Isinyathelo Esiqondile Esiya Entuthukweni Eyengeziwe
1 Njengamanje iningi lethu seliqedile ukufunda iYearbook ka-1992. Ukufunda ngenani eliphakeme lomhlaba wonke lika-1991 labamemezeli boMbuso abangaphezu kwezigidi ezine nezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi amahlanu emazweni angu-211—okuwukwanda ngamaphesenti angu-6,5—kuye kwasivusa amadlingozi! Ngokuqinisekile, ukwanda koMbuso okwenzekayo manje emhlabeni wonke kunikeza ubufakazi obuphawulekayo bokugcwaliseka kukaIsaya 2:2-4 noMika 4:1-4.
2 Nakuba umbiko wonyaka wenkonzo ka-1992 ungaphelele, busobala ubufakazi bokuthi uJehova uhlobisa lonyaka wenkonzo ngokwanda okuphawulekayo. Isimemo sokuzihlanganisa nobuzalwane bethu obukhulu bezizwe zonke siyaqhubeka simenyezelwa. Amanani ababa khona eSikhumbuzweni nasemihlanganweni yesigodi abonisa ukuthi izigidi zabantu ziyasilalela isigijimi soMbuso. Zivela kuzo zonke izizwe, zisabela esimemweni esiphefumulelwe esimemezelayo: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”
3 Zimisele Ukuthuthuka: Inhlangano kaJehova iyaqhubeka. Njengoba kunabaningi kangaka abasanda kuhlanganyela abathutheleka entabeni yokukhulekela kukaJehova kweqiniso, kubalulekile ukuba ngamunye athathe isinyathelo esiqondile sokwenza intuthuko eyengeziwe engokomoya bese elwela ukufanelekela ukusiza abanye abasanda kuhlanganyela ukuba benze okufanayo. Isidingo sentuthuko enjalo sibonakala emazwini ashiwo yilabo abasabela esimemweni sokukhuphukela entabeni kaJehova kwabanye, “Wozani.” Umphostoli uJohane wabika okuthile okufanayo kusAmbulo 22:17: “UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza!”
4 UJesu wabonisa indlela lesimemo okumelwe sinikezwe ngayo. Lapho abantu besabela ekufundiseni kwakhe, wabamema ukuba bahlanganyele enkonzweni yakhe futhi wabafundisa indlela yokwenza kanjalo. (Math. 4:19; 10:5-7, 11-14) Abafundi bakhe bafunda izindlela eziphumelelayo ayezisebenzisa ngokuhamba naye nangokuphawula indlela ayenza ngayo izinto. Khona-ke bamlingisa enkonzweni yabo. Bazifunda kahle izindlela zakhe kangangokuthi ukufakaza kwabo ngesibindi kwadonsa ukunakekela kwabaphikisi abakubona ngokucacile ukuthi babengabafundi bakaJesu. IzEnzo 4:13 ziyabika: “Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, . . . babazi ukuthi kade benoJesu.”
5 Ngaphambi kokubuyela ezulwini, uJesu wanikeza umyalo wokuthi abafundi bakhe kwakufanele bagqugquzele inkonzo yobuKristu ngokwenza abafundi abasha, babafundise njengoba nabo babefundisiwe. KuMathewu 28:19, 20, uJesu wayala: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” Futhi ebonisa ukuthi wayehlose ukuba lokhu kuqhubeke kuze kube sosukwini lwethu, wanikeza lesiqinisekiso esengeziwe: “Bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”
6 Abafundi beqiniso bakaJesu Kristu abahlulekanga ukulalela iziyalezo zakhe zokuba bafundise abafundi abasha konke akuyalile. Nokho, ukwanda okuphawulekayo ebandleni lomhlaba wonke loFakazi BakaJehova kudinga ukuba sicabangele izidingo ezikhethekile zamalungu ebandla asanda kubhapathizwa nabamemezeli abangabhapathiziwe kanye nabantu abatadisha iBhayibheli kanye nathi labo mhlawumbe abaqalisa ukuba khona emihlanganweni yebandla cishe njalo.
