nhlo ibilokhu ikhona inkinga yobudlova basekhaya, ukuthi nje manje isiqhakambiswa kakhulu kunangaphambili.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Ukuqwashisa abantu ngobudlova basekhaya kuye kwaba undaba-mlonyeni emashumini eminyaka amuva. Kodwa ingabe le mizamo iye yalehlisa inani lobudlova basekhaya? Cha. Ukuntuleka kothando sekukukhulu kakhulu kunanini ngaphambili.

UCABANGANI? Ingabe eyesi-2 Thimothewu 3:1-3 iyagcwaliseka? Ingabe abantu abaningi bantula uthando ngemindeni yabo okufanele ngabe balubonisa ngokwemvelo?

Isiprofetho sesihlanu osibona sigcwaliseka siphathelene nekhaya lethu, umhlaba. Yizwa ukuthi iBhayibheli lithini ngale ndaba.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Ubudlova basekhaya bubhekwa njengenkinga efihlwa kakhulu emphakathini. Kulinganiselwa ukuthi ngaphambi kokuba owesifazane ayobikela amaphoyisa usuke eseshaywe izikhathi ezingu-35.”—UMKHULUMELI WEQEMBU LASEWALES ELISIZA NGOCINGO IZISULU EZIHLUKUNYEZWA EMAKHAYA.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela