Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaMay 4 kuya kuAugust 24, 1992. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Ekufundeni kwasobala, amakhefu enziwe endaweni efanele ayingxenye ebalulekile yokugcizelela. [sgZU k. 30 isig. 6]
2. Kufanele sifunde sinomqondo wokukukhumbula lokho kwaziswa ukuze sikusebenzise kamuva, kungakhathaliseki ukuthi isekuphileni kwethu siqu noma enkonzweni yasensimini. [sgZU k. 35 isig. 10]
3. Injongo yokuba namazwi enkulumo amaningi iwukugcizelela kubantu bezwe ukuthi oFakazi BakaJehova banolwazi futhi banekhono. [sgZU k. 55 isig. 7]
4. Imivubukulo iwubufakazi obuqand’ ikhanda obusekela ubuqiniso bencwadi kaDuteronomi. [siZU k. 37 isig. 8]
5. Lapho uNumeri 35:16 ethi, “Uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe” kusho ukuthi lelothuluzi lasetshenziswa ngamabomu njengesikhali. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka igZU79 6/22 k. 20.]
6. ‘Omkhulu’ okubhekiselwe kuye kuDuteronomi 1:17 wayeyobonakala emkhulu ngenxa yezinto zakhe ezibonakalayo, isizinda semfundo, noma okuthile okuphawulekayo akufezile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU77 9/1 k. 395.]
7. NgokukaDuteronomi 19:21 kufanele siphethe ngokuthi isijeziso sokufa sokubulala ngenhloso sasiyingxenye yomthetho waphezulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka igZU75 1/22 k. 23.]
8. “Okwambuliweyo” okukhulunywa ngakho kuDuteronomi 29:29 kwahlanganisa konke ukwaziswa okulotshwe eBhayibhelini. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 5/15 k. 31.]
9. UJehova wahlela ukuba isizwe sikaJuda ‘sifundise uJakobe izahlulelo zikaNkulunkulu, noIsrayeli umthetho kaNkulunkulu.’ (Dut. 33:10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 8/15 k. 11 isig. 7.]
10. AbaseGibeyoni babefanekisela insali. (Josh. 10:1-11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 12/15 k. 22 isig. 8.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Iyiphi inkinga enkulu okufanele inqotshwe lapho kunikezwa inkulumo efundwayo? [sgZU k. 31 isig. 9]
12. Singenziwa kanjani isihloko senkulumo? [sgZU k. 44 isig. 2]
13. Lisho ukuthini igama elithi Duteronomi, futhi ikuphi lencwadi eyanxusa ngakho? [siZU k. 36 isig. 4]
14. Yayiyini injongo yamaUrimi namaThumimi akuDuteronomi 33:8? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 1/15 k. 8.]
15. UMthetho kaNkulunkulu kumaIsrayeli wawuyoba kanjani ‘isikhumbuzo phakathi kwamehlo awo?’ (Dut. 6:8) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU73 10/15 k. 479.]
16. Amazwi kaJehova angasondla kanjani? (Dut. 8:2, 3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU85 6/15 k. 17 isig. 15.]
17. Kungani umthetho kaNkulunkulu kuDuteronomi 22:28, 29 uthi indoda engumIsrayeli eyayibe nobuhlobo bobulili nentombi engesiyo ingoduso kwakufanele iyishade futhi kwakungafanele yenze isehlukaniso nayo? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 31.]
18. Uma sicabangela izizwe ezisizanayo uIsrayeli ayebhekene nazo, isiphi isimo esifanayo esisibonayo namuhla? (Josh. 9:1, 2) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 12/15 k. 22 isig. 5.]
19. Esikhundleni sokunikeza indaba engokwesayensi ngokuhamba kwamaplanethi ekuJoshuwa 10:13, uJoshuwa wayehlose ukunikezani? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU82 3/15 k. 5.]
20. Imisho yokuqala yenkulumo kufanele ifeze ziphi izinjongo ezimbili? [sgZU k. 46 isig. 9]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
21. Lapho usuqedile ukufunda iBhayibheli, kuyoba okufanelekile ukuba nesikhathi esithile sokwenza ․․․․․․․ uma amaphuzu engacacile. [sgZU k. 34 isig. 7]
22. Lapho ulungiselela inkulumo, kufanele uwakhiphe amaphuzu angadingekile ngempela ․․․․․․․ sakho. [sgZU k. 41 isig. 10]
23. Ngokulungiselela kahle isabelo ngasinye eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, sizivumela ukuba ․․․․․․․ yilesimiso semfundo esilungiselelwe uJehova. [sgZU k. 43 isig. 18]
24. Ukuthi “uthatha konke okuphilwa ngakho” kungafana nokuthatha lokho umuntu ․․․․․․․. (Dut. 24:6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU84 9/1 k. 29.]
25. IBhayibheli linikeza incazelo ․․․․․․․ kuNumeri 35:20, 21. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ig74 5/8 k. 27.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Kuhle ukubuza abaninikhaya imibuzo ngenxa yokuthi (ibenza bathambekele kakhulu ekulaleleni; ibenza babone ukuthi abayazi impendulo; ibasiza ukuba baqaphele ukuthi inkolo yamanga ayizange ibafundise kahle). [sgZU k. 52 isig. 12]
27. Inyoka yethusi yayikhomba phambili (kuSathane; iNkosi uDavide; uJesu). (Num. 21:8, 9) [siZU k. 35 isig. 34]
28. UPetru ucaphuna (kuLevitiku; kuNumeri; kuDuteronomi) ukuze aqinise iphuzu lakhe lokuthi uJesu unguKristu futhi unguMprofethi omkhulu kunoMose. [siZU k. 41 isig. 31]
29. Incwadi kaJoshuwa ihlanganisa inkathi esukela (ku-1513-1473; 1473-c. 1450; 1473-c. 1100) B.C.E. [siZU k. 42 isig. 5]
30. “Ukwenza ngokuhlakanipha” kwakuyosho ukwenza (ngokuvumelana nalolonke ulwazi oluqongelelwe lwaseGibithe; ngokuqonda; ngokuhlakanipha). (Josh. 1:8) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 3/15 k. 13 isig. 10.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Num. 21:5, 6; 23:23; 32:23; Dut. 12:24; Math. 28:19, 20
31. Ngokuqondene naleziyalezo, umKristu ngamunye kudingeka athuthukise ikhono lakhe lokufundisa. [sgZU k. 49 isig. 2]
32. Lapho exwayisa ngokukhononda, uPawulu wabhekisela kulombhalo. [siZU k. 35 isig. 36]
33. Ngenxa yalomthetho owenqabelayo, oFakazi BakaJehova abazivumeli izinqubo zokugcinwa kwegazi labo bese kamuva libuyiselwa kubo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 3/1 k. 30.]
34. Isimiso lapha siyafana naleso esikweyabaseGalathiya 6:7: “Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.” [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU73 1/1 k. 4.]
35. OFakazi BakaJehova ababesabi ubuthakathi noma iziphonso uma belahla noma yini ehlangene nobuthakathi, kuhlanganise nezigqizo zokuzivikela noma “imithi” ethakwe inyanga. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka igZU71 2/22 k. 7.]