Indaba Yokuphila
“Imfihlo” Esayifunda Enkonzweni Yethu Engcwele
Njengoba ilandiswa ngu-Olivier Randriamora
“Ngempela ngiyakwazi ukuphelelwa ukudla, ngiyakwazi ukuba nensada. Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba . . . Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Fil. 4:12, 13.
SEKUYISIKHATHI eside la mazwi omphostoli uPawulu eyisikhuthazo esikhulu kimi nomkami, u-Oly. NjengoPawulu, siye safunda le “mfihlo” ngokuncika ngokugcwele kuJehova ngesikhathi simkhonza silapha eMadagascar.
Lapho oFakazi BakaJehova beqala ukufundela umkhwekazi wami ngo-1982, mina no-Oly sase sithembisene umshado. Nami ngasamukela isifundo seBhayibheli, kamuva no-Oly wahlanganyela nami. Sashada ngo-1983, sabhapathizwa ngo-1985, futhi ngokushesha ngemva kwalokho sakhonza njengamaphayona asizayo. Ngo-July 1986, saba amaphayona avamile.
Ngo-September 1987, saqala ukukhonza njengamaphayona akhethekile. Isabelo sethu sokuqala sasiyidolobhana elisenyakatho-ntshonalanga yeMadagascar lapho kwakungekho bandla khona. Kunezizwe ezinkulu ezingaba ngu-18 kanye nezizwana eziningi eMadagascar, futhi amasiko nemikhuba yazo ihluke kakhulu. Ulimi olungokomthetho lwalapha isiMalagasy, kodwa luyehluka kuye ngezigodi. Ngakho saqala ukufunda ulimi lwesigodi olukhulunywa esabelweni sethu esisha, futhi lokho kwasisiza ukuba sisheshe samukeleke emphakathini.
Ekuqaleni, nganginikeza inkulumo yeningi njalo ngeSonto, kuthi lapho ngiqeda, u-Oly, bandla ashaye izandla ngokwethembeka. Kwakuba yithi sobabili kuphela esasiba khona. Sasiqhuba nesimiso esigcwele seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, okwakuthi uma u-Oly enikeza izinkulumo zakhe enze sengathi ukhuluma nomninikhaya. Yeka indlela esajabula ngayo lapho umbonisi wesifunda owayesihambele esikisela ngomusa ukuba imihlangano yethu siyihlele ngokwezidingo zethu!
Ngenxa yokuthi iposi lalingenakwethenjelwa, sasingayitholi njalo imali yesibonelelo. Ngakho, safunda ukuphila ngokuncane. Sake sangaba nayo imali eyanele yokuya emhlanganweni wesifunda, owawuqhele ngamakhilomitha angu-130. Sakhumbula iseluleko esihle esasinikezwa omunye uFakazi: “Tshelani uJehova izinkinga zenu. Kakade, owakhe lo msebenzi eniwenzayo.” Ngakho sathandaza sabe sesinquma ukuhamba ngezinyawo. Nokho, ngaphambi nje kokuba sihambe, savakashelwa umzalwane othile singalindele futhi wasinika isipho esiyimali—eyayanele nje ukuba sikhokhele ibhasi!
UMSEBENZI WOKUJIKELEZA
Ngo-February 1991, ngamiswa njengombonisi wesifunda. Ngaleso sikhathi, iqembu lethu elincane lase linabamemezeli abangu-9, abathathu babo babebhapathiziwe, kanti balinganiselwa ku-50 ababeba khona emihlanganweni. Ngemva kokuqeqeshwa, sakhonza isifunda esasisenhloko-dolobha, i-Antananarivo. Ngo-1993, sabelwa ukuyokhonza esifundeni esisempumalanga yezwe. Izimo zakhona zazihluke kakhulu kunalezo zasedolobheni.
Kwakudingeka sihambe ngezinyawo lapho siya emabandleni nasemaqenjini acezile, ngezinye izikhathi sasihamba amakhilomitha angu-145 sidabula amahlathi acinene asezintabeni. Sasiphatha izinto ezimbalwa kuphela. Yebo, noma nini lapho inkulumo yeningi yombonisi wesifunda ihlanganisa nama-slide, njengoba ngezinye izikhathi kwakuba njalo ngalezo zinsuku, umthwalo wethu wawesinda kakhudlwana. U-Oly wayethwala umshini wama-slide, mina ngithwale ibhetri lemoto.
Sasivame ukuhamba amakhilomitha angu-40 ngosuku ukuze sifike ebandleni elilandelayo. Endleleni sasehla senyuka izintaba, siwela imifula, sixhafuze nasodakeni. Ngezinye izikhathi sasilala eceleni kwendlela, kodwa ngokuvamile sasizama ukuthola indawo enemizi esingalala kuyo. Ngezinye izikhathi sasicela indawo yokulala kubantu esingabazi nhlobo. Lapho sesiyitholile, sasibe sesiqala ukupheka. U-Oly wayeboleka ibhodwe futhi aye emfuleni noma echibini eliseduze ayokha amanzi. Mina ngangiboleka imbazo, ngicande izinkuni. Konke lokhu kwakudinga isikhathi. Ngezinye izikhathi, sasithenga inkukhu ephilayo, siyihlabe bese siyicutha.
Ngemva kokudla, kwakudingeka sikhe amanye amanzi okugeza. Ngezinye izikhathi sasilala ekhishini. Uma uphahla luvuza lapho lina, kwakudingeka silale sincike obondeni ukuze singanethwa.
Sasikulwela njalo ukubashumayeza abantu esasilala emizini yabo. Lapho sifika ebandleni esilihambele, abafowethu nodadewethu abangamaKristu babesibonisa umusa nomoya wokungenisa izihambi ngendlela ethinta inhliziyo. Ukwazisa okujulile ababenakho ngokubahambela kwethu kwakusenza sibukhohlwe bonke ubunzima esihlangabezane nabo endleleni.
Lapho sihlala emakhaya oFakazi, sasikujabulela ukubasiza ngemisebenzi yasendlini. Lokhu kwakubenza bakwazi ukuhlanganyela nathi enkonzweni yasensimini. Sasingalindeli ukuba abasamukele basicokamele ngezinto noma ngokudla ababengenamandla okukuthola.
UKUHAMBELA AMAQEMBU ANGAWODWA
Sasikujabulela ukuhambela amaqembu angawodwa. Abazalwane bakhona babesihlangabeza ngesimiso esimatasa kakhulu. Kwakuqabukela siba nesikhathi ‘sokuphumula kancane.’ (Marku 6:31) Kwenye indawo, umbhangqwana ongoFakazi wawubize bonke abantu owawubafundela—abangu-40—beza emzini wawo ukuze sizofunda nabo. U-Oly wahlanganyela nodade ekuqhubeni izifundo ezingu-20, nami ngaqhuba nomzalwane ezinye ezingu-20. Sasithi singaqeda esinye isifundo, siqale esilandelayo ngokushesha. Kamuva, saba nekhefu ukuze siqhube imihlangano yebandla, ngemva kwalokho saqhubeka nalezo zifundo. Kwakusheshwa ngalolo suku ngoba kwakungaze kushaye ihora lesi-8 kusihlwa lidlule simatasa!
Ngesinye isikhathi sihambele elinye iqembu, sangena indlela sonke cishe ngehora lesi-8 ekuseni saya endaweni engumakhelwane. Sasizigqokele izingubo zethu ezindala. Ngemva kokuhamba isikhathi eside sinqamula ihlathi, safika kuleyo nsimu emini. Sagqoka izingubo ezihlanzekile futhi saqala insimu ngokushesha. Kwakunemizi embalwa, abamemezeli bebaningi. Ngakho sasiyihlanganisa yonke insimu ngemizuzu engaba ngu-30. Sabe sesidlulela emzaneni olandelayo. Ngemva kokushumayela lapho, sasisalindelwe uhambo olude lokubuyela ekhaya. Lokhu kwaqale kwasithena amandla kancane. Sasichithe isikhathi esiningi namandla kodwa sasishumayele isikhathi esicishe sibe ihora elilodwa nje. Nokho, oFakazi bendawo babengakhonondi. Babelokhu benomdlandla.
Elinye iqembu elingalodwa laseTaviranambo laliseduze kwesiqongo sentaba. Lapho, sathola umkhaya woFakazi ohlala endlini eyikamelo elilodwa. Eduze kwayo kwakunesinye isakhiwo esincane esasisetshenziselwa imihlangano. Masinyane umzalwane esasifikele kwakhe wamemeza ngezwi elikhulu wathi, “Bafowethu!” Kwasabela izwi livela esiqongweni sentaba eseduze lathi “Yebo!” Waphinde wamemeza: “Usefikile umbonisi wesifunda!” Impendulo yathi, “Wo!” Cishe lo myalezo wadluliselwa nakwabanye ababehlala ezindaweni ezibuqamama. Ngokushesha abantu baqala ukubuthana, futhi lapho umhlangano uqala kwakunabantu abangaphezu kwekhulu.
IZINSELELE ZEZINTO ZOKUHAMBA
Ngo-1996 sabelwa esifundeni esiseduze kwe-Antananarivo, enkangala ephakathi. Lesi sifunda naso sasinezingqinamba zaso. Zazingatholakali njalo izinto zokuhamba zomphakathi eziya emaphandleni. Ngokwesimiso kwakufanele sihambele iqembu laseBeankàna (Besakay), eliqhele ngamakhilomitha angu-240 ukusuka e-Antananarivo. Ngemva kokuxoxisana nomshayeli weloli elithile elincane elaliya ngalapho siya ngakhona, wasigibeza. Kwakunabanye abagibeli abangaba ngu-30, abanye bengaphakathi, abanye bengemuva, abanye belele phezulu ophahleni futhi abanye bekotele ngemuva.
Njengenhlalayenza, iloli lephuka futhi sabe sesiqhubeka ngezinyawo. Ngemva kokuba sesilidavuze amahora ambalwa, kwaqhamuka iloli elikhulu. Lase livele ligcwele abantu nezimpahla kodwa noma kunjalo umshayeli wema. Sagibela sibona ukuthi sasiyoze sifike simile. Kamuva safika emfuleni othile kodwa ibhuloho lalisalungiswa. Saphinde salubhada ngonyawo saze safika endaweni ethile encane okwakuhlala kuyo amaphayona athile akhethekile. Nakuba ayengekho esimisweni sethu, sachitha isikhathi esithile sishumayela nawo sisalinde ukuba ibhuloho lilungiswe nokuba sithole enye into yokuhamba.
Into yokuhamba yaze yafika ngemva kwesonto, sabe sesiqhubeka nohambo lwethu. Umgwaqo wawugcwele izikhisi ezinkulu. Njalo kwakudingeka siyiphushe ukuze idlule emanzini afika edolweni, silokhu sikhubeka futhi siwa. Safika endaweni ethile encane enemizi, sehla. Kwakusempondo-zankomo. Sabe sesishiya umgwaqo omkhulu, sahamba ngezinyawo sidabula emaxhaphozini amasimu elayisi, ayenamanzi anodaka afika okhalweni, sesiqonde lapho siya khona.
Sasiqala ukuhambela kuleyo ndawo, ngakho sanquma ukufakaza kwabathile ababesebenza kulawo masimu elayisi futhi sibacele ukuba basiyalele imizi yoFakazi. Yeka indlela esajabula ngayo lapho sithola ukuthi, eqinisweni, lezi zisebenzi zazingabafowethu abangokomoya!
UKUKHUTHAZA ABANYE UKUBA BANGENELE INKONZO YESIKHATHI ESIGCWELE
Njengoba iminyaka ihamba, kuye kwasijabulisa kakhulu ukubona imiphumela yokukhuthaza abanye ukuba bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngesikhathi sihambele elinye ibandla elalinamaphayona avamile angu-9, sakhuthaza iphayona ngalinye ukuba lizibekele umgomo wokukhuthaza ummemezeli oyedwa ukuba abe iphayona. Lapho siphinde silihambela ngemva kwezinyanga eziyisithupha, inani lamaphayona avamile lase linyukele kwangu-22. Odade ababili abangamaphayona bakhuthaza oyise ababengabadala ukuba babe ngamaphayona avamile. La bazalwane nabo, bakhuthaza umdala wesithathu ukuba aphayone nabo. Kungakabiphi, lo mdala wesithathu watuswa waba iphayona elikhethekile. Kamuva, yena nomkakhe baqala ukujikeleza. Kwenzekani ngalaba abanye abadala? Omunye ungumbonisi wesifunda kanti omunye uyisisebenzi sokuzithandela ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso.
Simbonga nsuku zonke uJehova ngokusisiza, njengoba siqaphela ukuthi akukho esingakufeza ngamandla ethu. Yiqiniso, ngezinye izikhathi siyakhathala futhi sigule kodwa siyajabula lapho sicabanga ngemiphumela yenkonzo yethu. UJehova owenza umsebenzi wakhe uqhubekele phambili. Siyajabula ngokuba nengxenye encane kuwo njengoba manje sesikhonza njengamaphayona akhethekile. Yebo, siye sayifunda “imfihlo” ngokuncika kuJehova ‘osinika amandla.’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Siye sayifunda “imfihlo” ngokuncika kuJehova
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 4]
IMadagascar, ebizwa ngokuthi iSiqhingi Esikhulu Esibomvu, iyisiqhingi sesine ngobukhulu emhlabeni. Inhlabathi yakhona ibomvu futhi kukhona izinto eziningi eziphilayo ezitholakala lapha kuphela
[Isithombe ekhasini 5]
Sijabulela ukuhlanganyela ekuqhutshweni kwezifundo zeBhayibheli
[Izithombe ekhasini 5]
Ukusuka kwelinye ibandla siye kwelinye kwakuyinselele enkulu kakhulu