Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 6/15 kk. 8-11
  • Singawasiza Kanjani Amakholwa Esikanye Nawo Ahlukanisile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singawasiza Kanjani Amakholwa Esikanye Nawo Ahlukanisile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUFIKELWA IMIZWELO ENAMANDLA EHLUKAHLUKENE
  • UMSHIKASHIKA WOKUBUYE UKWAZI UKULINGANISELA
  • LAPHO UFIKELWA UMUZWA WESIZUNGU NOKUZIZWA ULAHLIWE
  • Ukuqhubeka Nokuphila Ngemva Kwedivosi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Idivosi Izithinta Kanjani Izingane?
    Usizo Lomndeni
  • Isehlukaniso—Isivuno Saso Esibuhlungu
    I-Phaphama!—1992
  • Izinto Ezine Okufanele Uzazi Ngesehlukaniso
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 6/15 kk. 8-11

Singawasiza Kanjani Amakholwa Esikanye Nawo Ahlukanisile?

Owesifazane ududuza udade ongumKristu ohlukanisile

Cishe ukhona umuntu omaziyo ohlukanisile​—mhlawumbe futhi bangaphezu koyedwa. Lokhu kungenxa yokuthi izehlukaniso zivame kakhulu. Ngokwesibonelo, ucwaningo olwenziwa ePoland lwabonisa ukuthi abantu abaneminyaka engu-30 ubudala asebeneminyaka emithathu kuya kweyisithupha beshadile, cishe bazohlukana; futhi akubona abantu abanaleyo minyaka yobudala kuphela abahlukanisayo.

Eqinisweni, “izibalo zibonisa ukuthi [eYurophu] ingxenye yalabo abashadayo izohlukanisa,” kubika i-Institute for Family Policy yaseSpain. Isimo siyefana nakwamanye amazwe athuthukile.

UKUFIKELWA IMIZWELO ENAMANDLA EHLUKAHLUKENE

Yini ehilelekile kulesi sehlukaniso esesande kangaka? Omunye umeluleki wezemishado osemnkantsh’ ubomvu waseMpumalanga Yurophu waphawula: “Isehlukaniso simane nje siwukukwenza kube ngokomthetho lokho okusuke sekwenzekile kakade​—ukuphela kobuhlobo okulandelwa ukwehlukana, into ebuhlungu kakhulu.” Wanezela ngokuthi kuvame ukulandelwa “igagasi lemizwelo enamandla​—intukuthelo, ukuzisola, ukudumala, amahloni nokuphelelwa yithemba.” Ngezinye izikhathi lokhu kwenza umuntu acabange ukuzibulala. “Ngemva kokuhlukanisa ngokuphelele enkantolo, kube sekuqala isiwombe esilandelayo. Egajwe imizwa yokuzizwa engelutho futhi eyedwa, umuntu ohlukanisile angase azibuze: ‘Njengoba sengihlukanisile, ngiyini nje ngempela? Ngisaphilelani?’ ”

Ekhumbula indlela ayezizwa ngayo eminyakeni embalwa edlule, u-Ewa uthi: “Ngemva kokuhlukanisa, ngangiba namahloni lapho omakhelwane nozakwethu emsebenzini bengichaza ngokuthi ‘odivosile.’ Ngangigcwele intukuthelo. Njengoba ngangishiywe nezingane ezimbili, kwadingeka ngibe umama ngibuye ngibe ubaba kuzo.”a U-Adam, owakhonza njengomdala ohlonishwayo iminyaka engu-12, uyaphawula: “Ngiye ngalahlekelwa ukuzihlonipha kakhulu kangangokuthi ngezinye izikhathi ngigcwala intukuthelo futhi ngiyalingeka ukuba ngizahlukanise nawo wonke umuntu.”

UMSHIKASHIKA WOKUBUYE UKWAZI UKULINGANISELA

Ngenxa yokukhathazeka kakhulu ngekusasa labo, abanye baye bakuthola kunzima ukubuye bakwazi ukulinganisela​—ngisho nangemva kweminyaka behlukanisile. Bangase baphethe ngokuthi abanye abanandaba nabo. Ngaphezu kwalokho, omunye umlobeli wephephandaba obhala ngezehlukaniso uthi ngemva kokwehlukanisa umuntu kudingeka ‘ashintshe imikhuba yakhe futhi afunde ukubhekana nezinkinga eyedwa.’

UStanisław uyakhumbula: “Ngemva kokuhlukanisa, lowo owayeyinkosikazi yami wangivimbela ukuba ngivakashele amantombazanyana ami amabili. Lokho kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi akusekho muntu onendaba nami nokuthi kumelwe ukuba ngisho noJehova usengilahlile. Angibange ngisakufuna ukuphila. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqaphela ukuthi nganginephutha kangakanani.” UWanda ohlukanisile naye wahlushwa umuzwa wokungaqiniseki ngekusasa. Uthi: “Ngangizitshela ukuthi ngemva kwesikhashana, abantu​—kuhlanganise nengikholwa nabo​—ngeke besaba nandaba nami nezingane zami. Noma kunjalo, manje ngiyabona ukuthi abazalwane basisekela kanjani futhi bangisiza njengoba ngangizama ukukhulisa abantwana bami ukuba babe abakhulekeli bakaJehova.”

