Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 8/1 kk. 28-31
  • Amaqhawe Eqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaqhawe Eqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Hambani Ngaleyo Ndlela Futhi Niqhubeke Nilalela”
  • “Ningakuvumeli Ukungabaza Ezingqondweni Zenu”
  • Ezinye Izinkulumo Ezikhuthazayo
  • Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo
  • Usuku Lwenjabulo Nesasasa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indlela Yokuba Isithunywa Sevangeli Esiphumelelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe Zesivuno Somhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • ISikole SaseGileyadi Iminyaka Engu-60 Yokuqeqesha Izithunywa Zevangeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 8/1 kk. 28-31

Ikilasi Le-132 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi

Amaqhawe Eqiniso

NGO-MARCH 10, 2012, kwakuwusuku olukhethekile esikhungweni semfundo soFakazi BakaJehova ePatterson, eNew York. Izinkulungwane zabantu abagqoke kahle, nezivakashi ezivela kwamanye amazwe, zabuthanela ukuthweswa kweziqu kwekilasi le-132 le-Watchtower Bible School of Gilead. Iningi lalihlezi ngaphakathi ehholo ePatterson; abanye bebuthene kwezinye izindawo ukuze basibuke kuma-TV isimiso. Sebebonke, ababekhona babengu-9 042.

Sasibhekwe ngabomvu lesi sikhathi. Ngokungafani nalabo ababesemakilasini angaphambili esikole sezithunywa zevangeli, bonke abafundi ababethweswa iziqu kakade bebesohlotsheni oluthile lwenkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele—sebekhonze njengezikhonzi zaseBethel, ababonisi abajikelezayo noma izithunywa zevangeli—nakuba babengakaze baye esikoleni saseGileyadi. Babezonikwa ziphi izeluleko laba bafundi abangomakadebona?

Izilaleli zasheshe zayithola impendulo. UGerrit Lösch, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wayengusihlalo wesimiso futhi wanikeza inkulumo yokuvula. Wabuza umbuzo oshukumisayo, “Ingabe Uyiqhawe?” Wachaza ukuthi amaKristu angamaqhawe eqiniso, avikela zonke izimfundiso zobuKristu. Ukusekela iqiniso akusho nje ukufundisa abantu iqiniso kodwa kusho nokubasiza balithande.

UMfoweth’uLösch wabuza: “Sazi kanjani ukuthi sineqiniso?” Wabe esephawula ukuthi ubufakazi abubonakali ngenani labantu abamukela iqiniso. Nakuba kunezigidi ezamukela ukukhulekela okuhlanzekile namuhla, ngePentekoste lika- 33 C.E. babembalwa kakhulu. Wabala izindlela ezinhlanu ezisenza sibone ukuthi sineqiniso: (1) Sinamathela ezimfundisweni zikaJesu, (2) siyathandana, (3) sisekela imithetho kaNkulunkulu ephakeme yokuziphatha, (4) asithathi-hlangothi ezingxabanweni zaleli zwe, futhi (5) sibizwa ngegama likaNkulunkulu.

“Hambani Ngaleyo Ndlela Futhi Niqhubeke Nilalela”

Izilaleli zazimagange zifuna ukwazi ukuthi kuzolandelani njengoba uGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo engena epulatifomu ehamba kancane ephethe ipotimende! Isihloko senkulumo yakhe sasithi “Hambani Ngaleyo Ndlela Futhi Niqhubeke Nilalela,” sisekelwe ku-Isaya 50:5. Uma liprofetha ngoJesu leli vesi lithi: “Mina, angizange ngibe odlubulundayo. Angizange ngiphendukele kolunye uhlangothi.”

UMfoweth’ uJackson wanxusa abafundi ukuba basheshe ukulalela isiqondiso uJehova asinikeza ngomoya wakhe ongcwele, ngeBhayibheli nangenhlangano yakhe. Emfanekisweni wamathalenta olotshwe kuMathewu 25:14-30, kungashiwo ukuthi izinceku zanikwa okulinganayo ngoba ngayinye yathola okulingana nekhono layo. Kwakulindeleke ukuba zenze okusemandleni azo. Izinceku ezimbili zanconywa futhi zabizwa ngokuthi ‘zinhle futhi zithembekile.’ Ukwethembeka akuxhomekile emiphumeleni kuphela kodwa kusho ukwenza nokulalela isiqondiso.

Eyesithathu yabizwa ngokuthi inceku “embi nevilaphayo” nangokuthi ‘engelusizo lwalutho.’ Yayiyini inkinga yale nceku? Yagqiba ithalenta layo. Ithalenta kwakungelona uhlamvu, kodwa kwakuyisilinganiso esilingana nodenariyu abangu-6 000 abangaba isisindo esingamakhilogremu angu-20. Lesi kucishe kube isisindo umuntu avunyelwe ukusithwala ngepotimende uma ezogibela indiza aye kwamanye amazwe. Kwakuwumsebenzi omkhulu ukugqiba into engangalelo potimende. Ngakho kukhona okuthile le nceku eyakwenza—yagqiba ithalenta—kodwa yayingatshelwanga ukuba yenze kanjalo. Ngendlela efanayo, isithunywa sevangeli singase sibe matasa—ngani? Ngokubhalela abangane nezihlobo izincwadi, ngokuphuma singena ezingosini ze-Internet, ngokuzijabulisa noma ngokuhileleka kwezamabhizinisi? Lingase lishone ekhathele eyingcuba lowo muntu ngemva kokwenza lezo zinto, kodwa ebe engazange enze lokho ayalwe ukuba akwenze. UMfoweth’ uJackson waphetha ngokuthi: “Lalelani isiqondiso ngaso sonke isikhathi!”

“Ningakuvumeli Ukungabaza Ezingqondweni Zenu”

Lesi kwakuyisihloko senkulumo eyanikezwa u-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo. Wathi: “IBhayibheli alilokothi lihlobanise ukholo nokungabaza. Ukholo lunqoba ukungabaza.” USathane wakwazi ukutshala ukungabaza engqondweni yowesifazane ophelele, u-Eva, ngakho angakwazi ukukutshala nasezingqondweni zethu. UMfoweth’ uMorris wathi: “Yondla ukholo lwakho, ukungabaza kuyolamba kuze kufe.” Wabe esekhuluma ngendaba kaPetru ‘owahamba phezu kwamanzi’ kodwa wabe ‘esebheka isivunguvungu,’ wesaba wayeseqala ukucwila. Ngemva kokumbamba, uJesu wambuza: “Kungani uhlulwé ukungabaza?” (Mathewu 14:29-31) “Njengoba nina zithunywa zevangeli nizoba matasa enkonzweni yesikhathi esigcwele, abanye bazohlatshwa umxhwele yikho konke enikwenzayo, kodwa lapho kuhlasela izivunguvungu ningalokothi ningabaze.”

UMfoweth uMorris waqhubeka wathi nakuba izikhathi ezifana nezivunguvungu zingase zibe nzima, ekugcineni ziyodamba. Lapho ekhuluma ngezikhathi ezinzima, wanxusa abafundi ukuba bacabange ngalokho uPawulu noSila abakwenza ngesikhathi beboshwe eFilipi. IzEnzo 16:25 ziyalandisa: “Cishe phakathi kobusuku uPawulu noSila babethandaza futhi bedumisa uNkulunkulu ngengoma; yebo, iziboshwa zazibezwa.” Phawula lokhu: Abagcinanga nje ngokuthandaza, kodwa bahlabelela. Amaphimbo abo ayephakeme ngokwanele ukuthi azwiwe ezinye iziboshwa. UMfoweth’ uMorris waphawula ukuthi iningi lethu aliwona amagagu okuhlabelela kodwa akufanele siyeke ukuhlabelela, ikakhulukazi lapho izimo zinzima. Waphetha ngokufunda amazwi eNgoma 135 enesihloko esithi “Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni,” kwethi Hubelani UJehova.

Ezinye Izinkulumo Ezikhuthazayo

Isihloko senkulumo eyanikezwa uRobert Luccioni, woMnyango Wokuthenga sasithi: “Ingabe Uyothanda Izinsuku Ezanele?” Lesi sihloko sasisekelwe emazwini eNkosi uDavide alotshwe encwadini yeHubo 34:12. Enkulumweni yakhe, uMfoweth uLuccioni wakhuluma ngendlela yokusingatha izimo ezinzima ngesikhathi esifanayo silondoloza ubuhlobo obuhle noJehova. Kuningi okungafundwa ekulandiseni okukweyo-1 Samuweli isahluko 30. Ngesikhathi uDavide, namadoda ayekanye naye, nemindeni yawo bebalekela iNkosi uSawule, bahlala ekudingisweni eZikilagi. Kwathi lapho imindeni yawo ithunjwa iviyo lama-Amaleki, la madoda asola uDavide futhi afuna ukumkhanda ngamatshe. Wenzenjani uDavide? Akazange anqotshwe ukudumazeka kodwa “waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.” (1 Samuweli 30:6) Wacela isiqondiso kuJehova, wenza ngokuvumelana naleso siqondiso futhi wakwazi ukuhlenga izithunjwa. Isikhulumi saqinisekisa abafundi ukuthi uma bebonisa ukumethemba okunjalo uJehova futhi balalele isiqondiso sakhe, bayoba nezinsuku ezanele zokubona okuhle. Bayoba nokuphila okujabulisayo kuleli lungelo eliyigugu abaliphathisiwe.

Inkulumo enesihloko esithi: “Gcinani Amehlo Enu Engaphambi Kwemilindo Yasebusuku” yabekwa uMichael Burnett, omunye wabafundisi eSikoleni saseGileyadi. Ama-Israyeli ayehlukanisa ubusuku ngezigaba ezintathu ezingamahora amane sisinye, kusukela ekushoneni kwelanga kuze kube sekuseni. Isigaba sokugcina, esiqala ngo-2:00  kuya ku-6:00 ekuseni, yisona esasimnyama nesasimakhaza kunazo zonke futhi kuyisikhathi okunzima ngempela ukuhlala ulindile ngaso. Umhubi wagcwalisa ingqondo yakhe ngamazwi kaJehova ukuze kuthi ngomlindo wokugcina wobusuku, angozeli. (IHubo 119:148) UMfoweth’ uBurnett watshela abafundi: “Kuzodingeka niphaphame. Ziyoba khona izikhathi ezimnyama zokudumazeka futhi niyowezwa amakhaza aleli zwe elingenaluthando. Kudingeka niwahlomele.” Wabe esebakhumbuza ukuthi kufanele baqhubeke nokutadisha izinto ezijulile ukuze bazigcine beqaphile ngokomoya. Walifanekisa kanje iphuzu lakhe: “Nsuku zonke niyathandaza kuJehova ngoba nifuna abe umngane wenu. Ngakho vumelani uJehova, njengomngane wenu ukuba naye akhulume nani nsuku zonke ngamakhasi eBhayibheli. Akusensuku zatshwala lesi simiso siphele, ngakho hlelani ukuthi nizosisebenzisa kanjani isikhathi esisele, ngokwenza kanjalo niyokwazi ukugcina amehlo enu esemvuzweni ojabulisayo.”

Isihloko esithi: “Ukuqeqeshelwa Umsebenzi Osengaphambili,” esasisekelwe kweyo-1 Petru 5:10, sakhethwa uMark Noumair, omunye wabafundisi baseGileyadi. Wabuza abafundi lo mbuzo: “Njengoba niyizikhonzi ezingomakadebona, kungani nimenyelwe eSikhungweni Sokufunda Se-Watchtower?” Impendulo: “Ngenxa yokuthi ninekhono emsebenzini wenu. Abantu abaningi abanamakhono emisebenzini yabo baye bahambe bayololwa amakhono abo emakilasini athile. Phakathi nalezi zinyanga ezinhlanu ezedlule, uJehova ubelokhu ‘eniqinisa’ futhi enenza nibe ‘namandla’ ngokutadisha ngokujulile iZwi lakhe nokuhlolisisa inhlangano yakhe ukuze nikwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo esindayo eningase ninikwe yona. Izigxobo eziqinile azigobi, zisonteke noma zihlephuke uma zithwele okusindayo. Ukuthi niqeqesheke kanjani kuyobonakala lapho nisebenza nabafowenu nodadewenu. Ingabe ukucindezelwa kuyonenza nichezuke ezimisweni zikaNkulunkulu noma niyoqina ninamathele kulokho enikufunde eZwini likaNkulunkulu? Into eqinile ingakwazi ukuthwala umthwalo. Ukuqina kwezingodo kuxhomeke endleleni imicu yesiqu esondelene ngayo. Amandla enu anqunywa yilokho eniyikho ngaphakathi. UJehova unilethe lapha ukuze aniqinise, anenze nibe nokwethenjelwa ngenxa yomsebenzi osanihlalele. UJehova useyifezile ingxenye yakhe, ngakho sithandazela ukuba nani nifeze eyenu futhi nivumele uMfundisi Omkhulu ukuba aqedele ukuqeqeshwa kwenu.”

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo

Lapho kuthweswa iziqu zaseGileyadi, kuhlale kuqabula ukuzizwela kubafundi belandisa, nakulokhu kwaba njalo. Kwenye ingxenye yesimiso, abafundi balingisa lokho okwenzeke ngesikhathi beshumayela. Ngokwesibonelo, abashadikazi abangamaFulentshi balinda amahora angu-6 esikhumulweni sezindiza lapho beya eGileyadi. Lapho besendaweni yokudla esikhumulweni sezindiza, baqala ingxoxo namadoda amabili nawo ayelinde indiza. Lapho enye indoda ithi isuka eMalawi, baqala ukukhuluma nayo ngesiChewa. Imangele, yababuza ukuthi balwazi kanjani ulimi lwayo. Bayichazela ukuthi bayizithunywa zevangeli eMalawi. Lapho enye indoda ithi yona ingeyaseCameroon, yathuka lapho beshintsha bekhuluma isiFulentshi. Womabili la madoda ayebahlonipha oFakazi BakaJehova, futhi lezi zithunywa zevangeli zashumayela kuwo.

UNicholas Ahladis, woMnyango Wezinkonzo Zokuhumusha, waxoxa nabashadikazi abane. Abanye babesuke e-Australia beyokhonza njengezithunywa zevangeli e-East Timor eyayihlukunyezwe izimpi. Abanye bashiya iKorea ukuze bayokhonza eHong Kong. Bobane laba bashadikazi babekulangazelela ukubuyela ezabelweni zabo ukuze bayosebenzisa abakufunde esikoleni.

Ngemva kokuba bonke sebenikezwe ama-diploma abo, umfundi omelele ikilasi wafunda incwadi yokubonga imfundo abayitholile. Ngemva kwalokho, lapho esephetha uMfoweth’ uLösch wakhuluma nabo ngezifenqo ezithile ezimnandi. Phakathi kwazo kunesithi: Iqiniso linjengothingo oluhle, njengesiphethu samanzi ogwadule, futhi linjengehange lomkhumbi olwandle olugubhayo. Wathi: “Yeka ukuthi kuyisibusiso esingakanani ukwazi iqiniso. Yibani amaqhawe eqiniso futhi nisize nabanye ukuba nabo babe ngamaqhawe.”

[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 31]

IMINININGWANE YEKILASI

12 amazwe amelelwe

36 isilinganiso seminyaka yobudala

20 isilinganiso seminyaka bebhapathiziwe

15 isilinganiso seminyaka bese-nkonzweni yesikhathi esigcwele

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ikilasi labelwa emazweni aboniswe ngezansi:

AMAZWE ABABELWA KUWO

EBELIZE

EBENIN

ECAMBODIA

ECAMEROON

ECAPE VERDE

ECÔTE D’IVOIRE

EDOMINICAN REPUBLIC

E-EAST TIMOR

E-ECUADOR

EGABON

EGEORGIA

EGUINEA

EHONG KONG

ELIBERIA

EMADAGASCAR

EMALAWI

EPERU

ESAMOA

ESÃO TOMÉ AND PRÍNCIPE

E-UNITED STATES OF AMERICA

EZIMBABWE

[Isithombe ekhasini 31]

Ikilasi le-132 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Iap; Iap, J.; Ng, T.; Ng, P.; Laurino, F.; Laurino, B.; Won, S.; Won, S.

(2) Morales, N.; Morales, M.; Zanutto, J.; Zanutto, M.; Rumph, I.; Rumph, J.; Germain, D.; Germain, N.

(3) Atchadé, Y.; Atchadé, Y.; Thomas, C.; Thomas, E.; Estigène, C.; Estigène, P.

(4) Ehrman, D.; Ehrman, A.; Bray, J.; Bray, A.; Amorim, M.; Amorim, D.; Seo, Y.; Seo, Y.

(5) Simon, J.; Simon, C.; Seale, C.; Seale, D.; Erickson, J.; Erickson, R.

(6) McCluskey, D.; McCluskey, T.; Brown, A.; Brown, V.; Mariano, D.; Mariano, C.; Loyola, Y.; Loyola, C.

(7) Rutgers, P.; Rutgers, N.; Foucault, P.; Foucault, C.; Wunjah, J.; Wunjah, E. 

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela