Abazosinda ezinsukwini zokugcina bazophila emhlabeni oyipharadesi
Lithini Ibhayibheli?
Ingabe siphila “ezinsukwini zokugcina”?
Ubungathini?
Yebo
Cha
Mhlawumbe
Okushiwo iBhayibheli
“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Iziprofetho zeBhayibheli kanye nezenzakalo zamanje zibonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.”
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Izinsuku zokugcina ziyobonakala ngezimpi, indlala, ukuzamazama komhlaba nobhadane lwezifo eziwumshayabhuqe.—Mathewu 24:3, 7; Luka 21:11.
Phakathi nezinsuku zokugcina, isintu sizobhekana nenkinga yokuziphatha okubi kanye nokungamhloniphi uNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:2-5.
Lisiphatheleni ikusasa?
Abanye bakholelwa ukuthi . . izinsuku zokugcina zizophela ngokuthi kubhubhe umhlaba nawo wonke umuntu ohlala kuwo, kuyilapho abanye benethemba lokuthi izimo zisazoba ngcono. Wena ucabangani?
Okushiwo iBhayibheli
“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, Futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Izinsuku zokugcina ziyophela ngokuthi kuqedwe bonke ububi.—1 Johane 2:17.
Umhlaba uzoshintshwa ube yipharadesi. —Isaya 35:1, 6.