Imihlangano Yenkonzo KaJune
Isonto Eliqala NgoJune 1
INgoma 80
10 imiz: Izaziso zabandla neZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Njengoba kusele izinyanga ezintathu kuphela ngaphambi kokuba uphele lonyaka wenkonzo esikuwo, bonke abamemezeli bakhuthazwa ukuba bahlanganyele njalo enkonzweni isonto ngalinye futhi bafake umbiko ngokushesha ekupheleni kwenyanga.
15 imiz: “Isidingo Sesintu Sokufuna UNkulunkulu.” Imibuzo nezimpendulo. Yakha ukushisekela umsebenzi wethu ensimini kulenyanga. Bonisa indlela lencwadi engabasiza ngayo abantu bezinkolo ezihlukahlukene abasensimini yenu.
20 imiz: “Ukwethula Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.” Xoxa futhi wenze umboniso ngokunye kokusikisela okusesihlokweni. Komunye umboniso bonisa indlela yokusebenzisa indlela eqondile yokuqalisa izifundo. Futhi, bonisa indlela ezingasetshenziswa ngayo ngokuphumelelayo izindlela eziyishumi zokubona inkolo yeqiniso ezisekhasini 377.
INgoma 225 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJune 8
INgoma 145
10 imiz: Izaziso. Lungiselela kusengaphambili ukuba namaphayona amabili avamile noma asizayo ekhulumela izethulo aye azithola ziphumelela lapho esebenza insimu yebandla.
15 imiz: “Yiba Nomoya Wokuzidela!” Inkulumo ngesihloko esikuNqabayokulinda kaFebruary 1, 1992, amakhasi 25-8. Gcizelela ukuthi ukuba nomoya wokuzidela akukhona okokuzikhethela kodwa kuyimfuneko yobuKristu. Asilahlekelwa ngokudela izinto ezibonakalayo kanye nemisebenzi yokuzilibazisa ukuze siphishekele izithakazelo zoMbuso kuqala.
20 imi: “Ukuphayona—Isibonakaliso Sothando.” Imibuzo nezimpendulo. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 3 no-4, xoxa namaphayona avamile amathathu (noma abamemezeli abangamaphayona asizayo asikhathi sonke noma ababuthatha njalo ngezikhathi ezithile), kuhlanganise, uma likhona, nephayona lesikhathi esigcwele elingumuntu osemusha owaphayona ngemva nje kokuqeda isikole. Babuze ukuthi bazihlela kanjani izimo zabo ukuze baphayone, yini eyabashukumisela ukuba benze kanjalo, ikuphi ukudela izinto ezibonakalayo okwadingeka bakwenze, futhi iziphi izibusiso abaye bazamukela njengoba bekhonza njengamaphayona avamile.
INgoma 61 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJune 15
INgoma 34
10 imiz: Izaziso. Yisho okuvelele embikweni wenkonzo yasensimini wangoMarch. Bonisa ukuthi iyiphi ingxenye ibandla lenu elibe nayo embikweni wenkonzo yasensimini wangoMarch. Xoxa kafushane ngamalungiselelo ebandla ngokuphathelene nomkhankaso wensimu engabelwe. Nikeza umbiko wezimali. Tusa ibandla ngomsebenzi owenziwe enkonzweni yasensimini kanye nangokusekela ngezimali kwebandla kokupha.
20 imiz: “Ingabe Uyohlanganyela Ekufakazeni Ngokwethukela?” Xoxa futhi wenze umboniso ngamaphuzu asesihlokweni. Gcizelela iphuzu lokuthi singoFakazi BakaJehova ngazo zonke izikhathi, ngakho sifuna ukufuna amathuba okunikeza ubufakazi. Lungiselela kusengaphambili ukulandisa okuhlangenwe nakho okubili okufushane lapho abantu abahlanganyela ekufakazeni ngokwethukela bathola imiphumela emihle noma lapho othile ebandleni aba nesithakazelo eqinisweni ngenxa yokufakaza ngokwethukela.
15 imiz: Ingxoxo nemiboniso yengxoxo yeBhayibheli kanye nokuhanjiswa kwethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, kusetshenziswa uIsaya 55:6, 7 nezEnzo 17:26, 27. Bonisa indlela abasanda kuhlanganyela nabancane abangasebenzisa ngayo intshumayelo elula, besebenzisa nje uIsaya 55:6, 7.
INgoma 154 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJune 22
INgoma 173
5 imiz: Izaziso. IZindaba EzingokwaseZulwini. Ekuhlanganiseni amaphuzu, qhathanisa umbiko wamanje nokwaziswa okuphathelene nalelogatsha konyaka wenkonzo ka-1986, njengoba kutholakala embikweni wonyaka wenkonzo okuYearbook ka-1987.
20 imiz: “Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo ngomdala onekhono, kuhlanganiswa izigaba ezisukela kwesokuqala zesenezelo kuya esihlokwaneni esithi “Usizo Oluyigugu Ngesikhathi Oludingeka Ngaso.” Gcizelela ukuba kungalindwa kuze kube yilapho kwenzeka okuthile ngaphambi kokuba kucatshangwe ngokuzokwenziwa. Lungiselelani kusengaphambili njengomkhaya manje—yimani ngomumo!
20 imiz: “Ukuphindela Ngomgomo Wokuqalisa Isifundo SeBhayibheli.” Ingxoxo nemiboniso. Yenza umboniso ngengxoxo yeBhayibheli esikiselwe esigabeni 3. Sebenzisa izigaba 17-20 emakhasini 372-5 encwadi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu njengesisekelo sokuqalisa isifundo seBhayibheli.
INgoma 135 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJune 29
INgoma 90
10 imiz: Izaziso. Yiba nemiboniso emibili emifushane ebonisa indlela yokuba nengxoxo engokomBhalo lapho uhambisa omagazini enkonzweni yasensimini kulempela-sonto.
20 imiz: “Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?” Isikhulumi esinokuhlangenwe nakho sinikeza inkulumo ecacile ngokwaziswa okusukela esihlokwaneni esithi “Usizo Oluyigugu Ngesikhathi Oludingeka Ngaso” kuze kube sekugcineni kwesihloko sesenezelo, sigcizelela inzuzo yokusebenza ngokubambisana nabadala bebandla lapho kubhekenwe nesimo esiphuthumayo sezokwelapha.
15 imiz: Izidingo zebandla. Ungabukeza amaphuzu anikezwa esimisweni somhlangano wesifunda ogcinile noma wosuku lomhlangano okhethekile angasetshenziswa ebandleni.
INgoma 167 nomthandazo wokuphetha.