Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/91 k. 2
  • Sebenzisa Ihlobo Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sebenzisa Ihlobo Ngokuhlakanipha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bamba Amathuba Okufakaza Ehlobo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Yini Oyihlelele Isikhathi Sasehlobo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 11/91 k. 2

Sebenzisa Ihlobo Ngokuhlakanipha

1 Izingane zesikole ngokuvamile ziyabuzwa ngalokho ezihlela ukukwenza phakathi nehlobo, futhi lapho ziphindela esikoleni, zingase zicelwe ukuba zinikeze umbiko ngalokho eziye zakwenza. Ngempela, sonke, sibasha noma sibadala, senza kahle ngokuzibuza: ‘Yini esiye sahlela ukuyenza phakathi nehlobo? Lapho selidlulile, ingabe siyokwazi ukunikeza umbiko wokuthi siye salisebenzisa ngokunenzuzo nangokuphumelelayo ihlobo?’—Efe. 5:15, 16.

2 Zuza Emihlanganweni: Abaningi bazoba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko.” Ngemva kokuba usudlulile, siyokwenza kahle uma singabukeza amaphuzu esiye sawabhala ukuze sibone ukuthi yimaphi amaphuzu esiwafundile nesingawasebenzisa ekuphileni kwethu njengabadumisi bakaJehova. Kwabase-Efesu 4:25 sikhuthazwa ukuba ‘sikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe.’ Omakhelwane bethu abaseduze kakhulu ngamalungu omkhaya wethu. Singaxoxa nawo noma namalungu omkhaya wethu ongokomoya ngokunye kokudla okungokomoya okumangalisayo obekulungiselelwe phakathi nesimiso somhlangano.

3 Hlanganyela Enkonzweni Yasensimini: Ingabe siye sakuhlelela ukuba nengxenye enkulu ngangokunokwenzeka enkonzweni phakathi nalelihlobo? Uma sizobe sisebandleni esihlanganyela kulo, sizofuna ukusekela amalungiselelo enkonzo yasensimini asikhathi sonke. Singase sikwazi ukuhlanganyela ekufakazeni kwakusihlwa, njengoba ilanga liphuza ukushona. Abantu abaningi basuke besekhaya kusihlwa futhi bethambekele ekubeni sesimweni sokuphumula ngokwengeziwe, kanjalo kukwenze kube lula ngathi ukuba sikhulume nabo ngezindaba ezinhle zoMbuso.—Isaya 50:4.

4 Lapho senza amalungiselelo okuhamba, kungakhathaliseki ukuthi siya emhlanganweni noma eholidini, kufanele sihlele ukuhamba nezincwajana ezithile. Lapho amathuba okushumayela ngokwethukela eziveza, singaqondisa ukunakekela kwenye yezincwajana. Lapho singekho ekhaya, singase sikwazi ukuthola iHholo LoMbuso, sibe khona emihlanganweni, futhi sihlanganyele enkonzweni yasensimini nabazalwane nodade abakuleyondawo. Lokhu kufanele kube umthombo omuhle wesikhuthazo kokubili kithina nakubazalwane esihlanganyela nabo.—Rom. 1:12.

5 Uma sizobe singekho ebandleni esihlanganyela kulo ekupheleni kwenyanga, kufanele sithumele umbiko wethu wenkonzo yasensimini kunobhala ngokushesha ngokwanele ukuba uhlanganiswe embikweni awuthumela ngomhla wesithupha enyangeni elandelayo. Uma kungenjalo, singawushiya kuye ngaphambi kokuba sihambe, futhi noma imuphi umsebenzi owenziwe kamuva ungahlanganiswa embikweni wenyanga elandelayo.

6 Lwela Ukuqhuba Izifundo: Ngokuvamile zimbalwa izifundo eziqhutshwayo ezinyangeni zasehlobo ngoba abanye abafundi beBhayibheli baya eholidini. Umuntu oqhuba isifundo naye angase ahambe kodwa ngesikhathi esihlukile. Esikhundleni sokuvumela ukuba kudlule amasonto amaningi isifundo singaqhutshiwe, singakwazi yini ukuhlela ukuba othile ebandleni asiqhube leso sifundo ngenkathi thina sisahambile? Kuhle ukuba isifundo siqhutshwe njalo ngangokunokwenzeka ukuze sigcizelele engqondweni yomfundi isidingo sokondliwa ngokomoya kwasikhathi sonke.

7 Kwangathi sonke singakwazi ukubheka emuva ehlobo lango-1991 futhi sibe nomuzwa wokuthi, njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, ngempela siye sasisebenzisa ngokuhlakanipha lesikhathi ‘ekubambeleleni esibonelweni samazwi aphilayo’ nasekusizeni abanye ukuba bafunde amazwi aphilayo eqiniso avela eZwini likaJehova.—2 Thim. 1:13, qhathanisa neNW.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela