Incwadi Evumelanayo
“Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 PETRU 1:21.
LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Eminye imibhalo yasendulo nakuba yabhalwa ngesikhathi esifanayo kodwa ivame ukuphikisana. Izincwadi ezabhalwa abantu abahlukahlukene, ezindaweni ezihlukahlukene, ngezikhathi ezihlukahlukene kuyaqabukela uzithole zivumelana ngokuphelele. Nokho, iBhayibheli lithi zonke izincwadi zalo ezingu-66 zivela kuMlobi oyedwa—okwenza libe nomyalezo onobunye futhi ovumelanayo.—2 Thimothewu 3:16.
ISIBONELO: UMose, umelusi owaphila ngekhulu le-16 B.C.E., waloba encwadini yokuqala yeBhayibheli ukuthi “inzalo” yayizofika ukuze isindise abantu. Kamuva, le ncwadi yabikezela ukuthi le nzalo iyovela ozalweni luka-Abrahama, u-Isaka noJakobe. (Genesise 3:15; 22:17, 18; 26:24; 28:14) Ngemva kweminyaka engaba ngu-500, umprofethi uNathani wembula ukuthi le nzalo iyoba sohlwini lobukhosi bukaDavide. (2 Samuweli 7:12) Ngemva kweminyaka eyinkulungwane, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi le mbewu kuyoba uJesu neqembu labakhethiweyo bakhe. (Roma 1:1-4; Galathiya 3:16, 29) Ekugcineni, ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., incwadi yokugcina yeBhayibheli yaprofetha ukuthi amalungu enzalo ayeyonikeza ubufakazi ngoJesu emhlabeni, avuselwe ezulwini abuse naye iminyaka engu-1 000. Le nzalo iyochoboza uDeveli futhi isindise abantu.—IsAmbulo 12:17; 20:6-10.
LOKHO OKUSHIWO ABAHLAZIYI BEBHAYIBHELI: Ngemva kokuhlolisisa izincwadi zeBhayibheli ezingu-66, uLouis Gaussen wabhala ukuthi wamangazwa “ubunye bale ncwadi, eyalotshwa ngeminyaka engu-1 500 ilotshwa abalobi abaningi kangaka, . . . nokho ababeloba ngenjongo eyodwa, futhi eyayilokhu yembuleka, nakuba bona babengayiqondi ngokugcwele, okuwumlando wokuhlengwa kwezwe yiNdodana kaNkulunkulu.”—Incwadi ethi Theopneusty—The Plenary Inspiration of the Holy Scriptures.
UCABANGANI? Ungalindela yini ukuba incwadi eyalotshwa abantu abangu-40 abahlukahlukene phakathi neminyaka engaphezu kwengu-1 500 ivumelane ngokuphelele? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
“Uma le mibhalo ihlanganiswa, ikhipha incwadi eyodwa . . . Ayikho nhlobo incwadi efana nayo, noma nje ethi ayisondele kuyo.”—Incwadi ethi THE PROBLEM OF THE OLD TESTAMENT, KAJAMES ORR