Ungabona ekuphawuleni okunjalo ukuthi ngemva kwesehlukaniso abanye bagajwa imizwa engakhi. Bangase bazibone bengaselutho, bacabange ukuthi abalusizo lwalutho futhi abakufanelekele ukunakwa. Leyo mizwa ingabenza futhi bagxeke labo abasondelene nabo. Ngenxa yalokho, bangase baqale ukucabanga ukuthi ibandla alinaluthando futhi alinaluzwela. Nokho, okuhlangenwe nakho okunjengokukaStanisław noWanda kubonisa ukuthi abantu abahlukanisile bangagcina bebonile ukuthi abafowabo nodadewabo bayabakhathalela ngempela. Eqinisweni, amaKristu abakanye nawo aye abanakekela ngendlela ekhethekile, ngisho noma ekuqaleni babengaluqapheli usizo lwawo.

LAPHO UFIKELWA UMUZWA WESIZUNGU NOKUZIZWA ULAHLIWE

Hlale ukhumbula ukuthi naphezu kwemizamo yethu emihle kakhulu, amakholwa esikanye nawo ahlukanisile angase ahlaselwe isizungu ngezinye izikhathi. Ikakhulu odade abahlukanisile bangase babe nomuzwa wokuthi bambalwa abanendaba nabo. U-Alicja uyavuma: “Sekudlule iminyaka engu-8 ngahlukanisa. Nokho, ngezinye izikhathi ngisazizwa ngingelutho. Ezikhathini ezinjalo, ngithambekela ekuzahlukaniseni bese ngisidinda isililo futhi ngibe nemizwa yokuzidabukela.”

Nakuba imizwelo echazwe lapha ivamile kumuntu ohlukanisile, iBhayibheli liseluleka ukuba singazihlukanisi. Ukwenza ngokuphambene nalesi seluleko kungasenza senqabe “konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Nokho, lowo ozizwa enesizungu kufanele aqonde ukuthi uyobe ebonisa ukuhlakanipha okusebenzayo uma egwema ukulokhu efuna iseluleko noma induduzo kothile wobulili obuhlukile. Uma ekugwema lokhu, ngeke kwakheke imizwa yothando engafanele.

Esikholwa nabo abahlukanisile bangase bahlaselwe imizwelo eyinselele, ehlanganisa nokukhathazeka ngekusasa, isizungu ngisho nokuzizwa belahliwe. Siqaphela ukuthi imizwa enjalo ivamile futhi ngesikhathi esifanayo kunzima ukuyinqoba, kufanele silingise uJehova ngokubasekela ngobuqotho abazalwane nodade abanjalo. (IHu. 55:22; 1 Pet. 5:​6, 7) Singaqiniseka ukuthi bayolwazisa kakhulu noma iluphi usizo esibanika lona. Ngempela, bayothola usizo kubangane beqiniso ebandleni!​—IzAga 17:17; 18:24.

a Amanye amagama ashintshiwe.

Umbono Olinganiselayo Ngesehlukaniso

Izinceku zikaJehova ziwuhlonipha kakhulu umshado. Lokhu kungenxa yokuthi sisekela ukucabanga kwethu kulokho imiBhalo ekushoyo. Ngokwesibonelo, kuMalaki 2:​16, sifunda la mazwi kaNkulunkulu acacile: “[Ngiyakuzonda] ukuhlukanisa umshado.” Ukuphela kwesizathu esingokomBhalo sokwahlukanisa siwukuziphatha kabi ngokobulili komuntu oshade naye. Ngakho, kungaba iphutha elikhulu ukucabanga ngokufaka isehlukaniso esingavunyelwe ngokomBhalo, mhlawumbe sibe sihlela ukushada nomunye umuntu.​—Gen. 2:​22-24; Dut. 5:21; Math. 19:​4-6, 9.

Nokho, lapho kuba nesehlukaniso, njengalapho umuntu umKristu ashade naye eye wangathembeka, abazalwane nodade ebandleni bayamsekela. Balingisa uJehova ngokwenza konke abangakwenza ukuze basize abalungileyo ‘abanomoya ochobozekile’ okwesikhashana.​—IHu. 34:​15, 18; Isaya 41:10.

UNGASIZA KANJANI?

Ungakwazi yini ukuba umthombo wosizo oludingeka kakhulu? Yini ongayenza ukuze usize othile ozizwa ngendlela echazwe ngaphambili kulesi sihloko? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo, bese uphawula indlela amaKristu aqotho aye anikeza ngayo usizo olungokoqobo.

Yiba isilaleli esinokuqonda. (IzAga 16:​20, 23)

Kuyaqondakala ukuthi umuntu osanda kuhlukanisa angase angathandi ukuxoxa ngemininingwane eholele esehlukanisweni. Iqiniso liwukuthi ukuyiveza obala komuntu intukuthelo yakhe, kungamlimaza futhi empeleni kungase kungakunciphisi ukukhathazeka kwakhe. (IzAga 12:25; Roma 12:15) UMichał owasekela u-Adam okukhulunywe ngaye ngenhla, uyavuma ukuthi ungaba isilaleli esinozwela nesiqondayo yize ungayazi yonke imininingwane. Uthi: “Ngiye ngazama ukusiza u-Adam ukuba abone ukuthi lapho ebuthaka ngenxa yokugajwa usizi, kungenzeka ukuba enganakile angitshele okuthile angase azisole ngakho kamuva.” Ngakho uMichał wakwenza kwacaca ukuthi wayengalindele ukuba atshelwe yonke imininingwane. Noma kunjalo, walalela njengomngane weqiniso. Kuningi okuhle esingakufeza ngaphambi nangemva kwemihlangano yobuKristu ngokusho nje amazwi alula anjengokuthi: “Kuhamba kanjani? Ngiyacabanga ukuthi isikhathi esinzima lesi kuwena. Ngizimisele ukukusiza.”

Bonisa ukukhathalela. (Fil. 2:4)

UMirosław uyakhumbula: “Mina nomkami sibekele eceleni isikhathi sokusiza udade odivosile. Ngokwesibonelo, siye samlungisela ukhiye wesicabha, samyisa nakudokotela.” Lezi zinto zingabonakala zincane; kodwa zazidingeka futhi zaba usizo. Udade owasizwa yilo mbhangqwana kancane kancane wasimama. Ngaphezu kwalokho, kamuva waqala ukuphayona, futhi indodakazi yakhe eneminyaka engu-11 yabhapathizwa.

Umbhangqwana unaka udade ongumKristu ohlukanisile

Mqinisekise umuntu ohlukanisile ukuthi uJehova uyasiqonda isimo.

Uma othile ezenyeza, ungamqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu wazisa inceku yakhe ngayinye. Ngokuqinisekile ‘sibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi’; sikhethekile futhi siyigugu emehlweni akhe. (Math. 10:​29-31) “UJehova ungumhloli wezinhliziyo” futhi ngenxa yalokho uyabaqonda labo abahlukanisile. Ngeke ashiye neyodwa yezinceku zakhe ezithembekile. (IzAga 17:3; IHu. 145:18; Heb. 13:5) Ngakho, njengoba ubonisa ukuthi uyamkhathalela, mqinisekise lo muntu ukuthi uJehova uyalwazisa uthando lwakhe ngeqiniso nemizamo yakhe yokusekela ukukhulekela kweqiniso.​—Fil. 2:29.

Mkhuthaze umuntu ohlukanisile ukuba ahlale eseduze nebandla.

Lapho behlaselwe imizwa enamandla ehlukahlukene, abanye bakuthola kunzima ukuya emihlanganweni yebandla. Kodwa le mibuthano iyona esiqinisayo nesikhuthazayo​—ilungiselelwe “ngenjongo yokwakha.” (1 Kor. 14:26; IHu. 122:1) Kule ndaba, kubaluleke kakhulu ukuba abadala bathathe isinyathelo kuqala. UWanda okukhulunywe ngaye ngaphambili, uyakhumbula, “Asikakukhohlwa namanje ukukhathalela kwabo kothando.”

Mkhuthaze umuntu ohlukanisile ukuba aqinise ubuhlobo bakhe noNkulunkulu ngomthandazo, isifundo somuntu siqu nangokuzindla. (Jak. 4:8)

Nakuba uJehova enguMninimandla onke futhi ehlala ezulwini, uyamnaka ‘ohluphekile nodabukile emoyeni nothuthumelayo ngezwi laKhe.’ Mqinisekise lo muntu ohlukanisile ngalokho, futhi ugcizelele indlela thina ngabanye okusisiza ngayo ukusondelana noNkulunkulu ngomthandazo nangesifundo somuntu siqu.​—Isaya 66:2.

Cela ukusebenza naye enkonzweni yasensimini noma ukulungiselela naye umhlangano othile webandla.

Abazalwane ababili basebenza ndawonye enkonzweni yasensimini

Lokhu kuzomsiza umKristu ohlukanisile ukuba azethembe kakhudlwana njengoba eqhubekela phambili nempilo. UMarta oye wasekela udade othile oshisekayo owayezizwa echobozekile ngemva kokuhlukanisa, uthi: “Sisebenza insimu ndawonye njalo. Sithola injabulo lapho sibona ukuthi siyifinyelele imigomo esizibekele yona. Ngezinye izikhathi silungiselela ndawonye umhlangano othile, bese mhlawumbe kamuva silungise ukudla okumnandi.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela