Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/91 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOMARCH 4
  • ISONTO ELIQALA NGOMARCH 11
  • ISONTO ELIQALA NGOMARCH 18
  • ISONTO ELIQALA NGOMARCH 25
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 3/91 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOMARCH 4

INgoma 4

10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezivela kuyiNkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza wonke umuntu ukuba aqalise manje ukulungiselelela ukuba khona emihlanganweni yesigodi ngoDecember. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini ngalempela-sonto.

17 imiz: Umbonisi wenkonzo uxoxa ngencwadi yeNhlangano yomhla kaFebruary 10, 1991, ephathelene nosuku olukhethekile lukamagazini ngoApril 6. Yisho amalungiselelo ibandla eliwenzile ukuze lisekele lolusuku ngokugcwele. Qalisa imisebenzi ka-April ngesiqalo esihle. Khuthaza bonke labo izimo zabo ezibavumelayo ukuba babhalise njengamaphayona asizayo. Yazisa ibandla ngenani lamaphayona asizayo akhona kuze kube manje. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini awo wonke uApril.

18 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 4, yiba nomboniso olungiselelwe kahle obonisa indlela ummemezeli asebenzisa ngayo iSihloko SeNgxoxo salenyanga futhi ngemva kwalokho ahambise incwadi kumnini-khaya. Phawula iphuzu lokuthi incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo izofundwa esifundweni sencwadi kusukela ngesonto likaMarch 18. Khuthaza bonke ukuba babe khona njalo. Ukwaziswa okuhlelelwe isonto ngalinye kuncane, kuvumela isikhathi esengeziwe sokuba kuxoxwe ngokujulile ngalokhu kwaziswa okubalulekile.

INgoma 6 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMARCH 11

INgoma 87

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Hlanganisa nokubongwa kweminikelo eyamukelwe. Khumbuza bonke ukuthi iSikhumbuzo sizoba ngoMgqibelo ebusuku, ngoMarch 30. Nikeza isikhathi esiqondile nendawo. Buza ibandla ukuthi lihlela kanjani ukumemela abantu abasha ekuhlanganyeleni eSikhumbuzweni, futhi bonisa indlela lokhu okungenziwa ngayo. Khumbuza ibandla ukuthi izimemo ezinyathelisiwe ziyatholakala.

15 imiz: “Ukudumisa UJehova NgeNgoma.” Inkulumo ekhuthazayo esekelwe esihlokweni. Sebenzisa izingoma ezisesimisweni sanamuhla ebusuku ukuze ubonise amaphuzu avezwe esihlokweni. Yisho amalungiselelo ebandla okuprakthiza izingoma.

20 imiz: “Usuku Olubaluleke Kakhulu Ngo-1991.” Imibuzo nezimpendulo. Inkulumo efudumele nenentshiseko ekhuthaza ibandla ukuba libe nomoya walolusuku olubaluleke kakhulu onyakeni. Qokomisa ukubaluleka kokwenza amalungiselelo amahle okulandelela isithakazelo esiboniswa abantu ababa khona okokuqala eSikhumbuzweni.

INgoma 129 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMARCH 18

INgoma 135

12 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Phawula amalungiselelo enkonzo, futhi xoxa ngamaphuzu avelele komagazini bamuva angasetshenziswa enkonzweni kamagazini. Kungalandiswa nangokuhlangenwe nakho ekuhambiseni isipho salenyanga. Khuthaza umsebenzi wamaphayona asizayo ngoApril.

18 imiz: Lungiselela Izethulo Eziphumelelayo. Umdala ophumelelayo enkonzweni yasensimini usiza abamemezeli ukuba balungiselele izethulo eziyofanelekela insimu yebandla. Sekela ukusikisela kwakho emakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana. Xoxa ngezethulo ezimbili noma ezintathu ezingasetshenziswa neSihloko SeNgxoxo salenyanga noma enye indaba efanelekele lesosikhathi. Yiba nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho babonise izintshumayelo ezimbili zasendlini ngendlu. Uma isikhathi sivuma, landisa kafushane ngokuhlangenwe nakho kwasensimini yenu okubonisa ukubaluleka kwezethulo ezidonsa isithakazelo somnini-khaya.

15 imiz: Inkulumo ekhuluma ngokubaluleka kokufunda imiBhalo ephathelene neSikhumbuzo ehlelwe kuyiKhalenda lika-1991 ezofundwa ngoMarch 25-30. Imikhaya ingase ifise ukuyifunda ndawonye futhi ixoxe ngokubaluleka kwalesenzakalo. Kungaba usizo ukufunda ukwaziswa okungaphansi kwesihloko esithi “Lord’s Evening Meal” kuyi-Insight, Umqulu 2, amakhasi 268-71. Ukulungiselela okunjalo kungakhulisa ukwazisa ngeSikhumbuzo futhi kwenze imikhaya isondelane ngesibopho sokukhulekela kweqiniso.

INgoma 126 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMARCH 25

INgoma 168

10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho amalungiselelo eSikhumbuzo. Khumbuza izilaleli ukuba zize nemikhaya yazo kanye nabantu abathakazelayo eHholo LoMbuso kusengaphambi kwesikhathi ukuze ikwazi ukuhlaliswa. Lapho amabandla amabili noma ngaphezulu ezoba neSikhumbuzo ehholo elilodwa, abadala bazonikeza isiqondiso ngesikhathi ibandla ngalinye okufanele lifike ngaso. Yethula abantu abasha ekuhlanganyeleni kubazalwane futhi ubajwayelanise neHholo LoMbuso uma kungukuthi bayaqala ukuba khona. Memezela amalungiselelo omsebenzi wasensimini ngoMgqibelo nangeSonto, ukhuthaze bonke ukuba babe nempela-sonto egcwele engokomoya.

15 imiz: “Ukukhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona.” Ingxoxo yentshiseko esingethwe umdala onokuhlangenwe nakho. Khuthaza labo izimo zabo ezibavumelayo ukuba bakucabangele ngomthandazo ukuthi bangasabela yini kulolobizo.

20 imiz: “Ukuthuthuka Enkonzweni.” Ingxoxo phakathi komdala onokuhlangenwe nakho nomzalwane odlala indima yomuntu oye waba seqinisweni isikhathi esithile kodwa ongazange athuthuke. Mababonise kafushane isikhathi sokuprakthiza okukhulunywa ngaso esigabeni 3. Lapho nixoxa ngesigaba 4, yibani nephayona noma omunye ummemezeli ophumelelayo ebonisa ummemezeli ongenakho okuhlangenwe nakho indlela yokuhlangabezana futhi ubhekane nesimo okuhlangatshezwana naso ngezikhathi ezithile ensimini yebandla. Engxoxweni hlanganisa ukusikisela okutholakala kuyiNqabayokulinda ka-August 1, 1985, amakhasi 15-20, okukhuluma ngokufinyelela izinhliziyo. Phetha lengxenye ngokukhuthaza bonke ukuba benze ukuhlela okuqinisekile kokuthuthuka ekuxoxeni nabantu nasekulandeleleni isithakazelo.

INgoma 123 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela