Ukuqhubeka Nenkonzo Yethu Singayeki
1 Isimo salelizwe siguquka ngokushesha njengoba singena sijula ngokwengeziwe esikhathini sokuphela. (1 Kor. 7:31, NW) Ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, kwenzeka izenzakalo ezizamazamisa izwe. Njengoba sicabanga ngalokho okwenzekayo kokubili ezweni elisizungezile nangaphakathi kwenhlangano engokwasezulwini, singabona ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuba sishumayele ‘izindaba ezihle’ zoMbuso.—Marku 13:10, NW.
2 KwakunguMholi neSibonelo sethu, uJesu Kristu, owakhipha umyalo wokwenza abafundi. Lapho enza kanjalo, waqinisekisa ukuphumelela kwalowomsebenzi ngesithembiso sakhe, “Mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Math. 28:19, 20) Abafundi bakaJesu bawathatha ngokungathi sina amazwi akhe, futhi ngisho nalapho bebhekene nokuphikiswa okunzima, “abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu.” (IzEnzo 5:42) Yeka isibonelo esihle abasibekela sona!
3 Njengoba sifunda kuyiYearbook ka-1990, siyabona ukuthi uJehova uye wayibusisa inkonzo yethu ngokubangela ukwanda okuhle kwabafundi abasha. Kwamanye amazwe ukwanda okubikiwe kungokubabazekayo ngempela. Ukwanda okuyingqikithi komhlaba wonke kukwedlula kude lokho noma ubani kithi abengakucabanga eminyakeni embalwa nje edlule. (Isaya 60:22) Kodwa kuthiwani ngensimu yethu yebandla? Futhi kuthiwani ngenkonzo yethu ngabanye? Ingabe siyajabula ngengxenye yethu enkonzweni nangenkonzo yethu sisonke kanye nesisebenza nabo kuyo yonke indawo? Ingabe siyaqhubeka nomzamo wethu ngabanye enkonzweni singayeki?
INGXENYE YETHU NGABANYE
4 Ngokusobala, amasimu awakhiqizi wonke ngokufanayo. (Qhathanisa noMathewu 13:23.) Kuyiqiniso futhi ukuthi amanye amasimu, njengelreland neQuebec, aye akhiqiza kuphela ngemva kweminyaka eminingi yomsebenzi onzima wezikhonzi ezishisekayo. Kwezinye izindawo kunabaphikisi abaningi, futhi kwezinye abantu ngokuvamile abanaki futhi abasabeli esigijimini soMbuso. Kwezinye futhi izindawo, kunezisebenzi eziningi kakhulu ensimini kangangokuthi incane insimu okumelwe ihlanganiswe. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi iluhlobo luni insimu okumelwe sisebenze kuyo, intshiseko yethu akumelwe neze idambe. Umphostoli uPawulu wabhala, “Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.” (Gal. 6:9) Amazwi akhe okuyala asebenza kuwo wonke amaKristu. Siyokwazi kanjani ukukwenza lokho? Yini eyosisiza ukuba siqhubeke nenkonzo yethu singayeki?
5 Singahlala simatasa futhi senze inkonzo yethu iphumelele uma sincika kuJehova futhi sithembela emandleni akhe ukuba asisekele. Khumbula njalo ukuthi uJehova uyena owenza insimu ikhiqize. (1 Kor. 3:6) Lapho ephendula imithandazo yethu yokucela usizo, uJehova unikeza iseluleko, isiyalo esisebenzayo, nentilibathwa yezincwadi zeBhayibheli ukuze sisisebenzise thina siqu nokuba sisize abanye ukuba bamazi. Ingabe siwasebenzisa ngokugcwele lamalungiselelo?
LONDOLOZA ISIMO SENGQONDO ESIQONDILE
6 Uma sinesimo sengqondo esiphambene, lokho kungaba isithiyo esingathi sína esiphazamisa inkonzo ekhiqizayo. Uma sesakhe umbono ongemuhle ngabantu abasensimini yethu ngenxa yokungasabeli kwabo kwangesikhathi esidlule, lesosimo sengqondo sizobonakala emazwini ethu, esimweni sobuso, nasekuntulekeni kokuyilungiselela ngenkuthalo inkonzo yasensimini. Samukele ukuthunywa kokuba sishumayele futhi sifundise, futhi asikatshelwa ukuthi umsebenzi usuphelile. Isifiso sethu sokulalela nokuzithoba ekuqondiseni kwaphezulu kufanele sisishukumisele ekubeni siqhubeke nenkonzo yethu singayeki.
7 Injongo kaJehova ngokuqondene nokuxwayiswa kwababi nokubuthwa kwabafundi iyofezwa ngaphambi kokuba ukuphela kufike. Singahlanganyela enjabulweni yenkonzo manje futhi sibheke phambili ezibusisweni zaphakade phakathi kwabantu bakaNkulunkulu uma sibonisa ukholo lwethu nothando ngokuqhubeka nenkonzo yethu singayeki.