I-Armagedoni—Abanye Bathi Iyini?
“Zawahlanganisela ndawonye endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.”—ISAMBULO 16:16, English Standard Version.
YINI efika engqondweni yakho uma uzwa igama elithi “Armagedoni”? Cishe ufikelwa umbono wenhlekelele enkulu. Nakuba leli gama livela kanye nje eBhayibhelini kodwa lihlale lisematheni kwabezindaba nakubaholi benkolo.
Ingabe imibono evamile nge-Armagedoni iyavumelana nalokho okufundiswa iBhayibheli? Kubalulekile ukuthola impendulo. Ngani? Ngoba ukwazi iqiniso nge-Armagedoni kungakukhulula ekwesabeni okungadingekile, kukwenze ube nombono oqhakazile ngekusasa futhi kuthonye indlela ocabanga ngayo ngoNkulunkulu.
Cabangela imibuzo emithathu elandelayo, bese uqhathanisa imibono evamile nge-Armagedoni nalokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.
1. INGABE I-ARMAGEDONI IYINHLEKELELE EBANGELWA ABANTU?
Izintatheli nabacwaningi bavame ukusebenzisa igama elithi “Armagedoni” lapho bechaza izibhicongo ezibangelwa abantu. Ngokwesibonelo, iMpi Yezwe I neyesi-II ziye zachazwa ngokuthi i-Armagedoni. Ngemva kwalezo zimpi, abantu babekhathazeke ngokuthi i-United States ne-Soviet Union izohlaselana ngezikhali zenuzi. Abezindaba babiza lokho okwakungase kwenzeke ngokuthi “i-Armagedoni yenyukliya.” Namuhla, abacwaningi abesaba ukuthi ukungcoliswa komhlaba kuzokwenza ushintsho olukhulu esimweni sezulu somhlaba baxwayisa ngokuthi kuzoba khona “i-Armagedoni yesimo sezulu.”
Okusikiselwa imfundiso yabo: Abantu banamandla okulawula ikusasa lomhlaba nakho konke ukuphila okukuwo. Uma ohulumeni bengenzi ngokuhlakanipha, umhlaba uyokonakala unomphela.
Okufundiswa iBhayibheli: UNkulunkulu ngeke abavumele abantu babhubhise umhlaba. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uJehovaa akazange awudalele “ize nje” umhlaba. Kunalokho wawudala ‘ukuze kuhlalwe kuwo.’ (Isaya 45:18) Kunokuba avumele abantu bawubhubhise, uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
2. INGABE I-ARMAGEDONI IYINHLEKELELE YEMVELO?
Ngezinye izikhathi izintatheli zisebenzisa igama elithi “Armagedoni” ukuze zichaze izinhlekelele ezinkulu zemvelo. Ngokwesibonelo, ngo-2010, omunye umbiko wakhuluma ‘nge-Armagedoni eHaiti.’ Wawuchaza ukuhlupheka, umonakalo nokufa kwabantu okwakubangelwe ukuzamazama komhlaba okukhulu okwavithiza lelo zwe. Ababiki bezindaba nabenzi bamabhayisikobho abasebenzisi leli gama ezenzakalweni esezenzekile kuphela, kodwa nakulezo abesaba ukuthi zingase zenzeke. Ngokwesibonelo, basebenzisa igama elithi “Armagedoni” ukuze bachaze lokho okungase kwenzeke uma umhlaba ungashayisana nenye iplanethi esemkhathini.
Okusikiselwa imfundiso yabo: I-Armagedoni iyinto ezenzakalelayo ebulala ngokungakhethi abantu abangenacala. Kuncane kakhulu ongakwenza ukuze uzivikele kuyo.
Okufundiswa iBhayibheli: I-Armagedoni akuyona into ebulala abantu ngokungakhethi. Kunalokho, ngesikhathi se-Armagedoni abantu ababi kuphela abayosuswa. IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze ‘omubi ngeke esaba khona; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho.’—IHubo 37:10.
3. INGABE UNKULUNKULU UYOBHUBHISA UMHLABA NGE-ARMAGEDONI?
Abantu abaningi abasontayo bakholelwa ukuthi kuyoba nempi yokugcina phakathi kwezidalwa ezilungile nezingalungile eyoholela ekupheleni komhlaba wethu. Inhlolo-vo eyenziwa i-Princeton Survey Research Associates, e-United States, yathola ukuthi amaphesenti angu-40 abantu abadala bakholelwa ukuthi izwe lizoqedwa “impi ye-Armagedoni.”
Okusikiselwa imfundiso yabo: Abantu abadalelwanga ukuphila phakade emhlabeni, nomhlaba awudalelwanga ukuhlala phakade. UNkulunkulu wadala abantu ehlose ukuba ekugcineni bafe.
Okufundiswa iBhayibheli: IBhayibheli likubeka ngokucacile ukuthi uNkulunkulu “usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) Uma likhuluma ngabantu abahlala emhlabeni, iBhayibheli lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
Kuyacaca ukuthi iBhayibheli alivumelani nemibono eminingi evamile nge-Armagedoni. Pho-ke, liyini iqiniso?
[Umbhalo waphansi]
a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.