Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOMAY 7
INgoma 67
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza amalungiselelo okufakaza njengeqembu phakathi nesonto nangempela-sonto.
20 imiz: “Hlanganyela Ingcebo Engokomoya Nabanye.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Khuthaza ngemfudumalo umoya wokuphana ekupheni kwethu ngokomoya. Njengoba isikhathi sivuma, yiba nokuhlangenwe nakho okukhethiwe okulandiswayo okuhlobene nokuhanjiswa kwezikhokhelo zeNqabayokulinda nePhaphama!
15 imiz: Izidingo zebandla. Ingahlanganisa nombiko ngomsebenzi okhethekile kanye nenani lamaphayona asizayo phakathi noApril.
INgoma 19 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMAY 14
INgoma 28
8 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Hlanganisa nanoma yikuphi ukubonga ngeminikelo eyenziwe. Tusa ibandla ngokufudumele ngokusekela kwalo ngokwezimali izithakazelo zoMbuso.
15 imiz: “Uyini Umkhuba Wakho?” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Qokomisa ukwazisa ngemihlangano kanye nesidingo sokugwema umkhuba wokulahlekelwa imihlangano. Umzalwane osingatha lengxenye angahlanganisa nokwaziswa ngokuphathelene nendlela ibandla elenza ngayo ekubeni khona emihlanganweni.
22 imiz: “Ukugcina Izithakazelo ZoMbuso Ziza Kuqala.” Ihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo ngomdala ofaneleka kahle.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMAY 21
INgoma 133
5 imiz: Izaziso zebandla. Qokomisa kafushane iphuzu elilodwa noma amabili okukhulunyelwa avela komagazini bamuva. Chaza kafushane amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini ngoMay 31.
18 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngezifundo ZeBhayibheli.” Ihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Tusa abamemezeli abaqhuba izifundo futhi ukhuthaze ngomusa labo abangenazo ukuba bacabangele lokho abangakwenza ukuze bathuthukise lesimo. Yenza umboniso omfushane ngokusikisela okusezigabeni 4 no-5.
12 imiz: “Ukuvivinywa Kobuqotho Bothando Lwenu.” Inkulumo ngomdala esekelwe esihlokweni esiqala ekhasini 24 leNqabayokulinda kaDecember 1, 1989. Zwakalisa ukwazisa ngomoya wokuphana webandla ekusekeleni umsebenzi woMbuso endaweni yakini nasemhlabeni wonke.
10 imiz: Amaphuzu Avelele KuYearbook Ka-1990. Inkulumo elungiselelwe kahle ngokwaziswa okusesethulweni seYearbook ka-1990. Qokomisa impumelelo evelele eyajatshulelwa abantu bakaJehova ngenxa yesibusiso sikaJehova enkonzweni yabo yentshiseko. Njengoba isikhathi sivuma, landisa okunye kokuhlangenwe nakho okukhuthazayo okunikeziwe. Imibiko evela kubazalwane bethu emhlabeni wonke kufanele isishukumisele sonke ukuba sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni kaJehova.
INgoma 127 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMAY 28
INgoma 29
15 imiz: Izaziso zebandla neBhokisi Lemibuzo. Umdala kanye nabamemezeli abafanelekayo ababili noma abathathu baxoxa ngencwadi ethi Intsha Iyabuza. Qokomisa kafushane izingxenye eziyishumi zalencwadi. Cabangelani izahluko ezikhethiwe. Sonke kufanele silungiselele ukusebenzisa lencwadi enkonzweni yasensimini.
15 imiz: “Fakazela Iqiniso.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Xoxa nabamemezeli abaye bakwazi ukuhlela isimiso sabo ukuze bahlanganyele emsebenzini wamaphayona asizayo.
15 imiz: “Ukunqoba Impi Yokucindezeleka.” Inkulumo ngomdala, esekelwe esihlokweni esikuNqabayokulinda kaMarch 1, 1990, amakhasi 5-9. Yethula lenkulumo ngokubhekisela eminyombweni yokucindezeleka okukhulu eshiwo ekhasini 4. Lokhu kwaziswa kumelwe kunikezwe ngozwela nangokuqonda. Khuthaza abazalwane ukuba bazuze kulokhu kwaziswa futhi bakuhlanganyele nabanye.
INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.