Ukuthuthuka Enkonzweni
1 Kunesisho esidala esikhuluma ngentuthuko esithi: “Ungasebenzeli emuva njengenkukhu.” Yeka indlela esisebenza ngayo lesosisho ekuthuthukeni enkonzweni! Lapho uqala enkonzweni, kungenzeka ukuthi wawukwazi ukwenza intshumayelo emfushane kuphela yesigijimi soMbuso. Kodwa uma sekwedlule iminyaka embalwa futhi ungazange udlule kulelobanga, usasebenzela emuva, yini ongayenza?
2 Isinyathelo sokuqala siwukucela uJehova ukuba akunikeze ukuhlakanipha okudingekayo ukuze ufundise ngekhono. (IzAga 15:14; Jak. 1:5) Isinyathelo sesibili siwukusebenza ngokuvumelana nomthandazo wakho. Bekela eceleni isikhathi esithile sokuba uhlole izintshumayelo ezisencwadini Ukubonisana. Thola eyodwa onomuzwa wokuthi ungayisebenzisa ngokuphumelelayo, futhi yifunde ngokuphindaphindiwe lentshumayelo kuze kube yilapho isingene ngokucacile engqondweni. Isinyathelo sesithathu siwukuhamba nabazalwane ensimini ukuze usebenzise intshumayelo oye wayilungiselela.
ABANGANE ABANGAKUSIZA
3 Kungenzeka uthi, ‘Lokho kulula ukukusho kunokukwenza.’ Yiqiniso, kodwa kungakho unabangane abangakusiza. Uma usemusha, xoxa nabazali bakho noma nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho abayizikhonzi ezikhiqizayo. Bacele ukuba bakunikeze ukusikisela ngendlela yokuxoxa nabantu emakhaya. Bangase basikisele ukuba kube nezikhathi zokuprakthiza lapho ungalinga khona intshumayelo yakho. Bangaba umnini-khaya, bephakamisa ukuphikisa okuvamile okuhlangatshezwana nakho emakhaya. Ngokuprakthiza ungafunda ukuxoxa nabantu ngekhono.
4 Unabanye abangane abangakusiza. Kunamaphayona aye afunda izindlela zokushumayela ngokuba nokuhlangenwe nakho nangokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Umqhubi wesifundo sencwadi okuso noma umbonisi wenkonzo naye angakwazi ukusebenza nawe endlini ngendlu futhi akubonise ngokwengeziwe indlela yokuxoxa kanye nokubonisana nabantu.
UKULANDELELA ISITHAKAZELO ESIBONISIWE
5 Sinesithakazelo sokunikeza usizo olungokomoya olwengeziwe kubantu abemukela izincwadi zethu. Lokho kusho ukuthi kumelwe siphindele ukuze sishukumise isithakazelo esengeziwe. Ngaphambi kokuba wenze impindelo, bukeza lokho owakusho ekuhambeleni kokuqala ukuze ukwazi ukuyithuthukisa ngokuphumelela ngokwengeziwe indaba eyadonsa isithakazelo sabo. Futhi khumbula ukuthi, nakuba sitshala futhi sinisela, nguJehova okhulisayo. Cela isiqondiso sakhe ngaphambi kokuba ubahambele. (1 Kor. 3:6; 2 Kor. 9:10) Njengoba sisiza abanye ukuba bafunde, nathi ngokwethu siyathuthuka.
6 Isinyathelo esilandelayo esibalulekile siwukuqalisa nokuqhuba isifundo seBhayibheli. Uma ubungakalifinyeleli lelozinga entuthukweni yakho engokwenkonzo, qhubeka uya kuJehova ngomthandazo futhi umcele akusize ukuba uthole futhi wondle onjengemvu. Ungase ukuthole kuwusizo ukubona indlela umfundisi ophumelelayo aqhuba ngayo isifundo seBhayibheli bese ulingisa izindlela zakhe zokufundisa. Futhi, bukeza ukwaziswa okukhuluma ngokufundisa njengalokho okutholakala kuyiNqabayokulinda kaMarch 15, 1985, amakhasi 22-31. Ngokuzilungiselela kanjalo, uzoba ngokulungele ukuqhuba isifundo lapho imithandazo yakho iphendulwa.
ZIBEKELE IMIGOMO FUTHI UYIFINYELELE
7 Ukufinyelela imigomo yokufundisa ngokuphumelela ngokwengeziwe, ukwenza izimpindelo, nokuqhuba izifundo kuthatha isikhathi. Ingabe ungazibekela omunye umgomo, wokuba iphayona elisizayo noma elivamile? Njengoba uqhubeka uthuthuka enkonzweni, ungaba umthombo wesikhuthazo kwabanye. Ungathola izibusiso eziningi ezivela kuJehova uma ungasebenzeli emuva kodwa uthuthuka kancane kancane.