7 Ekuqaleni konyaka wenkonzo ka-1992, cishe ummemezeli oyedwa kulabo nalabo abangu-9 sekuwunyaka owodwa nje kuphela ekhuthele enkonzweni. Ngaphezu kwalokho, oyedwa kwabayisithupha sekuyiminyaka emithathu noma ngaphansi engummemezeli; futhi oyedwa kwabane akukadluli iminyaka emihlanu ehlanganyela enkonzweni. Nakuba abaningi abasanda kuhlanganyela beye benza intuthuko enhle selokhu baba amalungu ebandla, usizo olwengeziwe ezicini ezithile ngokungangabazeki luyosiza ekusheshiseni intuthuko yabo engokomoya.
8 EyamaHeberu 6:1 (NW) isikhuthaza sonke ukuba “silwele ukuvuthwa.” Ukuvuthwa kobuKristu kwedlulela ngalé kokungenisa nje umbiko wenkonzo. Kuhilela ukuthuthuka esifundweni somuntu siqu nasekubeni khona njalo emihlanganweni kanye nokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yasensimini. Ukusiza abanye ukuba bafinyelele olwazini lweqiniso ukuze basinde nakho kuhilelekile. Kumelwe sisebenzele ekuloleni amakhono ethu ‘ekubonisaneni ngemiBhalo.’ (IzEnzo 17:2) Ukukhulela ekuvuthweni kudinga isikhathi, futhi ngokwezinga elikhulu kuxhomeke ekuzinikeleni kwethu kokwesaba uNkulunkulu nasekuzuzeni kwethu okuhlangenwe nakho okuwusizo ensimini. Nakuba singakulawula ukujula kokuzinikela kwethu siqu kokwesaba uNkulunkulu, kuyinkambo yokuhlakanipha ukuvumela abanye abazalwane nodade abavuthiwe ukuba basisize sizuze okuhlangenwe nakho okuwusizo. Singafunda kokuhlangenwe nakho kwabo, ikakhulukazi enkonzweni yasensimini. Akudingeki ukuba sifunde yonke into sisodwa ngokwenza amaphutha.
9 Usizo Ngalabo Abangenakho Okuhlangenwe Nakho: Isibonelo sokunikeza usizo sabekwa ekuqaleni kwebandla lobuKristu. UJesu wafundisa abafundi bakhe. (Marku 3:14; Luka 9:1; 10:1) Nabo, bafundisa abanye. UThimothewu wathola isikhuthazo nosizo olukhethekile kumphostoli uPawulu, futhi umfundi uApholo wathuthuka ngosizo lomuntu siqu oluvela kuAkwila noPrisila ababenokuhlangenwe nakho okwengeziwe. (IzEnzo 18:24-27; 1 Kor. 4:17) Amalungu avuthiwe ebandla lobuKristu alandela lezozibonelo namuhla, efundisa futhi ekhuthaza abanokuhlangenwe nakho okuncane, ikakhulukazi abasanda kuhlanganyela nentsha. Njengoba eyabaseRoma 15:1, 2 isho, “Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla.”
10 Abazali banomthwalo wemfanelo wokuthatha isinyathelo esiqondile sokusiza abantwana babo ukuba bathuthuke ngokomoya. Lokhu kuhilela isifundo somkhaya, ukufundisa abantwana indlela yokwenza isifundo somuntu siqu, ukuba khona njalo emihlanganweni nokuhlanganyela, kanye nokuhlangenwe nakho ekusebenziseni lokho abakufundayo. (Efe. 6:4; 1 Thim. 5:8) Ikakhulukazi abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla kufanele bahole ekwenzeni amalungiselelo okusiza bonke abasesifundweni sabo sencwadi nabasemaqenjini enkonzo yasensimini ukuba bathuthuke ngokomoya. Umbonisi wenkonzo nabanye abadala nezinceku ezikhonzayo kanye namanye amalungu ebandla nabo bangasiza.
11 Nikezani Lokho Okudingekayo: Isidingo singaba esokunikeza usizo esicini esithile kuphela semisebenzi yobuKristu, njengesifundo somuntu siqu. Umuntu angase adinge ukusikisela kokuzenzela isimiso sokutadisha esiwusizo. Omunye futhi angadinga usizo ekulungiseleleni izimpendulo noma izabelo. Abanye mhlawumbe badinga ukufunda indlela yokucwaninga ngezihloko zeBhayibheli.
12 Abaningi abasanda kuhlanganyela badinga usizo enkonzweni yasensimini. Ummemezeli angase afune ukuba ophumelela ngokwengeziwe emsebenzini wendlu ngendlu, ekwenzeni izimpindelo, noma ekuqaliseni nasekuqhubeni isifundo seBhayibheli. Ukuprakthiza okumbalwa kusetshenziswa izethulo nezintshumayelo ezisikiselwe ezivela encwadini Ukubonisana noma kuNkonzo Yethu YoMbuso kungase kube okwanele. Ngezinye izikhathi, ukusikisela kokwenza isimiso esiwusizo senkonzo yasensimini nosizo lokunamathela kuso kungaba yikho nje kuphela okudingekayo. Ukwenza amalungiselelo aqinisekile okusebenza nomuntu odinga usizo kuyomenza athuthukele emigomweni ekhethekile.
13 IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba senze intuthuko yethu engokomoya ibonakale kwabanye. Lesi kwakuyiseluleko uPawulu asilobela isisebenzi esikanye naye uThimothewu. (1 Thim. 4:15) Ngokuvumelana nalesosikhuthazo, lomphostoli wagcizelela isidingo sokuziqeqesha njengokungathi siyancintisana emqhudelwaneni wokusubatha noma wokuhlanganyela ngokuphumelelayo empini engokomoya. (1 Kor. 9:24-27; 2 Kor. 10:5, 6) Kumelwe sisheshe ukusebenzisa konke esikufundayo ngentando kaNkulunkulu ukuze izibukeli zisibone siyizibonelo eziphilayo zokholo lobuKristu lweqiniso. Ngokufanayo, kufanele sithuthuke ekhonweni lokufundisa abanye ukuba babe abafundi abazinikezele bakaJesu Kristu.—Jak. 1:22-25; 1 Thim. 4:12-16.
14 Intuthuko Ihilela Ukukhuthazelela Izilingo: Ngisho noJesu Kristu wafunda izifundo ezibalulekile ngezinto ahlupheka ngazo. (Heb. 5:8) Nathi singafunda. Ngokufanelekile, intuthuko engokomoya iyakhuthazwa lapho siba nombono oqondile otuswayo kuJakobe 1:2, 3: “Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.” Ngaleyondlela, kungakhathaliseki ukuthi kudingeka sibhekane nenselele yezifo ezingumahlala-khona, ubunzima bezomnotho, ukuphila emkhayeni ohlukene, ukuphikiswa ensimini, nanoma iziphi izinhlobo zezimo ezimbi, sinesiqinisekiso sikaJehova sokuthi ngosizo lwakhe singanqoba futhi siqhubeke sithuthuka ekumkhulekeleni. (1 Kor. 10:13; 2 Kor. 12:9; 1 Pet. 5:8-11) Impumelelo ifinyelelwa ngokugxila ngaphansi kwazo zonke izimo, ‘sikhuluma njengokwamazwi kaNkulunkulu, sikhonza ngamandla esiwanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu.’—1 Pet. 4:11.
15 Yamukela Usizo Lokukwenza Uthuthuke Ngokwengeziwe: Uma ungumuntu odinga usizo ukuze wenze intuthuko engokomoya eyengeziwe, zimisele ukwamukela usizo oluvela elungwini lebandla elinokuhlangenwe nakho okwengeziwe. Ngisho nanoma usizo lungakasikiselwa kuwe, akudingeki uvumele amahloni ukuba akuphange ithuba lakho lokuthola usizo. Cela usizo. Zizwe ukhululekile ukufuna usizo kunoma yimuphi kwabanokuhlangenwe nakho ebandleni. Noma ungacela umqhubi wenu weSifundo Sencwadi Sebandla, umbonisi wenkonzo, nanoma yimuphi wabanye abadala ukuze uthole usizo oludingekayo.—Qhathanisa noGenesise 32:26; Mathewu 7:7, 8.
16 Ngokuqinisekile, kuyilungelo elimangalisayo ukuhlanganiswa ‘esixukwini esikhulu’ esanda njalo sezizwe zonke esithutheleka entabeni kaJehova yokukhulekela okuhlanzekile. (IsAm. 7:9) Kuyilungelo futhi ukumema abanye ukuba bahambe nathi njengoba sikhuphuka. Ngokwazisa okusuka enhliziyweni, kwangathi singaqhubeka sithatha isinyathelo esiqondile esiya entuthukweni eyengeziwe, sakhe ingokomoya kithi ngokwethu futhi senze lokho esingakwenza ekusizeni abanye ukuba bathuthuke kanye nathi enkonzweni kaJehova.