Ingabe Unengelosi Ekunakekelayo?
INGABE ukholelwa ukuthi unengelosi ekunakekelayo? Abantu abaningi bacabanga ukuthi banayo. Ngokuphathelene nalokhu, owesifazane othile entshonalanga yeCanada kuthiwa unesipho esikhethekile esihilela izingelosi. Uma umtshela igama lakho eliphelele umnike no-$200 (R830), uthi uzokuxhumanisa nengelosi yakho ekunakekelayo. Uqale azindle ngokugqolozela ilangabi lekhandlela. Ngemva kwalokho, uba nombono ingelosi yakho emnika kuwo umyalezo okumelwe akutshele wona. Ngaphezu kwalokho, lona wesifazane ukunika nomdwebo wendlela ingelosi yakho ebukeka ngayo.
Kwabanye, lokhu kungase kubonakale kufana nendaba yenkosi yaseFrance uLouis IX. Kuthiwa yathenga izimpaphe ezibiza kakhulu okuthiwa zawa emaphikweni eNgelosi Enkulu uMikayeli. Nakuba abantu abaningi beyingabaza leyo ndaba, abakungabazi nakancane lokho okushiwo owesifazane waseCanada.
Ukukhangwa Izingelosi
Eminyakeni yamuva nje kuye kwaba nesithakazelo esikhulu ezingelosini. Kumathelevishini, kumabhayisikobho, ezincwadini, komagazini nasemaphephabhukwini, sitshelwa ngezingelosi eziduduza abagula kakhulu, abashonelwe, zinikeze ukuhlakanipha futhi zisindise abantu ekufeni. E-United States, izibukeli ezingaba izigidi ezingu-20 zibukela imidlalo ewuchungechunge yamasonto onke yethelevishini ebonisa ukungenela kwezingelosi ekuphileni kwabantu. Esinye isitolo sezincwadi sinohlu lwezincwadi ezingaphezu kuka-400 ezigxile ezingelosini.
Incwadi yamuva nje ilandisa okuhlangenwe nakho okuphathelene nendlela izingelosi ezinakekelayo eziye zasindisa ngayo ukuphila kwamasosha empini. Izigqebhezana ezinanyathiselwe ezimotweni zithi abashayeli bavikelwe izingelosi ezibanakekelayo. Izinhlangano, imihlangano evamile nemihlangano efundisayo kuthuthukisa ukufunda ngezingelosi futhi kuthiwa lokhu kusiza abantu ukuba baxhumane nazo.
U-Eileen Freeman ungumlobi wezincwadi ezintathu ezikhuluma ngezingelosi nomnyathelisi wephephabhuku eligxile ngokukhethekile kuzo. Uyagcizelela: “Ngikholelwa ukuthi izingelosi ezinakekelayo zaseMhlabeni ziningi njengezasezulwini, izidalwa ezingadumisi uNkulunkulu ezulwini nje kuphela kodwa nezinakekela ngokoqobo izidalwa ezingabantu nezinye izinhlobo zokuphila eMhlabeni. Ngamunye wethu unikezwa ingelosi emnakekelayo lapho umzali esamkhulelwe futhi iyasigada lapho sikhula esibelethweni, lapho sizalwa, ekuphileni kwethu kulo mhlaba, kuze kube yilapho le ngelosi isiqondisa sisuka kulo mhlaba siya enkazimulweni yasezulwini.” Lokhu kuwuchaza kahle umbono ovamile ngokuphathelene nezingelosi ezinakekelayo.
Kulezi zinsuku ezicindezelayo nezinzima, kuyathandeka ukukholelwa ukuthi sinengelosi yethu siqu esinakekelayo, enomsebenzi wokusivikela. Lithini iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngalokhu? Ingabe kufanele sizame ukuxhumana nezingelosi? Ingabe zinendaba nezindinganiso zethu zokuziphatha nezinkolelo zethu ezingokwenkolo? Yiluphi usizo esingalulindela kuzo? Le mibuzo izophendulwa esihlokweni esilandelayo.