IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
KUNGANI indoda eyakhuliswa emkhayeni wamaKatolika aqotho neyayiphumelela emsebenzini wayo wezomthetho yaba ngomunye woFakazi BakaJehova? Yini eyashukumisa iphekula ukuba liyeke ubudlova libe isikhonzi sikaNkulunkulu? Funda njengoba belandisa.
“Ngathola Ukuqonda Okujulile Ngokuhle Nokubi.”—USEBASTIÃO ALVES JUNQUEIRA
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1946
IZWE AZALELWA KULO: IBRAZIL
UMLANDO: WAYEYIJAJI
UKUPHILA KWAMI: Umkhaya wakithi wawuhlala emaphandleni aqhele ngamakhilomitha angaba yisithupha ukusuka edolobheni lasePiquete. Abazali bami babenepulazi elincane elalikwazi ukusinika izidingo eziyisisekelo. Isikole engangifunda kuso sasisePiquete, ngakho ngagcina ngithenge ibhayisikili elidala elalenza kube lula ukuya edolobheni. Abantu endaweni yakithi babempofu, kodwa idolobha lalicocekile futhi lingenabo ubugebengu kangako. Amadoda amaningi edolobheni ayesebenza embonini eyenza izikhali zamasosha.
Ngangikuthanda ukufunda futhi ngakwazi ukubhalisa esikoleni esasisedolobheni elingumakhelwane esibizwa ngokuthi i-Aeronautical Military School. Ngo-1966, ngaphothula njengosayitsheni. Ngemva kwalokho ngabhalisa esikoleni sezomthetho futhi ngathola iziqu zomthetho. Kamuva, ngafaka isicelo sokuba isikhulu esiphezulu samaphoyisa. Ngo-1976, ngaphumelela ezivivinyweni zikahulumeni futhi ngase ngijutshelwa kuleso sikhundla. Ngezinye izikhathi umsebenzi wami wawuhlanganisa ukuba umqondisi wejele. Phakathi naleso sikhathi kwakuvame ukufika oFakazi BakaJehova bezocela imvume yokushumayeza iziboshwa. Nami babengixoxela izindaba ezivela eBhayibhelini. Ngangimhlonipha kakhulu uNkulunkulu. Kwangihlaba umxhwele ukufunda ukuthi uNkulunkulu unegama elithi Jehova nokuthi singaba abangane bakhe.
Ngangilokhu ngithuthuka emsebenzini wami. Ngo-1981, ngabuye ngaphumelela ezinye izivivinyo zikahulumeni okwenza ngaba ijaji lombuso. Kwathi ngo-2005, ngabekwa njengejaji lenkantolo yezikhalo yaseSão Paulo.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngemva nje kokuphothula esikoleni sezomthetho, ngaqala ukufunda iBhayibheli—okuyinto eyaletha ushintsho olukhulu endleleni yami yokucabanga. NgangiwumKatolika ogxilile. Ezinye izihlobo zami zazingabafundisi omunye engumbhishobhi, mina ngisiza umfundisi uma kuneMisa. Ngaphambi kokuba ethule intshumayelo, ngangifunda ingxenye ethile encwadini yomthandazo. Kwakuthukela uthola umkhaya wamaKatolika ufunda iBhayibheli. Umama wathukuthela wagan’ unwabu lapho ezwa ukuthi ngifunda iBhayibheli. Wazama ukungiyekisa ukulifunda ngoba ethi ngizosangana. Naphezu kwalokho, angizange ngiyeke ngoba angibonanga nkinga.
Ngicabanga ukuthi ilukuluku elangenza ngafunda iBhayibheli. Ngangifuna ukwazi okwengeziwe ngabefundisi nendima yabo esontweni. Ngafunda nangemfundiso yesonto yokulwela inkululeko, kodwa ukuchaza kwayo izinto namaphuzu ayisekelayo kwavele kwezwakala kungenangqondo kimi.
Phakathi naleso sikhathi, udokotela wami wamazinyo, owayengumBuddha, wanginika incwadi ayenikwe yona. Isihloko sayo sasithi Did Man Get Here by Evolution or by Creation?a Ngayamukela nginomuzwa wokuthi kuzothakazelisa ukuyifunda kanye nekaCharles Darwin ethi Origin of Species. Indlela okuchazwa ngayo izinto encwadini ethi Did Man Get Here by Evolution or by Creation? yezwakala ihlabahlosile, inengqondo futhi ikholisa. Kwangikhanyela bhá ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ingamanga.
Ukufunda isihloko esikhuluma ngendalo kule ncwadi kwangenza ngafuna ukwazi okwengeziwe. Ngangifuna ukuthola izincwadi ezengeziwe ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ngezwa ngandlebenye ukuthi umakhenikha esikolweni sokwakha izindiza ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngakhuluma naye wabe esenginika izincwadi ezithile ukuze ngifunde. Ngaleso sikhathi, ngasenqaba isifundo seBhayibheli oFakazi ababecela ukungiqhubela sona. Ngangicabanga ukuthi ngizokwazi ukuzifundela ngedwa.
Ngesikhathi ngiqala ukufunda iBhayibheli, ngabona kuhlakaniphile ukufunda nomndeni wami ngoba ngase ngishadile. Sasilifunda ndawonye njengomndeni masonto onke. NjengomKatolika, ukuphila komndeni wami kwakugxile kubefundisi nakubabhishobhi. Ngakho engakufunda kuJohane 14:6 kwangenza nganaka kakhudlwana: “UJesu wathi kuye [umfundi uThomase]: ‘Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.’” Ngemva kokucwaningisisa ngale ndaba, ngaphetha ngokuthi insindiso yethu ivela kuJehova ngoJesu. Sonke lesi sikhathi sasitshelwa ukuthi insindiso yethu ivela kubefundisi.
Kunamanye amavesi eBhayibheli ashintsha ukucabanga kwami mayelana nezimfundiso zeSonto LamaKatolika. Elinye lisencwadini yezAga 1:7, ethi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kolwazi. Ngukuhlakanipha nesiyalo abayiziwula nje abakwedelelile.” Elinye likuJakobe 1:5, othi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.” Ngangomele ulwazi nokuhlakanipha isonto elehluleka ukukwanelisa. Angibange ngisaya esontweni.
Ngo-1980, umkami waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi. Uma kwenzeka ngikhona ekhaya ngangihlala ngilalele befunda. Ngokuhamba kwesikhathi ngavuma ukufundelwa. Nokho, kwathatha isikhathi ngaphambi kokuba sinqume ukubhapathizwa njengoFakazi BakaJehova. Umkami ubhapathizwe ngo-1994, mina ngo-1998.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Izingane zami ziye zazuza kakhulu ngokukhuliswa ngemithetho kaJehova. (Efesu 6:4) Nginamadodana amabili azikhandlayo ekunakekeleni izidingo ezingokomoya zabanye oFakazi emabandleni akuwo. Amadodakazi ami amabili ayashiseka ekushumayeleni kwabanye. Umkami uchitha amahora amaningi inyanga ngayinye esiza abantu bafunde iBhayibheli, mina ngijabulela ukukhonza njengomdala ebandleni lakithi.
Lapho ngiba omunye woFakazi BakaJehova ngathola ukuqonda okujulile ngokuhle nokubi. Njengoba ngiyijaji, ngizama ukusebenzisa indlela kaJehova yokwenza izinto ezindabeni ezihlukahlukene engizahlulelayo—ngicabangela zonke izimo, ngiyalinganisela futhi ngibonisa ububele uma kunezimo ezidinga ngibonelele.
Ngiye ngahlulela amacala amaningi obudlova, ubugebengu, nokuhlukunyezwa kwezingane namanye amacala obugebengu obukhulu. Nakuba kunjalo, lokho akungenzi ukuba ngingabe ngisaba nozwela. Uma ngibuka izindaba, kuyanginenga ukubona ukuxega kwesimilo okwandile kuleli zwe. Ngiyambonga uJehova ngokuthi sengiyazi ukuthi yini ebangela ukwanda kobugebengu, nangethemba enginalo lezinsuku ezingcono.
“Ijele Alizange Lingisize.”—UKEITH WOODS
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1961
IZWE AZALELWA KULO: ENYAKATHO YE-IRELAND
UMLANDO: WAYEYIPHEKULA
UKUPHILA KWAMI: Ngazalwa ngo-1961, ePortadown, idolobha eliphithizelayo eliseNyakatho ye-Ireland. Ngakhuliswa njengomProthestani futhi sasakhe endaweni yomuntu othile sibaningi, omakhelwane bethu kungamaKatolika namaProthestani. Imindeni eminingi yayimpofu. Noma kunjalo sasihlala kamnandi nomakhelwane bethu futhi sizwana.
Anginalo iqholo lokukhuluma ngokuphila kwami kwangaphambili. Ngo-1974, ngahileleka ‘eZinkingeni’ ezaziseNyakatho ye-Ireland ngaleso sikhathi. Izinto zaba zimbi kakhulu emphakathini wakithi. Ngokwesibonelo, ngobunye ubusuku ubaba, owayeyimenenja e-Ulster Carpet Factory, wayesemsebenzini eqeqesha izinsizwa ezimbili ezingamaKatolika ezazingomakhelwane bethu. Phakathi naleso sikhathi othile wajikijela ibhomu efasiteleni lekamelo lokuphumula ekhaya okwakuhlala kulo laba bafana, elabulala ubaba wabo, umama wabo nomfowabo.
Izinkinga zadlondlobala futhi yagcina isibambene ngezihluthu esidlangalaleni. Imizi yamaProthestani eyayiphakathi kwamaKatolika yathungelwa ngomlilo, namaKatolika ayakhe phakathi kwamaProthestani ahlukunyezwa. Kwagcina kungamaProthestani amaningi endaweni yangakithi. Akuphelanga nsuku zingaki, angikhalela amasongo kasigonyela, ngagwetshwa iminyaka emithathu ngenxa yokubandakanyeka kwami ekuqhunyisweni kwamabhomu.
Ngesikhathi ngisejele, ngaba umngane omkhulu nowayeyisiboshwa esasingubhongoza owaziwayo emzabalazweni wezombusazwe. Wayesefana nomfowethu futhi kamuva ngaba impelesi emshadweni wakhe. Ijele alizange lingisize futhi naye alimsizanga. Lapho sidedelwa saqhubeka lapho esasigcine khona, kulokhu sase sibabi kakhulu kunakuqala. Umngane wami wazithola esephindele phakathi ejele. Ngesikhathi elapho, wabulawa.
Nami ngase ngifunwa phansi phezulu, ngelinye ilanga imoto yami yaqhunyiswa ngebhomu. Kodwa lezo zehlakalo zangenza ngakushisekela nakakhulu engangikukholelwa kwezombusazwe.
Phakathi naleso sikhathi ngasiza ekuqoshweni kohlelo lwe-TV oluphathelene ‘neZinkinga,’ olwaboniswa kuyi-TV yaseBrithani. Lolu hlelo lwangibangela obunye ubunzima. Ngokwesibonelo, ngobunye ubusuku lapho ngiphindela ekhaya ngafica umkami eseshaye utshani. Ngemva nje kwalokho, ngenxa yalo lolu hlelo, indodana yami yathathwa. Ngikhumbula ngizibuka esibukweni ngikhuluma ngedwa ngithi, “Uma ukhona Nkulunkulu, ngisize.”
NgoMgqibelo owalandela ngahlangana nendoda esasijwayelene nayo okuthiwa uPaul, eyayisingomunye woFakazi BakaJehova. Yangixoxela ngeBhayibheli. Ngemva kwezinsuku ezimbili, uPaul wangithumelela ikhophi ye-Nqabayokulinda. Kunesihloko kulowo magazini esasicaphuna amazwi kaJesu alotshwe kuJohane 18:36. Wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” Lawo mazwi angena agxila enhliziyweni yami. Ukuphila kwami kwaqala ukushintsha ngalolo suku.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: UPaul waqala ukungifundela iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda nomunye uFakazi, uBill. Ngiyazi ukuthi ngangingumfundi okungelula ukumfundisa; nganginenqwaba yemibuzo! Ngaletha nabafundisi benkolo abaningi emzini wami ukuze bazobonisa uBill ukuthi unamanga. Kodwa ngase ngiyibonile inhlansi yeqiniso yeZwi likaNkulunkulu.
Ngikhumbula ngelinye ilanga ngitshela uBill ukuba angezi sizofunda ngoba kwakunezivimba-mgwaqo ezizungeze indawo yethu futhi engase aphucwe imoto yakhe bese ishiswa. Nokho, uBill weza njengenhlalayenza ukuze sizofunda. Washiya imoto yakhe ekhaya weza ngebhayisikili. Ubani nje owayengathatha ibhayisikili! Ngolunye usuku sisemzini wami sifunda iBhayibheli noBill kwafika amaphoyisa namasosha ezongibopha. Njengoba ayehamba nami, uBill wamemeza ethi ngithembele kuJehova. Angisoze ngazikhohlwa lezo zigameko.
Kumelwe ukuba abanye bashaqeka lapho bengibona ngifika okokuqala eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Nganginezinwele ezinde ngifake icici, ngigqoke nebhantshi lami lesikhumba leqembu lami lezombusazwe. Nokho, oFakazi bangiphatha kahle kakhulu. Umusa abangibonisa wona wangihlaba umxhwele.
Nakuba ngase ngifunda iBhayibheli kodwa ngangingakabalahli abangane bami bakudala. Nokho, ekugcineni amaqiniso engangiwafunda eBhayibhelini aqala ukugxila enhliziyweni yami. Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukukhonza uJehova kumelwe ngishintshe umbono wami ngezombusazwe nangalabo engizihlanganisa nabo. Akubanga lula ukukwenza lokho. Kodwa njengoba ngangifunda okwengeziwe ngeBhayibheli futhi ngithola amandla avela kuJehova, ngakwazi ukwenza izinguquko. Ngagunda izinwele ngalahla icici ngase ngithenga isudi. Engakufunda kwaqala ukuthuthukisa indlela engibheka ngayo abanye abantu.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngangiphila ngobugebengu futhi ngiyiphekula. Amaphoyisa emphakathini ayengazi kahle. Manje izinto zase zishintshile. Ngokwesibonelo, lapho ngiqala ukuya emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova owawusedolobheni laseNavan, iziphathimandla zamaphoyisa zangiphelezela zingiqaphe ngelokhozi kuyo yonke indlela edlula e-Ireland naseNyakatho Ireland. Nokho, manje ngiyazihambela uma ngiya emihlanganweni emikhulu akusekho maphoyisa angiqaphayo. Sengihlanganyela ngokukhululekile noFakazi engikanye nabo uPaul noBill nalo lonke ibandla emsebenzini wokushumayela.
Njengoba ukuphila kwami kwakuya kuba ngcono ngaqala ukuba ingxenye yebandla. Ngahlangana noFakazi ogama lakhe linguLouise, sashada. Ngaphezu kwalokho, ngaphinde ngahlangana nendodana yami.
Uma ngibheka emuva ekuphileni kwami, ngiyazisola ngokuthi ngiye ngalimaza futhi ngazwisa abanye ubuhlungu. Kodwa ngingakufakazela ukuthi iBhayibheli liyakwazi ngempela ukwenza abantu abanjengami bashintshe izindlela zabo ezingafanele baphile ukuphila okunenjongo nethemba.
[Umbhalo waphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Umama wathukuthela wagan’ unwabu lapho ezwa ukuthi ngifunda iBhayibheli