Imihlangano Yenkonzo KaNovember
Isonto Eliqala NgoNovember 4
INgoma 180
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa izihloko ezikomagazini bamuva ezingase zisetshenziswe emsebenzini kamagazini ngaloMgqibelo.
20 imiz: “Phatha IZwi Leqiniso Ngekhono.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Qokomisa isidingo sokusebenzisa iBhayibheli lapho sisezindlini. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 5, yenza umboniso wentshumayelo esikiselwe.
15 imiz: “INew World Translation—Iwubuciko Futhi Ithembekile.” Ingxoxo esekelwe esihlokweni esivela kuNqabayokulinda kaMarch 1, 1991.
INgoma 23 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 11
INgoma 161
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza abamemezeli ukuba bathathe ubuphayona obusizayo ngoDecember.
25 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusikisela Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya.” Sihlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Yiba nommemezeli onokuhlangenwe nakho ebonisa indlela isifundo seBhayibheli esingase siqaliswe ngayo nomuntu oye wabonisa isithakazelo encwadini ehanjisiwe. Khuthaza abazalwane ukuba balandelele noma isiphi isithakazelo esibonisiwe, kungakhathaliseki ukuthi kuhanjiswe izincwadi noma cha.
10 imiz: “IVideo Entsha!—Indlela Yokuyisebenzisa.” Inkulumo eqokomisa amaphuzu ayinhloko asesihlokweni. Gcizelela ukuthi lelilungiselelo elisha lihlelelwe ukwenza abantu esifunda nabo iBhayibheli abathuthukayo nezihlobo bajwayelane nenhlangano kaJehova.
INgoma 167 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 18
INgoma 96
10 imiz: Izaziso zebandla, umbiko wezimali, kanye nencwadi evela eNhlanganweni ebonga iminikelo. Tusa abazalwane ngengxenye ababe nayo ekupheni.
20 imiz: “Ilungiselelo LeSifundo Sencwadi Sebandla—Ingxenye 5.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo esingathwa umbonisi wenkonzo. Cela ukukhulumela kwabanye ngendlela abaye bazuza ngayo kulelilungiselelo, noma ube nengxoxo noyedwa noma ababili abaye basizwa ukuhambela kombonisi wenkonzo.
15 imiz: Izidingo zebandla noma esithi “Abamemezeli BoMbuso Bayabika.” Inkulumo. Sebenzisa okuhlangenwe nakho okukhulunywe ngakho kulesisici seNqabayokulinda okubonisa umphumela onamandla iBhayibheli elinawo ekuphileni kwabantu. Ingahlanganisa umbiko okumagazini ka-April 1, 1991.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoNovember 25
INgoma 9
10 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngeSonto, ngoDecember 1.
20 imiz: “Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke—Ingxenye 5.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo yesihloko sokugcina ochungechungeni. Khuthaza bonke ngemfudumalo ukuba balandele ukusikisela okunikeziwe. Uma isikhathi sivuma, hlanganisa nokuba nengxoxo nommemezeli oshisekayo noma iphayona ongalandisa ngezinzuzo zomuntu siqu aye wazijabulela ngokuba nengxenye egcwele enkonzweni.
15 imiz: “Sebenzisa Ihlobo Ngokuhlakanipha.” Sihlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Njalo siba nombiko wenkonzo kaDecember ongemuhle kakhulu njengoba abaningi basuke bengekho emabandleni abahlanganyela kuwo futhi bahluleke ukubika inkonzo yabo yasensimini ngesikhathi. Khuthaza bonke ukuba babike imisebenzi yabo ngesikhathi futhi benze umbiko wenkonzo wangoDecember walonyaka ube ngcono kunayo yonke.
INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.