Ingabe Bewazi?
Ayevelaphi amatshe ayigugu ayesesiqeshini sesifuba sompristi ophakeme?
▪ Ngemva kokuba ama-Israyeli ephumile eGibhithe futhi esesehlane, uNkulunkulu wawanika imiyalo yokuba enze lesi siqephu sesifuba. (Eksodusi 28:15-21) Sasinamatshe erubi, itopazi, isimaragidu, itherkhoyisi, isafire, ijaspi, ileshemu, i-agathe, i-amethiste, ikrisolithe, i-onikisi nejayidi.a Ingabe ama-Israyeli ayenazo ngempela lezi zinhlobo zamatshe ayigugu?
Ezikhathini zeBhayibheli, abantu babewabheka njengasezingeni eliphezulu la matshe futhi behweba ngawo. Ngokwesibonelo, abantu baseGibhithe lasendulo babewathola ezindaweni ezikude njengase-Iran yanamuhla, e-Afghanistan kungenzeka naseNdiya. Izimayini zaseGibhithe zazikhiqiza izinhlobo eziningi zala matshe ayigugu. Amakhosi aseGibhithe yiwo kuphela ayenegunya lokumba okusansimbi ezindaweni ayezibusa. Inzalamizi uJobe yachaza indlela abantu eyayiphila nabo ababesebenza ngayo emigodini befuna la magugu. Phakathi kwezinto ezazimbiwa, uJobe ubalula isafire netopazi.—Jobe 28:1-11, 19.
Incwadi ka-Eksodusi ithi ama-Israyeli ‘aphundla abaseGibhithe’ amagugu abo lapho esehamba. (Eksodusi 12:35, 36) Ngakho kungenzeka ukuthi ama-Israyeli awathola eGibhithe amatshe asetshenziswa lapho kwenziwa isiqephu sesifuba sompristi ophakeme.
Kungani iwayini lalisetshenziswa njengomuthi wokwelapha ezikhathini zeBhayibheli?
▪ Kweminye yemifanekiso yakhe, uJesu wakhuluma ngendoda eyayishaywe abaphangi. UJesu wathi le ndoda yasizwa umSamariya othile owabopha amanxeba ayo, wayigcoba “ngamafutha nangewayini kuwona.” (Luka 10:30-34) Lapho ebhalela umngane wakhe uThimothewu, umphostoli uPawulu wameluleka: “Ungabe usawaphuza amanzi, kodwa sebenzisa iwayini elincane ngenxa yesisu sakho nokugula kwakho kaningi.” (1 Thimothewu 5:23) Ingabe inqubo uJesu ayichaza kanye neseluleko sikaPawulu kunengqondo kwezokwelapha?
Incwadi ethi Ancient Wine ichaza iwayini ngokuthi “isidambisa-zinhlungu, isibulala-magciwane nangokuthi uzifo zonke.” Endulo, iwayini lalineqhaza elibalulekile kwezokwelapha eGibhithe, eMesophothamiya naseSiriya. Incwadi ethi Oxford Companion to Wine ilichaza “njengomuthi wabantu omdala.” Mayelana neseluleko sikaPawulu kuThimothewu, incwadi ethi Origins and Ancient History of Wine ithi: “Ucwaningo luveze ukuthi amagciwane esifo sokuqubuka kwezilonda emathunjini namanye amagciwane ayingozi afa ngokushesha lapho exutshwe newayini.” Ucwaningo lwamuva luqinisekisa ukuthi ezinye zezakhi ezingaphezu kuka-500 ezitholakala ewayinini zinazo lezi zinzuzo ekwelapheni kanye nezinye eziningana.
[Umbhalo waphansi]
a Akulula ukuwazi wonke la matshe ngamagama esimanje.
[Isithombe ekhasini 26]
Abalimi banyathela amagilebhisi, ethuneni likaNakht, eThebes, eGibhithe
[Umthombo]
Gianni Dagli Orti/The Art Archive at Art Resource, NY