Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 2 kk. 8-9
  • Lapho Oshade Naye Ephinga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Oshade Naye Ephinga
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA
  • Ukulwa Nezithiyo Ngokuzibekela Imigomo
    I-Phaphama!—2001
  • Induduzo Ezikhathini Zosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Ingabe Ningabuyisana?
    I-Phaphama!—1999
  • Ngakhetha Umsebenzi Omuhle
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 2 kk. 8-9
Owesifazane uyathandaza

Lapho Oshade Naye Ephinga

“Ngafisa ukufa lapho umyeni wami engitshela ukuthi wayengishiya ngoba esethole omunye umuntu omncane kunami. Lapho ngicabanga ngezinto eziningi engangizidelile ngenxa yakhe, ngaba nomuzwa wokuthi wayedlale ngami.”—UMaria, eSpain.

“Lapho umkami engishiya ngingalindele, kwaba sengathi kunengxenye yami efayo. Ashabalala wonke amaphupho esasinawo nezinhlelo esasizenzile. Ngezinye izikhathi ngangizwa sengathi ngiba ngcono, kodwa zivele ziqale phansi izinsizi.”—UBill, eSpain.

UKUPHINGA komuntu oshade naye kucindezela kakhulu. Abanye bayakwazi ukumthethelela umuntu abashade naye, baphinde baphile ngokuzwana.a Kunoma yikuphi, ukuthola ukuthi umuntu oshade naye akazange athembeke kubangela ubuhlungu obukhulu. Umuntu okuleso simo angabhekana kanjani naso?

AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Naphezu kobuhlungu obubangelwa ukuphinga, abaningi baye bathola induduzo eBhayibhelini. Bathole ukuthi uNkulunkulu uyabubona ubuhlungu babo futhi uyazwelana nabo.—Malaki 2:13-16.

“Lapho ngikhungethwe yizinkathazo, wangiduduza wangenza ngazola.”—IHubo 94:19.

UBill uyakhumbula: “Lapho ngifunda leli vesi, ngambona uJehova engithoba izinhlungu ngothando, njengoba nje kungenza ubaba onozwela.”

“Koqotho wena wenza ngobuqotho.”—IHubo 18:25.

UCarmen okwaphela izinyanga umyeni wakhe ephinga, uyachaza: “Umyeni wami akazange abe qotho kimi, kodwa ngangiqiniseka ukuthi uJehova yena uqotho. Yena akasoze angidumaza.”

‘Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa . . . ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu.ʼ—Filipi 4:6, 7.

USasha uthi, “Ngangiwafunda ngokuphindaphindiwe la mavesi. Njengoba ngangilokhu ngithandaza, uNkulunkulu wanginika ukuthula.”

Bonke abantu esesixoxe ngabo bake baphelelwa amandla. Kodwa bathembela kuNkulunkulu uJehova, bathola amandla ngokufunda iZwi lakhe. UBill uthi: “Nakuba zonke ezinye izinto zazingahambi kahle, ukholo lwami lwangenza ngaba nesizathu sokuphila. Nakuba ngangihamba ‘esigodini sethunzi elimnyama,’ uNkulunkulu wayenami.”—IHubo 23:4.

a Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nokuthi ungamxolela yini umuntu ophingile, sicela ubheke i-Phaphama! ka-Ephreli 22, 1999 enesihloko esithi, “Lapho Umngane Womshado Engathembekile.”

Okungakusiza

Zindla ngemiBhalo eduduzayo.

UBill uyachaza: “Ngangifunda incwadi kaJobe namaHubo, ngidwebele wonke amavesi ahlobene nesimo engangibhekene naso. Ngaphawula ukuthi abantu okukhulunywa ngabo kula mavesi babebhekane nobuhlungu nokukhathazeka nami enganginako.”

Yenza izinto ezizokusiza ududuzeke.

Umculo okhuthazayo ungakusiza. UCarmen uyakhumbula, “Ngangithi uma ngiqwashile, ngilalele umculo. Kwakungiduduza kakhulu lokho.” Abanye bathola induduzo ngokuzama amakhono ahlukahlukene njengokudweba, ukuthatha izithombe nokwenza eminye imisebenzi yezandla. Izinto ezinjengalezi zingakunciphisa ukucindezeleka nokukhathazeka.

Xoxa ngendlela ozizwa ngayo.

UDaniel uthi: “Ngangingajwayele ukukhuluma ngemizwa yami. Kodwa nganginabangane abahle engangixoxa nabo zonke izinsuku. Ngangibathululela isifuba ngokubabhalela, noma ngokuxoxa nabo ngokuqondile. Kwangisiza kakhulu lokho.” USasha uthi, “Usizo engangiluthola emndenini wami lwalubaluleke kakhulu. Umama wayehlale engisekela. Lapho ngifuna ukuxoxa, wayengilalela. Nobaba wangenza ngazizwa ngisezandleni ezifudumele futhi ngithandwa. Akazange angijahe ukuba ngisheshe ngilulame.”

Ungayeki ukuthandaza.

UCarmen uthi, “Ngangihlale ngithandaza. Ngangimuzwa uNkulunkulu eseduze kwami, engilalele futhi engisiza. Kubo bonke ubunzima engangibhekene nabo, ngasondela nakakhulu kuNkulunkulu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela