Sondela KuNkulunkulu
UJehova Uyakuzonda Ukungabi Nabulungisa
‘UMUNTU uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Lawo mazwi alotshwa eminyakeni engu-3 000 edlule, awuchaza ngokunembile umhlaba esiphila kuwo. Abantu bajwayele ukulisebenzisa kabi igunya, kungakhathaliseki ukuthi bangobani noma bahlalaphi. Ezikhathini eziningi bahlupha abahluphekile nabangenabani. UJehova uzizwa kanjani ngokungabi nabulungisa okunjalo? Impendulo siyithola kuHezekeli 22:6, 7, 31.—Yifunde.
EMthethweni wakhe awulobela ama-Israyeli, uJehova wakwenza kwacaca ukuthi abantu abasezikhundleni kwakungafanele neze bawasebenzise kabi amandla abo. Wayeyobusisa isizwe kuphela uma abaholi bephatha abaphansi nabampofu ngomusa nangokucabangela. (Duteronomi 27:19; 28:15, 45) Nokho, osukwini lukaHezekeli, izikhulu zaseJerusalema nakwaJuda zazisebenzisa amandla azo kabi ngezindlela ezishaqisayo. Zazenzani?
Izikhulu zazisebenzisa ‘ingalo yazo ngenjongo yokuchitha igazi.’ (Ivesi 6) Igama elithi “ingalo” limelela amandla noma igunya. Ngakho enye inguqulo ithi: “Amakhosi akwa-Israyeli . . . asebenzise amandla awo ukuze achithe igazi.” Bungaba khona kanjani ubulungisa uma abaholi okufanele balondoloze futhi bakhuthaze umthetho bewasebenzisa kabi amandla abo futhi bebulala abantu abangenacala?
Ngemva kokusho lokhu, uHezekeli akabeki abaholi kuphela icala kodwa futhi nalabo ababalandelayo ekungalalelini uMthetho kaJehova. UHezekeli uthi: “Ubaba nomama baphathwe ngendelelo.” (Ivesi 7) Ngokudelela indawo efanele yabazali, abantu babehlukanisa lokho okwakha isizwe—umndeni.—Eksodusi 20:12.
Izikhohlakali zabantu zazixhaphaza abangakwazi ukuzilwela. Isenzo ngasinye sokungabi namthetho sasibonisa ukuwudelela umoya wothando okwakusekelwe kuwo uMthetho kaNkulunkulu ayewunike ama-Israyeli. Ngokwesibonelo, uMthetho kaNkulunkulu wawuqondisa ama-Israyeli ukuba abonise ukucabangela okukhethekile kubafokazi ababehlala phakathi kwawo. (Eksodusi 22:21; 23:9; Levitikusi 19:33, 34) Kodwa abantu ‘babemphamba’ umfokazi.—Ivesi 7.
Abantu babehlukumeza nalabo abangakwazi ukuzivikela—“intandane nomfelokazi.” (Ivesi 7) UJehova unozwela ngokukhethekile ngezidingo zalabo abashonelwe abazali noma abashade nabo. UNkulunkulu wathembisa ukuthi yena ngokwakhe uyokwahlulela labo abahlupha intandane noma umfelokazi.—Eksodusi 22:22-24.
Ngalezi zindlela nezinye, ama-Israyeli osuku lukaHezekeli aphula uMthetho kaNkulunkulu futhi adelela umoya wothando owawusekelwe kuwo. Yini uJehova ayezoyenza? Wathembisa: “Ngizothulula isiqalekiso sami phezu kwabo.” (Ivesi 31) Njengoba nje ayeshilo, wavumela abaseBhabhiloni ukuba babhubhise iJerusalema futhi bathumbe abantu bakhona ngo-607 B.C.E.
Amazwi kaHezekeli asifundisa lezi zifundo ezimbili ngoJehova nangokungabi nobulungisa: Okokuqala, uyakuzonda ukungabi nabulungisa; okwesibili unozwela ngezisulu zako ezingenacala. UNkulunkulu akakashintshi. (Malaki 3:6) Uthembisa ukuthi maduze uzoqeda ukungabi nabulungisa nalabo abakukhuthazayo. (IzAga 2:21, 22) Sicela ufunde okwengeziwe ngoNkulunkulu ‘ongumthandi wobulungisa’ nangokuthi ungasondela kanjani kuye.—IHubo 37:28.
Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-August:
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
UJehova wakwenza kwacaca ukuthi labo abasezikhundleni kwakungafanele neze bawasebenzise kabi amandla abo